Upload
others
View
6
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
Izindaba ze-BMET ngesiZulu A U G U S T 2 0 1 3
Ngonyaka ka 2009 i Centre for Economic Governance and Aids in Africa (CEGAA) kanye Treatment Action Campaign (TAC) bakha umfelandawonye ukubheka ukulethwa kwezidingo zezempilo kubantu eMgungundlovu KwaZulu-Natali, kanye nase O.R. Tambo eMpuma-koloni, kusukela kwisabelo-zimali kuya endleleni izimali ezisetshenziswa ngayo ekhuphuleni izinga lezempelo zabantu abaphila nesandulela-ngculazi (HIV) kanye nesifa sobu (i-TB). Loluhlelo lwaqondiswa ngqo ekusikeleleni uhlelo lwahulumeni lokuletha izidingo zezempilo kubantu, nokuthi izimpilo zabantu zinakekelwe ngendlela eyiyo kusetshenziswa lezi zimali uhulumeni asuke esezifakile ezinhlelweni zezempilo.
Ukunikezelwa kwamandla ebantwini Izinkathazo zihlangene nethemba kwezezimali zezempilo, ne HIV/AIDS
kanye ne-TB eMgungundlovu nase O.R. Tambo (eLusikisiki)
Imininingwane yokuxhumana: CEGAA Email: [email protected] or [email protected] Telephone: +27 73 198 7219 Websites: www.cegaa.org www.tac.org.za Izithombe ezakwa CEGAA
Ibhalwe ngu MLUNGISI MAJOZI (Durban University of Technology – Indumiso), beno MLUNGISI VILAKAZI (ilunga lakwa TAC), yahlelwa ngu NHLANHLA NDLOVU wakwa CEGAA
2 THE BMET NEWS AUGUST 2013
2
Zahlangana kanjani lezizinhlangano ezimbili, u-TAC no-CEGAA? Ngaphambi kwale-project, ebizwa nge Budget Monitoring and Expenditure Tracking (BMET), u-TAC wayelwela amalungelo abantu kwezempilo ukuze abantu abaphila nesandulela-ngculazi nengculazi babhekeleleke kwezempilo ezitholakala emitholampilo nasezibhedlela. Isikhathi esiningi uhulumeni wayesebenzisa izimpendulo ezimayelana nezimali ukucacisha izizathu zokuhluleka ukufeza izidingo zeziguli, ethi izimali azenele. Kodwa kwelinye icala u-CEGAA wayebheka ezezimali ukuthi ngabe ingakanani imali efakwe ezinhlelweni zokulwisana nesandulela-ngculazi nengculazi nanokuthi lemali isetshenziswa kanjani. Ngesikhathi u-TAC nomphakathi bekhala ngokuthi izidingo zabantu azitholakali emitholampilo u-CEGAA wayehalalisa ngobukhulu bezimazi ezifakwa kulezizinhlelo zezempilo nanezinga uhulumeni ayesekwazi ngalo ukusebenzisa lezizindodla zemali efakwa kumnyango wezempilo ukuze ulwisane ne HIV/AIDS. Kwabe sekucaca ukuthi kukhona okushodayo emsebenzi owenziwa yilezinhlangano zombili uma zizimele ngazodwana. Kwadingeka ukuth zihlangane ukuze kuphenduleke imibuzo yezezimali u-TAC ayenenkinga nayo, kanjalo nemibuzo yokuthi kungani abantu bekhala kodwa kube kunezimali ezingaka u-CEGAA ayezibona zifakwa kulezinhlelo zezempilo. Kwadingeka ukuthi u-CEGAA aqeqeshe u-TAC ekulandeleleni ezezimali nokuthi zisetshenziswa kanjani, esebenzisa uhlelo olubizwa nge BMET – Budget Monitoring and Expenditure Tracking. Kanjalo no-TAC kwakumele aqeqeshe u-CEGAA ekusebenzisaneni nomphakathi nabantu abasebenzisa umnyango wezempilo ukuze luthi lonke ucwaningo olwenziwa u-CEGAA lube nobufakazi ukuthi kungabe abantu emiphakathini bayayibona yini imiphumela yalezizimali ezingaka ezifakwa uhlulumeni ezinhlelweni zezempilo, eze HIV ne AIDS, kanye nezesifo sofuba. Ucwaningo lokuthola ubufakazi ngezingqinamba ekunikeni abantu izinhlelo zezempilo ezisezingeni elifanele Ukuze kutholakale ubufakazi mayelana nokutholakala kwezidingo zezempilo kusetshenziswa izimali ezivela kuhulumeni omkhulu kwadingeka ukuthi kube nezinhlelo zokuthola imininingwane kubantu abasebenzisa imitholampilo nezibhedlela, kanjalo nakubasebezi bakulezi zikhungo ukuthi bona bazibona kanjani lezinhlelo abazidlulisela kwiziguli emitholampilo nasezibhedlela. Kuningi okwatholakala kulolucwaningo, njengoba izibonela zinikiwe ngezansi. Izinselelo ezisasele Kusenezinselelo ezikhungweni zezempilo okuveza ukuthi imitholampilo nezibhedlela azikakulungeli ukunikela izidingo zezempilo kubantu ezisezingeni eliphuzulu. Ucwaningo lwaveza ukuthi imitholampilo nezibhedlela zinendawo encane ukwamukela izinye iziguli eziningi okuholela ekubeni iningi labantu libuyele emakhaya lingalutholanga usizo.
3 THE BMET NEWS AUGUST 2013
3
Amabanga ahanjwayo kuyofunwa usizo lwezempilo nawo made kakhulu kwezinyo ezindawo ezisemaphandleni ikakhulukazi ezindawe zaseLusikisiki eMpuma-koloni. Ngokomthetho-sisekelo bonke abantu bayalingana kanti kufanele baphathwe ngendlela elinganayo futhi ekutholakaleni kwezidingo zabo. Iziguli azenelisekile ngesikhathi sokuvula nokuvala imitholampilo ngoba isikhathi esiningi sichitheka iziguli zishishiliza ezihlalweni, kwesinye isikhathi ize ivalwe imitholampilo, ikakhulukazi lapho kukhishwa khona imithi namaphilisi, i-Pharmacy, iziguli zibuyele emuva zingakutholanga ebezikuzele. Kwaba sekushiwo ukuthi ukushoda kwabasebenzi bezempilo okwenza ukuthi kube nalezinkinga isikhathi esiningi. Kanjalo nokuminyana kwezindawo ezinikezela ezempilo kubantu kube into engamukeleki ezigulini. Lokhu kuze kube ingozi lapho iziguli ezinesifo sofuba zihlala ndawonye neziguli zonke, okungaholela ekutheni i-TB yade kutheleleke neziguli ezifike emtholampilo zingenayo. Kusenjalo kwaphinda kwavela ukuthi abasebenzi bezempilo abaziphathi kahle iziguli, bezithethisa bengaziniki inhlonipho eziyidingayo. Kwaphinda kwacaca ukuthi uhulumeni akakwazanga ukunyusa ubuningi bezisebenzi ukuze isibalo seziguli esandayo sikwazi ukubhekeleleka kahle. Bebuzwa ngalokhu abasebenzi bezempilo bakhale ngobuningi beziguli okumele bazibone, baphinde babeka nabo ukuthi ukunganeli kwezidingo zomtholampilo ukuze usize abantu nabo bakuthola kuyisinengiso, okwenza ukuthi nabo bacasuke uma iziguli zibacasukela ngoba nabo abanawo amandla okushintsha izinto. Kwaphakanyiswa ukuthi ukubonelelwa ngokudla kusemqoka ukuze ukwelashwa kuhambe kahle. Uhulumeni kufanele enze isiqiniseko sokuthi iziguli ezelashelwa isifo sengculazi nesofuba zithole isibonelelo sezijumbana zokudla ikakhulukazi laba abangenayo imali ukuze baqhubeke nokudla imithi yabo. Kufanelekile futhi ukuthi kube khona izimoto eziyimitholampilo ukuthi zihambele izindawo ezingenayo imitholampilo. Kanjalo nama ambulensi ayafuneka ukusiza abantu abakude nezibhedlela. Okubi ke ukuthi lezizinsiza azitholakalanga kahle ukuze kusizakale abantu abakude kakhulu nemitholampilo nezibhedlela. Enye yezinkinga ezinkulu ezatholakala ukuthi amapheshana anolwazi ngezempilo aphelile ezindaweni zezempilo, okwenza ukuthi iziguli zingatholi lutho ezingakuthatha ziyokufunda emakhaya ukuze zithuthukise izimpilo zazo. Amahovisi akwa TAC agcina esesiza ngamapheshana – ama-leaflets, booklets, posters – ukuxhasa imitholampilo ngokubhaliwe. Kodwa namahovisi akwa TAC nawo asephelelwe ilamabhukwana osekwenza kube nzima ukufafaza ulwazi kwezempilo. Kufuneka lamapheshana akhiqizwe ngokukhulu ukushesha ngoba asadingeka namanje emitholampilo. Ukucwaswa kweziguli emitholampilo nasemphakathini kubambezela ukubhekana nokukhuluma ngesandulela ngculaza nengculaza uqobo, ngakho kumele kuthathwe izinyathelo ukuze kuqedwe lokucwaswa kweziguli. Amakomidi emitholampilo (clinic committees) namaqembu okusekana (support groups) kumele kuvuselelwe ukuze kulwe nezinkinga ezifana nalezi. Nokufundiswa komphakathi kubalulekile ukuze imindeni ifunde ukunakekela nokwamukela amalunga ayo agulayo.
4 THE BMET NEWS AUGUST 2013
4
Ngubani olalele izikhalazo zabasebenzi bezempilo? Ucwaningo lwasemphakathini nasemitholampilo lwaveza ukuthi abasebenzi abajabule ngezinga lezinhlelo zezempilo abazidlulisela ebantwini, ngenxa yenani elincane labasebenzi basemitholampilo, abagqilazekile, bengakwazi nokuthatha ikhefu (leave) okuyilungelo labo ngenxa yobuningi bomsebenzi nokushoda kwabasebenzi. Imithi ithatha isikhathi ukufika, ikakhulukazi eLusikisiki lapho kusakhalwa ngikungatholakali kwemithi yengculazi ne-‐TB ngendlela esheshayo. Lendlaki seyaxazululeka eMgungundlovu seyifana nephupho nje ukuthi kwake kwaba khona ama ‘waiting lists’ ne ‘stock-‐out’ – ukungabibikho kwemithi. Yize kade kunezinkinga emitholampilo uhlelo lwe-‐BMET lusize kakhulu ngoba amalunga omphakathi, ikakhulukazi amalunga akwa-‐TAC, kunye nabasebenzi basemitholampilo bathole ithuba lokuxoxisana ukuze kutholakale izixazululo ezinkengeni ababhekene nazo. Loluhlelo lwe-‐BMET lusize ngendlela eyisimanga ngoba lunike amasebenzi basemtholampilo nasezibhedlela ithuba lokuvula isifuba, bakhiphe konke obekubahlupha bengazi ukuthi bazokutshela bani. Lokhu kwenze ukuthi kube nokuzwana okukhulu phakathi kwabasebenzi bomphakathi bakwa TAC kanye nabasebenzi basemitholampilo okwenze ukuthi kube lula kakhulu ukuthola ulwazi ngezinto eziphazamisa ukusebenza kwemitholampilo nezibhedlela.
From left: Teresa Guthrie – CEGAA Executive Director; Silindile Shezi – Programme Coordinator; Judith King, Communications and Advocacy Manager. At a public hearing in Pietermaritzburg August 2012.
5 THE BMET NEWS AUGUST 2013
5
Okube yimpumelelo eMgungundlovu kanye nezimali zemitholampilo
2
-‐ Imitholampilo eminingi isivakashelwa
ngabodokotela kabili ngesonto, okuyinto enhle kakhulu.
-‐ Uhlelo lwephilisi elilodwa elihlanganise amaphilisi amathathu engculaza eMgungundlovu namaphethelo lithuliwe kusukela zingu 30 ku April 2013, futhi liyatholaka kuyoyonke imitholampilo nezibhedlela. Okwamanje lisatholwa ngabesifazane abazithwele nalabo abaqalayo ukungena ohlelweni lokwelashelwa isifo sengculaza.
Isimo sezempilo sibi kakhulu eMpuma-‐koloni Kuningi kakhulu osekwenziwe ngaphansi kohlelo lwe BMET eMgungundlovu naseLusikisiki. Futhi kuningi kakhulu osekushintshile eMgungundlovu. Kodwa isimo sibukeka sibuyela emuva eLusikisiki ngenxa yesimo esibbi sezezimali esihlasele isifundazwe sonke iMpuma-‐koloni. Ngenxa yezikweletu ezindala ithi ifika imali eMpuma-‐koloni evela kuhulumeni omkhulu ibe ikhokhela izikweletu ezindala, kusale imali encane kakhulu ukubhekelela izidingo zanamuhla zezempilo. Lenkinga yenza isimo sihlale sisibi ezindawe ezeswele njengase Lusikisiki. Kuningi okumele kwenziwe ukushintsha isimo ukuthi abantu bathole lokho uhulumeni abathembisa khona. Ngenxa yalesisimo kusashoda kakhulu ekuqashweni kabasebenzi basemtholampilo eLusikisiki, kanjalo nokuthuthukiswa kwemitholampilo, nokuthengwa kwezinsizakusebenza kanye nama ambulensi okusiza labo abagulayo bebe bekude kakhulu nezibhedlela.
1
Abasebenzi basemitholampilo bebengazi lutho ngesabelo zimali sezikhungo abasebenza kuzo noma abaziphethe. Lokhu kwenze ukuba bangabi nandaba nezezimali yize zibalulekile ekuphumeleliseni ukusebenza kwemitholampilo. Emva kokuthola lolulwazi abakwa TAC behlangane nabakwa CEGAA bayilwelile imitholampilo bebuza ukuthi kungani ingambandakanywa kwezokwaba izimali zezempilo. Sekube noshintsho olukhulu eMgungundlovu ngoba abaphathi bemitholampilo sebefakiwe esigungwini esihlanganisa izibhedlela nabaphathi zimali lapho kubekwa khona izidingo kubuye kubhekwe isimo sezimali sezikhungo zezempilo. Lemihlangano ibizwa nge Cash-‐flow Meeting eyenzeka njalo emva kwezinyanga ezimbili. Lokhu kunikeze abaphathi bemitholampilo amandla amakhulu okuqondisa ukufezwa kwemisebenzi yemitholampilo abayiphethe. Kodwa kusasilele ukuthi laba baphathi bakwazi ukuzisholo bona ukuthi malini abayidingayo nezizathu zalokho. Okwamanje basetshelwa nje ukuthi babekelwe malini yize bengazi ukuthi kufikwe kanjani kulawo manani abekiwe. Yize abaphathi bemitholampilo bengenalo izwi ekwabiweni kwezimali, kuningi okuhle osekwenzekile, ikakhulu kazi eMgungundlovu uma uqhathaniswa nase Lusikisiki. Ukubala okumbalwa nje osekwenzeke eMgungundlovu: -‐ cishe yonke imitholampilo enikezela abantu
amaphilisi engculazi aseyakwazi ukuziqaqela wona iziguli kuloluhlelo. Ekuqaleni iziguli beziqaliswa ezibhedlela lapho kade kuthatha khona eside isikhathi ukuthi basizakale kanti manje sebeyakwazi ukuqala ukulashwa emitholampilo yangakubo.
-‐ Eminye imitholampilo nezibhedlela sezithuthukisiwe kokwandiswa kwendawo yokusebenza, osekwenze kunciphe ukuminyana kweziguli.
-‐ Ayisekho imitholampilo ekhononda ngokuphelelwa imithi yokulapha ingculazi.
-‐ Eminye yemitholampilo nezibhedlela sezithole abahlengikazi abaningana ukuze kusizakale iziguli zithole usizo ezisuke ziluzele esikhungwini sezempilo.
THE BMET NEWS 6 AUGUST 2013
Isiphelile i-BMET manje, pho sekuzokwenzakalani? Iphele kahle i-BMET ngo August 2013 sekukhona uhlelo olusha lakwa RHAP, i-Rural Health Advocacy Project oluzoqhubeka lapho kugcine khona i-BMET. Loluhlela lona luhlose ukulwela kakhulu imitholampilo esezindaweni ezisemakhaya kakhulu ngoba kubukeka sengathi yizo ezikude nezidingo futhi ezinganakekeleki kahle kwezezimali. Ngenhlanhla enkulu abanye babasebenzi akade besebenza kwi BMET sebeqalile ukusebenza kuloluhlelo noma i-project yakwa RHAP. Laba abazoqhuba umsebenzi futhi baphinde baxhumane nezinye izinhlangano nabasebenzi basemtholampilo obekuvele kusetshenzwa nazo yilaba: Kwazi Mbatha obesebenza kwa-CEGAA, Fikelephi Sithole obesebenza kwa TAC eyi Community Mobiliser eMgungundlovu, kanye no-Bhekisisa Maqepula naye obesebenza kwa TAC eyi Community Mobiliser eLusikisiki. Imininingwane egcwele ngale project ezoqhubeka lapho kugcine khona i-BMET ingatholakala ku-Kwazi Mbatha, kule email: [email protected], noma kulenombolo yocingo lakwa TAC eMgungundlovu ethi 033-394-0845. Izincomo zokubonga abaxhasi bohlelo olube yimpumelelo lwe-BMET Singabakwa CEGAA nakwa TAC sifisa ukubonga kakhulu ezinhlanganweni ebezixhase loluhlelo ngezimali nangolwazi. Lezinhlangano yi International Budget Partnership (IBP), Open Society Institute (OSI) ne Open Society Foundation of South Africa (OSF-SA). Ngaphandle kwalezinhlangano konke okube yimpumelelo kwi BMET ngabe akufezekanga.
Izimbizo ezinkulu zokuphendulana kulungiswe izimo Injongo yemihlangano emikhulu eyenzekile ngesikhathi se BMET project bekuwukubonisana, kuxoxiswane ngezingqinamba ezitholakale kulo lonke ucwaningo obelwenziwa ukuze kulungiswe isimo abantu bathole abakudingayo. Bekubalulekile ukuthi labo akade besebenza kwi BMET babuye
bazokwazisa amalunga omphakathi, abasebenzi basemitholampilo nasezibhedlela, kanye nabaphathi abakhulu bomnyango wezempilo KwaZulu-Natal naseMgungundlovu, ngakho konke okutholakele nokumele kwenzeka ukuze kushintshe isimo nezinkinga zixazululwe ndawonye. Okubalulekile ukuthi
amalunga omphakathi nawo athola ithuba lokuzikhulumela aphendulwe, kanjalo nabasebenzi bakahulumeni baphendula besho lokho abakwaziyo nabazokwenza ukushintsha isimo.
Okwaba yibhadi ukuthi abaphathiswa anamandla kakhulu abakwazanga ukuzibandakanya kulemihlangano okwenza ukuthi ezinye izinto zingashintsheki kalula bengekho. Kodwa amalunga
ezinhlangano zomphakathi azinikela ukuqhubeka alandele labo abasemagunyweni ukuze baphendule balethe nosizo ezinkingeni ezikhona. Lokhu kulandela kubalulekile impela ikakhulukazi njengoba sekunohlelo olusha lokufaka izimali kwezempilo ukuthi bonke abantu base Mzansi Afrika bathole
ezempilo elisezingeli eliphezulu. Loluhlelo olusha lubizwa nge National Health Insurance olusahlolwa ukuthi luzosebenza yini futhi kanjani. Zombili lezindawo zaseMgungundlovu nase Lusikisiki (O.R.
Tambo) zikhona ezindaweni eziyishumi nanye lapho kuhlolwa khona i-National Health Insurance edume nge NHI.
THE BMET NEWS 6 AUGUST 2013
Fikelephi Sithole, TAC CM Umgungundlovu, now with RHAP
Silindile Shezi - CEGAA BMET Programme Coordinator
Kwazi Mbatha - CEGAA BMET Researcher/Trainer. Now with RHAP
Zukile Madikizela TAC CM Coordinator Lusikisiki
Mlungisi Vilakazi - TAC CM Umgungundlovu
Bhekisisa Maqepula, TAC CM. Lusikisiki, now with RHAP
Mlungisi Vilakazi TAC CM Umgungundlovu
Promise Makhanya TAC CM Coordinator Umgungundlovu
Nhlanhla Ndlovu CEGAA Programmes/ BMET Technical Manager
Kholiswa Sondzaba - TAC CM Lusikisiki
Mlungisi Majozi Intern, Durban University of Technology, Midlands