Upload
others
View
15
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
03ipid
ipidIndependent Police Investigative Directorate
ZULU
Independent Police Investigative Directorate
ipid
INHLOSOMBONO
Ukukhuthaza ukuziphatha kwamaphoyisa ngendlela ehambelana nemigomo yoMthethosisekelo.
INTSHISEKELO
Isigungu sophenyo nokuqapha esiyimpumelelo, esizimele nesingachemile esizibophele kubulungiswa nasekusebenzeleni umphakathi ngenkathi sigcina amazinga aphakeme esithunzi nokwenza kahle.
AMAgugu
I-IPID yethemba ukubambelela kumazinga aphezulu enkambiso enhle yokuziphatha, isithunzi kanye nokuqhubeka nokusebenzisa amagugu ethu. Lokhu okulandelayo ngamagugu abalulekile esisebenza futhi siphendule ngawo.
• Ukuhloniphana nokwethembana• Ubuqotho nokuthembeka• Ubusobalanokungabinamfihlo• Ukulingana nokungenzeleli• Ukunakekela nokuzinikela
ISITATIMENDE SOKuHLOSIWE
Inhloso yoPhiko Oluzimele Oluphenya Amaphoyisa (i-IPID) ukuqinisekisa ukuqapha okuzimele okwenziwa eMaphoyiseni aseNingizimu Afrika(i-SAPS) kanye naseMaphoyisa Kamasipala (i-MPS), kanye nokwenza uphenyo oluzimele nolungachemile lwamacala aphawuliwe obugebengu okusolwa ukuthi enziwe ngamalungu e-SAPS kanye nawe-MPS, kanye nokwenza izincomo ezifanele.
Independent Police Investigative Directorate
ipid
ipid ipid 01
uMSEBENzI WE-IPID
Umsebenzi we-IPID ngukwenza upheyo oluzimele nolungachemile lobugebengu obuchaziwe obenziwe ngamalungu aMaphoyisa aseNingizimu Afrika(i-SAPS) kanye naMaphoyisa Kamasipala (i-MPS).
uQuKETHENI uMTHETHO OMuSHA?
Lokhu kusebenza kweluliwe futhi kwagxiliswa umthetho woPhiko Oluzimele Oluphenya Amaphoyisa (i-IPID) owasayindwa wenziwa umthetho nguMongameli Zuma mhla zi-12 Meyi 2011. Umthetho we-IPID uqala ukusebenza kusukela mhla zi-01 Ephreli 2012. Lokhu kusho ukuthi i-IPID izophenya amacala aphawulwe eMtheweni we-IPID kuphela.
IzINHLOBO zAMACALA OKuFANELE zIPHENYWE
I-IPID kufanele iphenye amacala (achaziwe) alandelayo:• nanoma ngabe yikuphi ukufa kwabantu ezandleni zamaphoyisa;• ukufa ngenxa yezenzo zamaphoyisa;• nanoma yisiphi isikhalazo esimayelana nokudutshulwa kwesibhamu somthetho okweziwa
yinoma yiliphi iphoyisa;• ukudlengulwa yiphoyisa, noma ngabe iphoyisa lisemsebenzini noma cha;• ukudlengulwa kwanoma yimuphi umuntu ngenkathi esezandleni zamaphoyisa;• nanoma ngabe yisiphi isikhalazo sokuzwisa ubuhlungu noma ukulinyazwa yiphoyisa
ngenkathi lenza umsebenzi walo;• ingaphenya inkohlakalo ehlelekile emaphoyiseni, uphenyo luqaliswa nguMqondisi Omkhulu
ngokwakhe, noma ngemuva kokuthola isikhalazo esivela elungwini lomphakathi, noma okudluliselwe oPhikweni nguNgqongqoshe, ngu-MEC noma nguNobhala Wamaphoyisa, njengoba kunokwenzeka; futhi
• nanoma ngabe iluphi udaba oludluliselwe kulo ngengxa yesinqumo soMqondisi Omkhulu, noma sikaNgqongqoshe, u-MEC noma uNobhala WamaPhoyisa , njengoba kunokwenzeka.
AMAPHOYISA ANESIBOPHO SOKuBA ABIKE
UKhomishane Wesiteshi, nanoma iliphi ilungu le-SAPS noma le-MPS kufanele:• ngokushesha ngemuva kokwazi, lazise uPhiko nganoma iluphi udaba okufanele luphenywe
uPhiko; futhi• kungakapheli amahora angama-24 ngemuva kwalokho, lifake umbiko obhaliwe ngalolo
daba oPhikweni ngefomu nendlela ebekiwe.
02
AMAPHOYISA ANESIBOPHO SOKuLANDELA NOMA APHENDuLE IzINCOMO
Isibopho sokulandela noma ukuphendula izincomo zokuqondiswa kwezigwegwe ze-IPID sibekwe kuKhomishane Kwazwelonke ngokuthi kufanele:• kungakapheli izinsuku ezingama-30 zokutholaka kwalokho, athathe izinyathelo
zokuqondisa izigwegwe ngokwezincomo zoPhiko futhi azise uNgqongqoshe ngokubhaliwe, futhi anikeze uMqondisi Omkhulu noNobhala Wamaphoyisa ikopi ngokunjalo;
• afake njalo ngekota umbiko obhaliwe kuNgqongqoshe ngokuqhubekayo mayelana namacala okuqondiswa kwezigwegwe futhi anikeze uMqondisi Omkhulu noNobhala Wamaphoyisa ikopi ngokunjalo; futhi
• aphethe ngokushesha nanoma iluphi udaba lokuqondiswa kwezigwegwe oludluliswelwe kuyena uPhiko, azise uNgqongqoshe ngokubhaliwe ngesiphetho salokho, futhi anikeze uMqondisi Omkhulu noNobhala Wamaphoyisa ikopi yalokho.
AMAPHOYISA ANESIBOPHO SOKuBA ABAMBISANE NE-IPID
Amalungu e-SAPS noma e-MPS kufanele abambisane ngokuphelele noPhiko, kumbandakanya kodwa kungapheleli: • kumalungiselelo okukhomba eningini kungakapheli amahora angama-48 esicelo esenziwe
wuPhiko; • ekubenikhonakwamalunguekuthathenii-afidavidinomaisitatimendeesiqinisekisiwenoma
ekunikezeni ubufakazi noma ekukhipheni nanoma imuphi umbhalao osezandleni zelungu noma ongaphansi kolawulo lwalo onomthelela odabeni oluphenywayo;kanye
• nanoma iluphi ulwazi noma umbhalo odingwayo ngenhloso yophenyo.
03ipid
IzIPHI IzIKHALAzO I-IPID ENgEKE ISASEBENzA NgAzO?
• Amacala okungalandeli uMthetho Wodlame Lwasemakhaya ngamalungu e-SAPS
I-IPID angeke isasebenza ngamacala wokungalandeli i-DVA ngamalungu e-SAPS. Izikhalazo zokungalandeli lomthetho zizosetshenzwa wuPhiko lukaNobhala Wamaphoyisa.
• Izikhalazo ngamalungu e-SAPS kanye nawe-MPS zokuhlinzekwa kwezinsinza
I-IPID ayisezukuphenya ngezikhalazo ngamalungu e-SAPS kanye nawe-MPS zokuhlinzekwa kwezinsinza, ezimweni ezifana nokwehluleka ukuphenya, ukwehluleka ukusiza, ukwehluleka ukubuya unike impendulo, ubuluhlaza kanye nokungaziphathi kahle kwamaphoyisa. Lezikhalazo manje sezisetshenzwa ngabaseshi emahhovisi oKhomishane Bezifundazwe e-SAPS.
LOKHO I-IPID ENgEKE IKuPHENYE
I-IPID ayisebenzi ngalokhu okulandelayo:• Izikhalazo ngezehlakalo ezenzeke ngaphambi kokusungulwa koPhiko Oluzimele
Lwezikhalazo (i-ICD) mhla zi-1 Ephreli 1997 kanye nalezo ezenzeka esikhathini esedlula unyaka ngaphambu kokuba zibikelwe i-IPID, ngaphandle kwezimo ezikhethekile.
• Izikhalazo ngabasebenzi boMnyango Wokuqondiswa Kwezimilo, izikhulu zasenkantolo, kanye namalungu oMbutho Wezokuvikela.
• Izikhalazo esezasetshenzwa noma okunjengamanje zisezandleni zezinkantolo.• Izikhalazo ezingezona ezohlobo lobugebengu, isib. isehlukaniso, ukubuyiswa kwezimali
noma ukuboshwa ngokungemthetho, njll.
NguBANI ONgAFAKA ISIKHALAzO?
Nanoma ngabe ngubani, kungaba ngumhlukunyezwa, ufakazi noma omele omunye, izinhlangano ezingozimele geqe kanye nezomphakathi.
NgINgASIFAKA KANJANI ISIKHALAzO?
Isikhalazo singafakwa mathupha, ngocingo, ngencwadi noma nge-emeyili kunoma iliphi ihhovisi le-IPID. Isikhalazo kufanele sigcwaliswe kwifomu lokubhalisa izikhalazo (iFomu 2), elitholakala emahhovisie-IPID.IFomu2liyafinyelelekafuthiekhelinile-websiteye-IPIDelithi:http://www.ipid.gov.za
04
Uphenyo
Ukuya endaweni okwenzeke kuyo
icala
Ukubhala izitatimende
Umbiko onesincomo oya ku-DPP kanye nekopi
eya ku-SAPS
Ukushushiswa
Umbiko oya kwiklayenti
Ukuvela phambu kwenkantolo
Ukuboshwa/ukudedelwa
Bika isikhalazo ku-IPID
Ukuxoxisana ngecala
Ukwenza komnyango we-
SAPS
Umbiko oya kwiklayenti
Umbiko oya kwiklayenti
Ukuvinjelwa / ukukhishwa
Ukufa kwabantu ezandleni
zamaphoyisa
Ukufa ngenxa yezenzo
zamaphoyisa
Ukudutshulwa kwesibhamu somthetho
yinoma yiliphi iphoyisa
Ukudlengulwa yiphoyisa
Ukudlengulwa kwanoma yimuphi umuntu ngenkathi
esezandleni zamaphoyisa
Ukuzwiswa ubuhlungu noma
ukulinyazwa yiphoyisa
Inkohlakalo ehlelekile eyenziwa
amaphoyisa
SIzOSETSHENzWA KANJANI ISIKHALAzO SAMI?
05ipid
NgINgAXHuMANA KuPHI NE-IPID?
AMAHHOvISI EzIFuNDAzWEAMAHHOVISI EZIFUNDAZWE
IKHELI LOMGWAQO INOMBOLO YOCINGO
INOMBOLO YEFEKSI
E-MAIL ADDRESS
KwaZulu-Natali 3RD Floor, The Marine Building, 22 Dorothy Street Nyembe Street(Gardiner Street,Durban
031 310 1300 031 305 8214 [email protected]
eGauteng 20TH Floor, Marble Towers Building, NO. 208-212 Jeppe Street, Johannesburg
011 220 1500 011 333 2705 [email protected]
eLimpopo 2nd Floor Femnic Building, 66 A Market Street, Polokwane
015 291 9800 015 295 3409 [email protected]
Mpumalanga Nedbank Centre, 1st Floor, 48 Brown Street, Nelspruit
013 754 1000 013 752 2602 [email protected]
eMpumalanga Kapa
Mezzannine Floor Permanent Building, 42-44 Oxford Street, CNR. Oxford & Terminus Streets, East London, 5200
043 706 6500 043 722 2889 [email protected]
eFreyistata 15 CNR Andrew &Westburger Streets, Ground Floor, Standard Bank Building, Bloemfontein
051 406 6800 051 430 8852 [email protected]
eNyakatho Kapa
39 George Street, Kimberley 053 807 5100 053 832 5615 [email protected]
eNyakatho-Ntshonalanga
No.1 Station Road, Molopo Shopping Centre, 1st Floor, Mafikeng,2745
018 397 2500 018 381 1495 [email protected]
eNtshonalanga Kapa
Fintrust Building, 1st Floor, Corner Petrusa & Mazzur Street, Bellville, 7530
021 941 4800 021 949 3196 [email protected]
AMAHHOvISI ANgOMAHAMBA NENDLWANA E-IPID AMAHHOVISI ANGOMAHAMBA NENDLWANA
IKHELI LOMGWAQO INOMBOLO YOCINGO
INOMBOLO YEFEKSI
KwaZulu-Natali 10 Union Street, Edwards Pharmacy Building, First Floor Room 1
035 772 3022 035 772 3049
eFreyistata Physical Address : 28 Louw Street, Maseroy Building, Bethlehem, 9700
058 307 7620058 307 7621
086 6300927
eMpumalanga Kapa 10thFloorPRDBuilding,Officenumber1056B,Suiderland Street, Umthatha
047 501 5900 047 531 1570
eNyakatho Kapa 13 Kooperasie Straat, Upington 054 338 5700 054 331 0053eNyakatho-Ntshonalanga 165 Klopper Street, Rustenburg 014 591 8560 014 592 1349eLimpopo Thohoyandou, Limdev Building, Limpopo
DevelopmentCorporation,Groundfloorofficeno: D1
015 962 0405 015 962 0345
HEAD OFFICE
Physical Address: City Forum Building, 114 Madiba (Vermeulen) StreetPostal Address: Private Bag x 941, Pretoria, 0001Tel: (012)399 0000Fax: (012)326 0408E-mail: [email protected]: www.ipid.gov.za