Upload
others
View
0
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
UmandUlo • 2016
Inqubomgomo entsha yokwelashwa kwengculazi Umdlavuza wobungane Unakekelo lwamehlo
Nokunye ngapha-
kathi!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
mahala
Umakoti omnyama.UkUziqhenya ngobUmnyama.UkUkhUliseka kahle.
Kuyasijabulisa ukuthi isiqalisiwe ezweni
lonke iNqubomgomo entsha Yokuhlola Nok-
welapha igciwane lengculazi i-UTT. Lokho
kuchaza ukuthi kusukela lu-01 kuMandulo
2016, noma ubani ohlola atholakale enegciwane lengcu-
lazi uyoqaliswa imishanguzo ngaleso sikhathi, kungaze
kulindwe i-CD4 count yakhe yehle ifike ezingeni elithile.
kuze kube yimanje, abantu bebeqaliswa imishan-
guzo uma i-CD4 count yabo isingama-500. Ngapham-
bilini kwakuba ngama-350 nawo esuka kwangama-200.
Lolu hlelo olusha luhambisana nemigomo yeNhlangano
Yomhlaba Yezempilo ethi ukuqaliswa kwemishanguzo
kubantu abanegciwane lengculazi kungabhekiwe i-CD4
count yabo kunemihlomulo. Kwaqale kwamenyezelwa
uNgqongqoshe Wezempilo Kuzwelonke uDkt Aaron
Motsoaledi ethula isabelomali sakhe ngoMbasa walo
nyaka. Impela le ndlela yoku “Hlola Welaphe” ibalulekile
embhidlangweni wethu wokuphuculwa ukuhlinzekwa
kwemishanguzo kanye nokunqinda ukusabalala kwegci-
wane lengculazi ezweni lonke.
uhulumeni, ngokubheka ucwaningo olwenziwe,
eminyakeni embalwa edlule uqede ukuthi imishanguzo
ihlinzekwe ngokwe-CD4 count kubantu besifazane
abakhulelwe, izingane ezineminyaka engaphansi kwe-
mi-5 kanye nabantu abanegciwane lengculazi lihlangene
nesifo sofuba. Lokhu sekudluliselwa kubo bonke abantu
abanegciwane lengculazi. NgokoMnyango Wezempilo
Kuzwelonke, ukuqaliswa kwe-UTT kuzobamba iqhaza
emigomweni yoMshuwalense Kazwelonke Wezem-
pilo wokukhuphula iminyaka yokuphila kwabantu iye
okungenani eminyakeni engama-70 ngowezi-2030 –
abanegciwane lengculazi sebengaphila isikhathi eside
uma bethola imishanguzo.
siyazi ukuthi ukuqaliswa kohlelo u“Hlola &Welas-
hwe” kuzokwenza iningi labantu abanegciwane
lengculazi bakwazi ukuthola imishanguzo okungaholela
ekwandeni kwemigqa nezikhathi zokulinda ezikhun-
gweni zezempilo. Ukuze kwehliswe umthwalo ezigulini
nasezikhungweni, uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal
usuqalise uhlelo lokukhipha iziguli ezingaguli kakhulu.
Labo abangadingi ukubona umhlengikazi noma udo-
kotela bazofakwa ohlelweni lokuhlinzekwa kwemithi
yezifo eziyisimbelambela. Kulolu hlelo, iziguli zithola
imishanguzo yezifo zazo endaweni eseduze namakhaya
azo. Lokho kuchaza ukuthi iziguli ezingadingi ukubona
umsebenzi wezempilo, asikho isidingo sokuba ziye em-
tholampilo ziyolanda imithi yazo ngoba iyothunyelwa
ezikhungweni eziseduza namakhaya azo.
ebantwini abayizigidi ezi-3.4 baseNingizimu Afrika
abanegciwane lengculazi, abayisigidi esi-1.1 ngabase-KZN.
NjengeKwaZulu-Natal, sisesimweni esihle sokuqalisa u
“Hlola Welashwe” ngoba sinabahlengikazi abaqeqeshelwe
uhlelo i-Nurse-Initiated Management of Antiretroviral
Treatment (NIMART), ngoba akumele ukuba sithembele
kodokotela kuphela ukuba bakhiphe imishanguzo yegci-
wane lengculazi. Abahlengikazi abaqeqeshelwe i-NIMART
bakuso sonke isifundazwe. Sicela ukuba umphakathi
uhlolelwe igciwane lengculazi okungenani kanye ngo-
nyaka ukuze labo abatholakala benegciwane bezosheshe
bathole imishanguzo yegciwane.
sicela zonke iziguli ezihlolwe zatholakala zine-
gciwane lengculazi ngaphambilini kepha zangaqaliswa
ukwelashwa ngenxa yokuba ngokohlelo oludala bez-
ingakehlelwa yi-CD4 count ize ibe ngama-500 ukuba zize
zizoqaliswa imishanguzo.
njengoba sihlola bese selapha, kumele siqinise-
kise ukuthi akukho ukutheleleka okusha. Uma sifisa uku-
nqoba impi yegciwane lengculazi nengculazi, kumele
kushintshe indlela yokuziphatha, ikakhulukazi kubantu
abasha. Umyalezo wethu owokuthi kumele izifo zig-
wenywe ngoba kungcono ukugwema kunokwelapha.
Abantu abasha bayacelwa ukuba bangalwezi ucansi uma
kunokwenzeka noma bavikeleke kabili ngokusebenzisa
amakhondomu abesilisa nawabesifazane uma benza
ucansi, bebe bekuhlanganisa nokusoka kwabesilisa.
sinxusa abazali, ababheki bezingane kanye
nabantu abasha ukuba bakhethe indlela yokuthi ku-
sokwe ngoba ukusoka kwatholakala ukuthi kuwehlisa
ngama-60% amathuba okwedluliseleka kwegciwane
lengculazi lisuka kowesilisa liya kowesifazane.
INkosi Inibusise!
Ungabu-phuzi utshwala
Ukhulelwe?
Utshwala bUngadala UKUlimala Kweng-qondo KwesiKhathi eside enganeni yaKho.
Ungabuphuzi utshwala uma ukhulelwe.
Kulula.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Umyalezo ovela ku
meC wezempilo e-KZn,
udkt sibongiseni dhlomo
ONGAXHUMANA NABOThe Cancer Association of South Africa ..................0800 22 66 22Childhood Cancer Foundation South Africa ...........................086 111 2182The Sunflower Fund .............................................0800 12 10 82Addington Hospital ........031 327 2000Inkosi Albert Luthuli Central Hospital .................031 240 1000King Edward VIII Hospital ......................................031 360 3111Grey’s Hospital....................033 897 3000
Um
an
dU
lo 2
016
okuqukethwe
i-endometriosisUKUKhanyisa
isiKhUmba
Um
dla
vUZ
a w
ob
Un
ga
neUkuhlonzwa
kusenesik-
hathi kuphe-
phisa impilo!
Iqala kanjani imidlavuza yobungane?Umdlavuza uqala ngamaseli okuyiwona akha imizimba yethu. Kwakheka amaseli amasha njengoba sisuke siwadinga bese amadala efa. Kwenye inkathi amaseli amadala awafi, abe eseba umdlavuza.
Konke mayelana nomdlavuza wegaziLo mdlavuza owejwayelekile ebunganeni uqala emnkantsheni. Amaseli amhlophe egazi alwa nezifo, emdlavuzeni wegazi, umnkantsha ukhiqiza amaseli amhlophe egazi angalungile enza kube nzima ukuba igazi lenze umsebenzi walo. Lezi ezinye zezimpawu zomdlavuza wegazi, kepha khumbula ukuthi zingabangwa ezinye izimo enganeni yakho, ngakho hlala njalo uxhumana nomsebenzi wezempilo oyohlola ingane yakho bese ekutshela ngesisusa.
Okumele ukuqaphele Ukukhathala kanye nesikhumba
esiphaphathekile Ukugula nemfiva Ukusheshe wophe noma ukutubuzeka Ubuhlungu bethambo Ukukhukhumala kwesisu Ukukhwehlela, inkinga yokuphefumula Ukuvuvuka kobuso nezingalo Ikhanda, ukuquleka, noma ukuphalaza
IzIndlela zOkwelashwa Indlela yokwelapha iyoya ngeminyaka yengane yakho, impilo yayo kanye nokusabalala kwesifo. Ukwelapha okwejwayelekile yilokho kwemisebe bese kuthi kwezinye izimo kube ukunikelelwa ngomnkantsha. Ukuze ingane inikelelwe ngomnkantsha kumele ithole onofana nse nowayo. Kunokukhulu ukwentuleka kwabanikelayo lapha eNingizimu Afrika.
INingizimu Afrika idinga abazonikela okungenani abayi-100, 000 ukuze kusizakale izingane ezinalolu hlobo lomdlavuza.
UnaKeKelo lwamehlo
Uma UhlonZwe KUsenesiKhathi KUngelashwa iZingane eZingama-70%–85%
ngaKho UngaZibambeZeli!
izingane ezithi azibe ngama- 800 lapha eningizimu afrika zitholwa zinomdlavuza bese kuthi ezingama-500 zishone
ungakahlonzwa noma ungake-lashwa. Umdlavuza wegazi
ungumdlavuza owejwayelekile ohlasela izingane, ngakho
uma ungumzali, funda kabanzi ngawo ukuze wazi ukuthi
ungayisa nini ingane yakho ukuba iphinde iyohlolwa.
Ukuqonda umdlavuza wegazi
UKUqwashisa ngenhliZiyo
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
IZITHOMBE: shutterstock.com
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UmdlavUZa wobUngane Okumele ukuqaphele
UKUKhanyisa isiKhUmba Uyabazi ubungozi?
UmfaneKiso Ukuqwashisa ngezesimo sendawo kusithinta sonke
iZindaba ZeZempilo e-KZn Ezakamuva ezivela eMnyangweni Wezempilo
iZinsUKU ZoKUqwashisa Izinsuku Zezempilo Ngale Nyanga
UKUqwashisa ngenhliZiyo Izinkoleloze Namaqiniso okumele uwazi
UnaKeKelo lwamehlo Kuyagwemeka ukungaboni, phuthuma kusenesikhathi
i-endometriosis Yazi amaqiniso
isifo senhliziyo asikhethi muntuisifo senhliziyo asikhethi muntu
UK
UK
ha
nyi
sa
isiK
hU
mb
a
ISIXWAYISO esisha ngemik-hiqizo ekhanyisa isikhumbaEseka umkhankaso Wokulwa Nokukhanyisa Isikhumba owethulwe eThekwini ngenyanga edlule, uNgqongqoshe uDhlomo uthe imikhiqizo eminingi ekhanyisa isikhumba inamakhemikhali ayingozi aholela kumdlavuza kanye nokushesha ufe.
“Amashumi ngamashumi eminyaka sibone abantu besha futhi belimala ngenxa yokusebenzisa le mikhiqizo yokukhanyisa isikhumba ikakhulukazi kuma-Afrika namaNdiya. Kunomqondo ongalunganga owawuqhakanjiswa wokuthi ukuba Mnyama, ikakhulukazi uma umnyama kakhulu, kwakuyamaniswa nemicabango emibi. Okwakuqondiwe ukuthi ukuba nebala elimnyama ngokwemvelo kwakunogcobho; ukuba mhlophe manje
kwase kuyinto ejwayelekile ukuthi abantu abamnyama bayenze.
“Imikhiqizo eminingi, ethembisa ushintsho oluyisimangaliso, yabe seyenziwa futhi yadayiselwa ikakhulukazi umphakathi oMnyama. Ngenxa yalokho abesifazane abaMnyama kanye nabesilisa abaMnyama abaningi balimaza imizimba yabo futhi baze bafa ngenxa yokusebenzisa imikhiqizo, enamakhemikhali anobungozi eyayibathembisa usizo olusebhodleleni,” kusho uDhlomo.
UNgqongqoshe uDhlomo waphinda wenza isicelo kwabezomthetho ukuthi basukume ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi le mikhiqizo engekho emthethweni iyasuswa emashalofini, ishabalaliswe futhi ingaphinde ingeniswe ezweni.
“Esikhathini es-edlule sibone abantu benezis-handa nobuso obungamile ngendlela ngenxa yemikhi-qizo ekhanyisa isikhumba.”
– uDkt sibongiseni Dhlomo
“…njengoba oyedwa kwabathathu abesifazane baseNingizimu Afrika bevuma ukuthi
basebenzisa izikhanyisisikhumba, kepha bangama-21% abasebenzisa izivikelilanga.”
– usolwazi Ncoza Dlova
yamUKela UbUhle baKho bendalo! isiKhUmba oZalwe naso yisona esihamba phambili.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-natal udkt usibongiseni dhlomo unxuse abantu ukuthi bayichithe imikhiqizo ekhanyisa isikhumba bamukele ibala labo ngokuziqhenya.
UDokotela wesikhumba ohamba phambili useka isicelo sikaNgqongqosheUdokotela wesikhumba waseThekwini ohamba phambili, uSolwazi Ncoza Dlova usebambisene noMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal ukuqwashisa ngalolu daba. UDlova, owenza ucwaningo ngokusetshen-ziswa kwezigcobo ezikhanyisa isikhumba, ux-wayise ngokuthi iningi labasebenzisa lokhu abanalo nolwazi ngobungozi balokhu.
“Ucwaningo lwethu lwagqugquzelwa ukukhula kwesibalo seziguli emitholampilo ezaziza nezinkinga zokusebenzisa izig-cobo ezikhanyisa isikhumba. Esakuthola kwakuthusa kakhulu, ikakhulukazi njengoba umthetho waseNingizimu Afrika udinga ukuthi osabalalisa umkhiqizo abazise abesi-fazane ukuthi basebenzise imikhiqizo evikela ilanga uma begcoba umkhiqizo okhanyisa isikhumba. Kepha, nangale kwalesi sidingo, awukho umkhiqizo kweyi-10 ehamba pham-bili eNingizimu Afrika noma emazweni an-gaphandle odayiswayo oxwayisa abathengi ukuthi bayeke ukusebenzisa leso sigcobo uma kukhona ukungaphatheki kahle abakuz-wayo noma batshelwe ukuthi lo mikhiqizo usetshenziswe kanye nemikhiqizo evikela ilanga. Futhi njengoba oyedwa kwabathathu kwabesifazane abamnyama baseNingi-zimu Afrika bevuma ukuthi basebenzisa imikhiqizo ekhanyisa isikhumba, bangama-phesenti angama-21 kuphela abasebenzisa okokuvikela ilanga,” kuchaza uDlova obuye abe yinhloko yenhlangano yokuqala ezweni i-Women Dermatologic Society.
Imboni yokukhanyisa isikhumba ibukwa
njengemakethe enenzuzo emhlabeni wonke, edayisa izinkulungwane ngezinkulungwane zamadola, kubandakanya neNingizimu Af-rika. Futhi, nangale kokukhathazeka okukhu-layo ngamakhemikhali asetshenziswayo kanye nengozi yomdlavuza wesikhumba, uDlova uthi abesifazane nabanye besilisa bayaqhubeka nokusebenzisa le mikhiqizo njengendlela yokuthi bamukeleke kakhulu. okukhathaza kakhulu, umkhankaso wokukhangiswa kwale mikhiqizo kubantu abasebasha njengomzamo wokubenza bavume ukwamukela ibala elikhanyayo njenge ‘lithandeka kakhulu’.
Ngokocwaningo lukaDlova, iningi lalezi zigcobo, okubandakanya nemikhiqizo ethandwayo yakuleli, liqukethe ingxube ekhanyisa isikhumba esiyavalwa njenge-mercury, i-phenol, i-resorcinol, ama-steroids kanye ne-hydroquinone.
“Ukukhanyisa isikhumba akuwona nje umthwalo wenhlalongqondo kepha ngokun-jalo uwudaba olukhulu lwempilo yom-phakathi oludinga ukuthuthukiswa kwemin-genelelo eqondile ebhekiswe ekuguquleni imicabango kanye nokufundiseka kwaba-thengi ngobungozi balo mkhuba, okuyilokho lo mkhankaso oqonde ukukwenza.
Ukuzenyeza okwalandela ukubuswa ngamanye amazwe kanye nokukhangisa kwabezindaba kugqamisa ukuba nesikhum-ba esikhanyayo nokuba mncane ngom-zimba njengento edingekayo kanti lokhu kumele kuguquke. Umkhankaso Wokulwa Nokukhanyisa Isikhumba awuzukugcina nje ngokufuna ukuthi kube khona okunye okwenziwayo ukulwa nemikhiqizo ekh-anyisa isikhumba, kepha futhi ukuthi kube
nomkhankanso ongaphezulu wokuqwashisa abathengi ngamakhemikhali asevaliwe asetshenziswayo futhi uncome nendlela efanele yokusebenzisa imikhiqizo evumele-kile emakethe. Ngaphezu kwalokho, sifuna ukuthumela umyalezo onamandla wokuthi sidinga ukwamukela ubuhle bethu bem-velo, nokuthi ukuba Mnyama kuhle nokuthi isikhumba esikahle yileso owazalwa naso,” kusho uDlova.
usuku lomhlaba wonke loku-nakekelwa kwendawo esihlala kuyo
usuku lomhlaba wonke loku-nakekelwa kwendawo esihlala kuyo
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ikwAzUlU-NAtAl isiqAlilE ukusebenzisa inqubomgomo entsha we-antiretroviral treatment (ART) woku`Hlolwa bese uLashwa`, oqale ukusebenza kule nyanga.
Ngaphansi kwale nqubomgomo entsha, zonke iziguli ezineGciwane Lengculazi zizoni-kwa imithi kungakhathaliseki ukuthi i-CD4 count yazo ithini – okuhambisana nomhlah-landlela Wenhlangano Yomhlaba Yezempilo.
UMnyango Wezempilo Kuzwelonke uthi inqubomgomo yoku ’Hlolwa bese Ulashwa’ izoba nomthelela emgomweni Womshu-walense Kazwelonke Wezempilo wokwandisa iminyaka yokuphila kwabantu iye okunge-nani ema-70 ngonyaka wezi-2030 – abantu abatholwe beneGciwane Lengculazi nabo bangaphila isikhathi eside futhi bephile kahle uma sebethatha imishanguzo yengculazi.
Amukela le nqubomgomo entsha, uNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal uDkt uSibongiseni Dhlomo uthe: “UMnyango Wezempilo Kuzwelonke uyazi ukuthi lesi simemezelo sizokwenza ukuthi abantu abaningi abaneGciwane Lengculazi bakwazi ukuthola izidingo zemishanguzo yengculazi (ART), okungaholela ekutheni kube ne-siminyaminya futhi nesikhathi esengeziwe sokulinda ezikhungweni zezempilo.
Ukuze kunciphe umthwalo kubo boba-bili iziguli nezikhungo zezempilo, uMnyango usuqale uhlelo lokuthululela iziguli esezingco-no, lezo ezingasadingi ukubona umhlengi-kazi noma udokotela ngaphezu kwesikhathi esisodwa ngonyaka, emaqenjini asekelanayo nasohlelweni olukhipha futhi lusabalalise imithi yezifo eziyisimbelambela lapho iziguli zingasho khona ukuthi imithi yazo ingathunyelwa khona, eduze namakhaya azo. Lokhu kusho ukuthi iziguli ezingadingi ukubona abasebenzi bezempilo akufanele ziye emtholampilo ukuze zilande imithi yazo njengoba izothunyelwa endaweni eseduze namakhaya azo.
UNgqongoshe uDhlomo uphinde wan-coma abahlengikazi abaqeqeshelwe i-Nurse Initiated Management of Antiretriviral Treat-ment (NIMART), engeza ngokuthi ubukhulu bomsebenzi esibhekene nawo busho ukuthi ngeke sithembele kuphela kodokotela ukuthi bahlinzeke ngemishanguzo yengculazi.
Isicelo ezigulini ukuthi ziphumele obalaUNgqongqoshe uDhlomo uphinde wacela zonke izigulu ezihlolwe zatholwa ukuthi zineGciwane Lengculazi phambilini kepha zangakuthola ukwelashwa, ngenxa yokuthi bezingaphansi komkhawulo waphambilini we-CD4 count yama-500, noma ngenxa yez-inye izizathu, ukuthi ziphumele obala ukuze ziqaliswe imishanguzo.
IMISHANGUZO YENGCULAZI ISINIKEZWA ZONKE IZIGULI EZINE-
GCIWANE LENGCULAZI - KUN-GAKHATHALELWE I-CD4 COUNT
UNgqoNgqoshE UDhlomo uphinde wacela abafundi ukuthi babeke imfundo yabo phambili, ngenkathi evakashele isikole sama-banga aphezulu iNdlangamandla eNquthu, KwaZulu-Natali.
Ekhuluma nezingane, uxwayise amantom-bazane esikole ngobungozi bokukhulelwa waphinda futhi waxwayisa abafana ukuthi bangakhulelisi amantombazane kepha kunalokho abagxile ezifundweni zabo ngoba lokhu kuwukhiye wekusasa labo.
Abafundi balalela ngomdlandla uN-gqongqoshe ebagqugquzela ukuthi base-benzise uhlelo Lwezempilo lwabantu abasha olubizwa ngokuthi i ’Happy Hour’ lapho abantu abasha bethola izeluleko zezem-pilo kuyo yonke imitholampilo ngaphansi kwesimo esivumela abantu abasha.
“Ningasondeli kobaba abadala ababizwa ngokuthi o-sugar daddy kepha nigxile ezi-fundweni zenu” kwakungomunye wemiyalezo eqinile uNgqongqoshe ayeyiphindaphinda ohambweni lakhe.
Imfundo phambili, uNgqongoshe utshele
abafundi
“Ungangeni ezidakamizweni kanye nasotshwaleni ngoba uma usudakiwe, ulahlekelwa umqondo bese
ungaziphathi kahle” – uNgqongqoshe uDhlomo
Unxuse umphakathi ukuthi uhlolelwe iGciwane Lengculazi okungenani kanye ngo-nyaka, ukuze abantu abatholwa ukuthi banalo baqaliswe ukwelashwa. Kulabo abangaka-haqwa yigciwane, umyalezo kaNgqongqoshe ucacile: yibambe lapho, ngokusebenzisa amakhondomu isiqephu ngasinye sokwenza ucansi, ukuhlanganise lokhu nokusokwa kwabesilisa ngodokotela.
“Umyalezo wethu uthi izifo kufanele zigwenywe, ngoba ukugwema kungcono kunokwelapha. Kubantu abayizigidi
ezi-3,4 abaneGciwane Lengculazi ezweni lonke, abayisigidi esi-1,1 baKwaZulu-Natali. Esikushoyo ukuthi akufanele kube khona abanye abathelelekayo ngoba thina njengoMnyango sinezinhlelo kanye nez-insiza ezinjengamakhondomu amahhala ukukusiza ukuze ungatheleleki. Kulabo asebesulelekile, sithi siyacela ungabatheleli abanye. Njengoba sihlola bese silaphe, kufanele siqinisekise ukuthi abekho abanye abathelelekayo abazongena kuleli qembu,” kujobelela uDkt uDhlomo.
UmandUlo
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Inyanga Yokuqwashisa Ngokuba YisiphiwoNgabe ukhona omaziyo oyisiphiwo? Ngabe usuyababalekela
ngoba uzitshela ukuthi baqalekisiwe? Iqiniso ukuthi ukuba
yisiphiwo akusona isiqalekiso, kuwufuzo lapho abantu bezalwa
bengenawo umbala ojwayelekile emizimbeni yabo. Imizimba
yabo iyehluleka ukwenza i-melanin efanele, okuyikhemikhali
eqondene namehlo, isikhumba kanye nombala wezinwele.
Ngakho-ke abantu abayiziphiwo banesikhumba esimhlo-
phe, amehlo kanye nezinwele. Ukuba yisiphiwo okwazo
zonke izinhlanga, futhi ziningi nezinhlobo zobuphiwo. Le
nyanga iyisikhumbuziso sokukhombisa ukubekezelela,
ukuqonda kanye nokuhlonipha labo abayiziphiwo – bay-
afana nami nawe, ngakho akumele babandlululwe em-
phakathini kepha kumele bamukelwe.
UmaNdUlo 2 - 6Isonto lokuqwashisa Ngezinso Leli sonto lihlose ukuq-
washisa ngokugwenywa nokwelashwa
kwezinkinga zezinso ezihlobene nomfutho
wegazi, ushukela kanye nokukhuluphala ngo-
kweqile. Funda kabanzi ngalokhu kuleli bhukwana.
UmaNdUlo 2 - 6Isonto lomgogodla Uthi bewazi ukuthi
ubuhlungu bomgogodla buyisizathu sesibili esilandela
umkhuhlane esenza abantu bangayi emsebenzini?
Bheka indlela ohlala ngayo bese ugwema ukuthwala
izinto ezisindayo ukuze ungalimazi umgogodla wakho
okungakudalela ezinye izinkinga zempilo.
UmaNdUlo 5 - 11Isonto leKhemisi Leli sonto elokuhlonipha iqhaza
losokhemisi ekuqinisekiseni ukuthi
imithi isetshenziswa ngendlela
nangokuphepha kanye neqhaza
elibalulekile abalibambayo
kwezempilo.
Usuku lomhlaba lesifo Sokuphuza Kokhulelwe
Ukuphuza utshwala ukhulelwe kungabulala ingane,
ungathathi amashansi. Abesifazane abakhulelwe bay-
akhuthazwa ukuba bayeke utshwala ukuze kuphephe
izingane zabo. Lolu suku olokuqwashisa ngalokhu.
Usuku lwe-adHd I-ADHD iyisimo
esijwayeleke ezinganeni esikhinyabeza ingqondo.
Umuntu onalesi sifo akahlali phansi. Iningi labantu
abadumile lapha emhlabeni banayo i-ADHD ngakho
iyalawuleka, futhi labo abanayo bayakwazi ukuphila impilo
eyejwayelekile. Uma ubona sengathi ingane yakho ikhuthele
ngokweqile, khuluma nomsebenzi wezempilo.
Usuku lomhlaba le-alzheimer Lesi isifo esihlasela
ukukhumbula ikakhulu kubantu abadala. Asikelapheki kepha
kumele sibe nokuqonda, ukubabekezelela kanye nokuba
nesineke kubantu abanalesi sifo.
Usuku lomhlaba lempilo Yemvelo Lolu suku lusikhumbuza ukuthi
amakhemikhali anobuthi aphuma kudoti wezokwelapha
angagcina kanjani emvelweni, adale izinkinga empilweni
yabantu. Sonke simelwe ukuyivikela imvelo ngoba munye
kuphela umhlaba esinawo. Kumele ngokuhlanganyela sihlanze
indawo esihlala kuyo!
Usuku lomhlaba lamaRabi Amarabi ayabulala, yingakho kubalulekile ukuba
zonke izinja zigonyelwe izifo. Bika ngemidlwembe yezinja
emahhovisi omkhandlu aseduzane bese ungavumeli izingane
zidlale nazo. Ukulunywa yisilwane esinamarabi kungabulala.
Usuku lomhlaba lenhliziyoUthi bewazi ukuthi ama-80% okushona ngenxa yesifo
senhliziyo kanye nesohlangothi angagwemeka? Ungehlisa
ubungcuphe ngokungabhemi, udle ngokufanele bese uzivoca-
voca. Kulula. Hamba njalo uyohlola umfutho wegazi, amafutha
egazini kanye noshukela – uzikhethele impilo enhle!
Inyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wesibeletho Lo mdlavuza uhlasela ingezansi lesibeletho kanti uvame
ukubangwa yizifo zocansi (STI’s). Abesifazane abanegciwane
lengculazi basengcupheni yokuba nomdlavuza wesibele-
tho. Ukugwema lo mdlavuza kumele:
Ugweme ukwenza ucansi usemncane
Usazi isimo sakho segciwane lengculazi. Uma utholakala
kusenesikhathi, makhulu amathuba okwelapheka kwawo.
sebenzisa amakhondomu.
Hamba njalo uyohlolelwa umdlavuza wesibeletho
emtholampilo.
Inyanga Kwazwelonke Yabantu abanokungezwaEnye yezinselelo eyokwenza ukuba umphakathi uqonde
ukuthi ukungezwa komuntu akuchazi ukuthi akaphilile.
Bangabantu abafana nathi futhi benza konke esikwenzayo.
I-Deaf SA iyinhlangano elwela ukuba kwenziwe semthet-
hweni ulimi lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika njengo-
limi lwe-12 olusemthethweni. Yazi bese uqonda kabanzi
umuntu onokungezwa, wenze ubungani, khombisa ukuthi
uyanakekela!
Inyanga Yokuqwashisa Ngokunakekela amehloAmaphesenti angamashumi ayisikhombisa nanhlanu
okungaboni angavimbeka ngokugwenywa noma ukwelas-
hwa, yingakho kubalulekile ukuyohlola amehlo akho okun-
genani kanye ngonyaka. Ngale nyanga khuthaza abanye
emphakathini ukuba baye kohlolwa amehlo. Funda kabanzi
ngaphakathi.
Inyanga Yokuqwashisa Ngesifo i-muscular dystrophyLesi simo senza buthakathaka imisipha emzimbeni, futhi
sihlasela oyedwa kubantu abayi-1200 lapha eNingizimu
Afrika. Izimpawu kuba ubuntekenteke bemisipha kanye
nokukhathala.
Inyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza WobunganeMinyaka yonke izingane ezithi azibe ngama-800 lapha
eNingizimu Afrika zitholwa zinomdlavuza bese kuthi
ezingama-500 zishone ungakahlonzwa noma ungakelas-
hwa. Ukutholakala kwawo kusenesikhathi kwandisa am-
athuba okuphila. Ngakho funda ngezimpawu zawo kuleli
bhukwana ukuze kusheshe kutholakale ukwelashwa.
Inyanga Kazwelonke Yempilo Yamazinyo
Ukubola kwamazinyo kujwayeleke kakhulu ez-inganeni. Uma lokhu kungelashwa kungaholela
ezinkingeni ezinjengesifo sikashukela, esenhliziyo, ngisho nomdlavuza womlomo kanye nowesisu. Sebenzisa le nyanga ukukhuthaza ukuxujwa
kwamazinyo nokwehlisa ukudla uswidi neziphuzo ezihlohlozayo ngoba kulimaza impilo yamazinyo.
9
14
21
28
29
26
UK
Uq
wa
sh
isa
ng
en
hli
Ziy
o
UkUqeda izinkolelo ngale nyanga yenhliziyoCishe bangama-210 abantu baseningizimu afrika ababulawa ukuhlaselwa yisifo senhliziyo nsuku zonke kanti nalesi sibalo siyenyuka
I sifo senhliziyo kanye nesifo sohlangothi zingezesibili ngobukhulu kwezibu-lalayo eNingizimu Afrika zilandela
iSandulela ngculazi kanye neNgculazi,” kusho uSolwazi Panela Naidoo, uMphathi Owengamele iHeart and Stroke Foundation South Africa (HSFSA). “Abantu abakhele leli lakithi abasayinyakazisi imizimba yabo kanti futhi nezindlela esidla ngazo ziyaqhubeka nokungabi nempilo. Izimo eziholela es-ifweni senhliziyo njengokukhuluphala, isifo sikashukela kanye nomfutho wegazi ophe-zulu konke kuyanda.” Wengeza ngokuthi umphumela wesifo senhliziyo kubukeka uzoqhubeka ube mubi. “Kepha cishe alinganiselwa emaphesentini angama-80 amathuba esifo senhliziyo angagwemeka,” kusho uSolwazi Naidoo.
UmaNdUlo YINYaNga YoKUqWaSHISa NgeNHlIzIYo UKUqeDa IzINKolelo NgesIfo seNhlIzIyo Kuningi okungelona iqiniso futhi okuyizinkolelo nje ngesifo senhliziyo.
INKoleloze 1 Abantu abanamazinga akahle ekholesteroli ngeke babe nen-kinga yenhliziyo Ezinye izimo zibeka engcupheni enkulu – umfutho wegazi ophezulu kanye nomlando wokubhema uyabekana engcupheni yokuhlaselwa yinhliziyo.
INKoleloze 2 Konke ukuhlaselwa yinhliziyo kuyefana Ukuhlaselwa yinhliziyo akusho njalo izinhlungu ezihlabayo kanye nobundikindiki engalweni. Ezinye izimpawu kuba yinkinga yokuphefumula, umkhuhlane kanye nokushaya kwenhliziyo okungajwayelekile nokukhathala. Abesifazane bona baba nezimpawu ezahlukile uma behlaselwa yinhliziyo.
INKoleloze 3 Abaphile kahle abekho engcu-pheni yokuhlaselwa yinhliziyo Kubalulekile ukuba abantu bakhunjuzwe ngokubaluleka kokuphila impilo enhle, bazivocavoce, badle ngendlela efanele bese bengabhemi. “Kusenobuningi ubudedengu obukhona. Ngokwesibonelo nje, umuntu onomfutho wegazi ophezulu angazizwa en-genalutho kepha ebe esengcupheni yokuh-laselwa yinhliziyo,” kusho uGabriel Eksteen, ongumeluleki wezokudla nokukhuthazwa kwempilo kwa-HSFSA.
Umfutho wegazi ophezulu (obuye waziwe ngehayihayi) ungumbulalibuthule ngoba azikho izimpawu ezikhombisayo uma amazinga esephezulu, okulimaza imithambo yenhliziyo kubeke inhliziyo engozini noma ukushaywa yisifo sohlangothi. Ukuhlola um-futho wegazi yiyona ndlela kuphela yokwazi uma uphezulu. Abantu abadala kusukela eminyakeni engama-20 kumele bahlale njalo behlola umfutho wegazi okungenani kanye ngonyaka, kweluleka u-HSFSA.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika abazi futhi ukuthi nezingane nazo ziyaphathwa yisifo senhliziyo.
Noma kungekho okungenziwa ukuvimb-ela isifo senhliziyo umuntu azalwe naso, kun-ingi okungenzelwa izinsana, uma sisheshe satholakala. Ukunakekelwa okukhethekile kanye nokwelashwa kungasivimbela ukuthi sibe ngesibulalayo futhi kunganciphisa nomphumela wokukhubazeka ngokuhamba kwesikhathi empilweni.
ChD kusho ukuthi ingane izalwe inen-hliziyo eyakheke ngendlela engajwayele-kile kanye/noma imithambo emikhulu. izinhliziyo ezinjalo zingaba nezingxenye ezingaphelele noma ezingekho, kungen-zeka ukuthi zihlanganiswe ngendlela ephambene, zingaba nezimbobo phakathi
kwezinto ezihlukanisa amagumbi noma zibe namavalvu amancane noma avuzayo noma imithambo emincane.
Lesi simo kuvamise ukuthi singabonwa noma sitholakale sekuhambe isikhathi. Ezinye izinsana ezizalwa zinezinhliziyo ezinesici zingabonakala ziphilile ekuqaleni futhi zize zisiwe emakhaya kanye nemindeni yazo ngaphambi kokuthi kutholakale ukuthi izinhliziyo zazo zinesici. Izingane ezine-CHD ebucayi engatholakalanga ziyadedelwa es-ibhedlela bese isimo sempilo sishona phansi ngokushesha noma zife. Cishe amaphesenti angama-20 ezingane ezifayo okucatshangwa ukuthi kungenxa ye Sudden Infant Syndrome (SIDS) empeleni kuba yi-CHD. Lokhu yiyona mbangela yokuthi kubaluleke ukwazi izim-pawu ezingahlanganisa nalokhu:
Umbala wesikhumba ophaphathekile noma oluhlaza okusasibhakabhaka (cyanosis).
Ukuphefumula eshesha. Amakhala avuleke kakhulu. Ukuquma uma ephefumula. Ukuvuvukala kwemilenze, isisu noma
izindawo ezizungeze amehlo. Ukuhefuzela uma encela, okuholela
ekuncipheni kokukhula kwesisindo.
IzINhlIzIyo ezINcaNe ezIhlaKaNIphIle
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
“ Ukwazi ngezinto ezinobun-gozi kukunika ulwazi Ukwazi ngezinto ezinobungozi ezingabangela isifo senhliziyo kunganika abantu ulwazi lokuthi kufanele benzenjani. Izinto ezibaluleke kakhulu umfutho wegazi, ushukela egazini, amafutha egazini kanye nokukhuluphala. Kule nyanga abakwa- HSFSA bazobe behlola mahhala lezi zinto ezinobun-gozi kuwo wonke amaKhemesi akwa-Dischem ezweni lonke. “Uku-hlolwa kuyashesha futhi kuncane ukuphazamiseka, kepha man-ingi amathuba okusindisa impilo kanye nokuvimbela ubuhlungu obuningi, ukungaphatheki kahle kanye nomthwalo kwezezimali,” kusho uSolwazi Naidoo.
Un
aK
eK
elo
lw
am
eh
lo
U 80% wokunga-boni ungav-
imbeka!
U Iyini i-glaucoma?Uma uketshezi olusesweni lakho lungasahambi kahle,
kuholela esimweni esibinzwa nge-glau-coma. Uma le ngcindezi ihlala iphezulu, lokho kungabangela ukungaboni.
U Ungakugwema kanjani lokhu?Ukuhlolwa amehlo njalo
iyona ndlela engcono yokuhlonza i-glaucoma. Abantwana nabo badinga ukuhlowa amehlo abo njalo ngoba uma izinkinga zamehlo zisheshe zitholakale, aba ngcono namathuba okwelapheka. UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal uhlinzeka ngokuhlolwa njalo kwamehlo ezikhungweni zawo zezempilo kanye nemitholampilo yamehlo engomaham-banendlwana ehambela sonke isifun-dazwe ihlinzeka ngosizo lokunakekelwa kwamehlo. Kubalulekile ukufinyelela kulolu sizo ukuqinisekisa ukuthi uyahl-omula ngokuhlolwa kwamehlo njalo.
UKwelashwa Ukwelashwa kwe-Glaucoma kubanda-kanya ukusebenzisa amaconsi amehlo noma ukuhlinzwa. Ukwelashwa kulula futhi akwesabisi. Khumbula ukuthi into ebaluleke kakhulu ukuvuselela ukubona kwakho ngakho ungazibambezeli ngo-kuthola ukwelashwa ngoba uma ukuyeka isikhathi eside, kungaba kubi kakhulu!
U luyini ungweng-wezi emehlweni? Ungwengwezi emehlweni
lwenzeka uma kunokunqwabelana kwe-phrotheyini enhlamvini yeso okubangela ukuthi kube luvindi. Ungwengwezi luhlasela abantu asebekhulile kanti luh-lasela nezingane ezizalwe nalo ngenxa yokuthelelana noma ukungakhuli kahle.
UKwelashwa Uma ukubona kwakho kungeke kuvuse-lelwe kube sezingeni elamukelekile kun-genzeka udinge ukuhlizwa ungwengwezi okwenziwa njengesiguli esingalaliswa ngaphakathi. Imitholampilo engomaham-banendlwana endaweni yangakini nayo isizokwazi manje ukwenza lokhu ngenxa yemishini yesimanje. Ngakho hlala ubhekile ukuthi beza nini!
Manje njengoba sewazi kabanzi nge-Glaucoma kanye nongwengwezi emehlweni, uthini ngokudla okudlayo kanye nendlela ophila ngayo? Ngale kokuhlolwa amehlo njalo, ake uzame lokhu okulandelayo:
KhUmbUla UKUhlola amehlo nJalo ngoba KUngasindisa
amehlo aKho!
yeka UkubhemaUma uke wazama ukuyeka ukubhema ngaphambilini wabuye waqala wabhema futhi, qhubeka uzame. Uma ulokhu uzama uku-yeka ukubhema, kanjalo ayakhula amathuba okuthi ungaphumelela.
Uma usebenza ngekhompyutha Zama ukubalekela ukukhanya okuvela emawindini
kanye namalambu kagesi okuwela kukhompyutha yakho.
sebenzisa isikrini esivikela ukukhanya uma kunesidingo.
Khetha isihlalo esiphasa umzimba futhi esinokunethezeka. simise ngendlela yokuthi izinyawo zakho zihlale mba phansi.
Uma amehlo akho omile, cwayiza kaningana.
Njalo ngemuva kwemizuzu engama-20, phumuza amehlo akho ngokuthi ubheke eceleni imizuzwana engama-20.
Thatha ikhefu lemizuzu eyi-15 okungenani njalo ngemuva kwamahora ama-2.
faka Izibuko zelangaUhlobo olukahle lwezibuko zelanga lungasiza ukuvikela amehlo akho emisebeni yelanga elimazayo. Khetha izibuko zelanga ezivimba u-99% kuya ku-100% wemisebe ye-UVA kanye ne-UVB – un-gazithengeli nje imfashini!
2
4
3
bangaphezu kwezi-500,000 abantu beminyaka yonke KwaZulu-natali abanenkinga yokungaboni emehlweni kanti i-glaucoma iyona mbangela ehamba phambili yokungaboni. sebenzisa lolu lwazi olulandelayo ukuze wazi ukuthi yini ongayenza ukuvimbela lokhu futhi wabelane nabanye emphakathini wakho ngolwazi:
Ungenzenjani uma
1Dlela Ukubona KahleUkudla lokhu kudla njalo kungasiza ukuthi ube namehlo aphile kahle:
Imifino enamacembe aluhlaza njengesipinashi
Ufishi ikakhulukazi ituna kanye nabanye ofishi abanamafutha
Amaqanda, amakinati, ubhontshisi
Ama-olintshi kanye nezinye izithelo zasebusika noma amajusi.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ungasaboni emehlweni?
i-e
nd
om
et
rio
sis
lolu ubhubhane oluhlasela abesifazane abaningi kepha azikho izimpawu ezibonakala ngaphandle. abesifazane abangaphezu kwezigidi ezimbili batholakala benalesi sifo esilimaza inzalo yabo. njengoba ngomandulo sigubha Usuku lomhlaba lezabesifazane, sihlanganise ulwazi lwabo bonke abesifazane nge-endometriosis…
XhUmana nomtholampilo waKho Uma UCabanga UKUthi Une-endometriosis. UKUsheshe itholaKale, UKwanda
KwamathUba oKwelashwa ngempUmelelo.
U Iyini i-endometriosis?Yisimo lapho ithishu yowesifa-zane emboza isibeletho ikhula
ngaphandle kwesibeletho, ize ibambeke emanyongeni.
U Ibangani?Ikhinyabeza ukuya kowesifazane esikhathini, kube ntekenteke
amasosha omzimba, ubuhlungu kanye nokungabi mnandi.
U yiziphi izimpawu?
Ubuhlungu obungapheli bamanyonga Isilumo esibuhlungu kakhulu Ubuhlungu uma wenza ucansi
nasemuva kokulwenza Ukukhathala okweqile Ukuzikhulula okubuhlungu uma
usesikhathini Ubuhlungu beqolo Kunokuxhumana phakathi kwe-
endometriosis kanye nokungabi nanzalo, ama-30% kuya kuma-50% abantu besifazane abane-endometriosis ababa nenkinga yokungabi nanzalo.
U Ngabe i-endometriosis iyisifo socansi noma iyathathelwana?
Cha. I-endometriosis ngeke yedluliseleke isuka komunye iye komunye. Asikaziwa isisusa sayo kepha ayisona isifo esitha-thelwanayo.
U Ihlonzwa kanjani?Akulula ukuyihlonza ngoba izimpawu zayo ziyafana nezez-
inye izifo, njengesifo senkinga yokuzikhu-lula (IBS) kanye nesifo sokuvuvuka kwa-manyonga. Abesifazane abaze bangezwa nokuthi ubuhlungu ababuzwayo budal-wa yi-endometriosis, futhi kungathatha iminyaka ukuze kuhlonzwe.
Udokotela noma udokotela wezifo zabesifazane usizwa ukuhlola isiguli, izikeni (ngamafutha kanye nokuthathwa kwezithombe) kanye nokunye ukuhlolwa. Okuyikhona kuhlola okungashayi eceleni yilokhu okubizwa nge-laparoscopy. Uma kwenziwa lokhu kuhlolwa, ishubhana elincane elinekhamera lifakwa kwesinge-zansi (kuvame enkabeni) okuvumela ukuba udokotela akwazi ukuhlola izitho zomzimba emanyongeni bese ethatha isampula lethishu ukuba iyohlaziywa.
U yiziphi izindlela zokwelashwa ezikhona?Alikho ikhambi, kepha uk-
welashelwa i-endometriosis kungasiza ezinhlungwini nokwenyusa izinga lenzalo. Ukwelashwa okukhona kubandakanya ukuhlinzwa kanye nokuthatha imithi.
U Kungagwemeka?Ayikho indlela yokugwema i-en-dometriosis kepha ungawehlisa
amathuba okuba ube nayo ngokwehlisa amazinga e-oestrogen emzimbeni wakho. Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela isikha-thi eside, ukusheshe itholakale kanye nokuhlinzwa kungayenza ingadlondlo-bali. Ukudla ngendlela efanele nokuyeka ukudla okubhebhethekisa izimpawu kungasiza ekulinganiseni ngendlela amazinga amahomoni akho bese kwehla nezinhlungu.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Kubhekwa i-endometriosis
Abesifazane
abangaphezu
kwezigidi ezimbili
lapha e-SA bap-
hathwa yi-endo-
metriosis