24
LUKA 15: 1 -7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi nezoni babeIokhu beza kuJesu.AkufaneIe kube-njalol Abathelisi bayaphanga abantu ngokubiza ngaphezu komthetho egameni lamaRoma. Bayizimpimpi. Izoni, yibo labo abanganaki imiyaIelo kaNkulunkulu benze noma-ntoni abayithandayo. Unembeza wabo awubahiuphi neze uyathula nje.Asinabo ubudlelwane nabo, kusho abaFarisi nezazimbhalo. Bafana nabangaphandle. Angithi niyavuma kanye nabaFarisi? Abanjalo babi! Bangeolilel Nokho, abayeki ukuza kuJesu ukumuzwa.Akukho okunye abezela khona. Abafuni impilo; abaeeli ukwelashwa. UJesu akabaxoshi na? Cha, uyakhuiuma nabo adlisane nabo emakhaya abo. AbaFarisi bayakhononda ngaye. Abaqinisile na? Bangababi impelal Angithi siyafundisa izingane zethu ukugwemela abanjalo? Nokho baseza kuJesu ukumuzwal Kodwa Iabo ababi babengamaJuda. Babengamalunga ebandla nakuba bengabonange baziveza khona. Besizokuthi namhlanje babhabhadisiwe kanye nathi. Kodwa sebehlubukile eNkosini.Ubani oqinisile? NgabaFarisi ababaqalekisayo noma uJesu odlelana nabo na? ngokuthi ubala kanjani Khona-ke uJesu walandisa abantu umfanekiso ngomalusi onezimvu eziyikhulu bese kweduka eyodwa kuzo. Akazishiyi ezingu-99 ehlanzeni yini ahambe ayofuna lena elahlekileyo aze ayithole na? Thina siphendula sithi:eha, ngeke kulunge ukushiya umhlambi wonke. Kusasele eziningi kangaka. Ezingu-99 ziningi kakhulu kuneyodwa. Umfundisi wamakholwa makahiale kuwo ayeke leyo eyodwa eIaWekileyo. Ukweduka kwayo akusilo ieaJa lethu. Leyomvu mayibuyele esontweni uma ithanda. Singeke siyivalele umnyango. Kepha asimfuni umfundisi ohambahamba rljalo emva kwezedukile ngaphandle. Ungowethu! Kepha uJesu akabali kanjalo. Akanakulala njengoba imvu eyodwa ayisekho. Umhlambi awusapheleli. Leyomvu inye nje ibalulekile kunezingu-99 eziyaziyo indlela nezingathandi ukweduka. Imvu ingehlale ngokwayo ezweni ingenawo umhlambi. UJesu unobuhlungu ngayo. Kwathi uma uJesu ethandaza eGetseman~ wathi kuYise: ngibalonde bonke onginike bona; akukho noyedwa kubo owabhubha ngaphandle kwalowo owanikhaphela(Joh 17: 12). ngokuthi uyifuna kanjani Umalusi akaphumi enegqubu ngaleyomvu enhliziyweni yakhe. Isihawu siyamqhuba. Kanjalo futhi izimvu ezisasele azikhonondi njengoba okwamanje azimboni umalusi wazo. Cha, ziyamkhulekelal Ngoba ukufuna imvu ezweni akusiwo umsebenzi olula. Umalusi wayeyindoda yempela ephethe induku(Gen 31:40; I Sam 16: 18). Ezintabeni zikhona izihosha Ia elunguza khona amandla okubulaia izimvu. Kodwa umalusi omuhIe uzimiseIe; imvu yakhe uyayazi ngegama layo. Uma kudingekile, uiungele ukudela impilo yakhe ngenxa yayo. Kukhona amaseia ezimvu afisa ukuzibhubhisa(Joh 1O:10;Hez 34:4,16). Kodwa igama lomalusi Iilotshwe emvini yakhe. Ingeyakhe. Ngakho uzimisele ukuyifumana. ngokuthi uyibuyisa kanjani "Athi angayithola ayetshathe ejabula ... "Besizokueabanga ukuthi uzoyiqhuba isheshe ihambe; kanti eha, abelusi abaqhubi izimvu ngenduku; yona isetshenziselwa ukushaya izitha kuphela. Uyithwala ehiombe. Osebenzela imali, oqashiwe nguyena oxosha izimvu ngenduku azishaye aziqhube kodwa umalusi onguye uyayithwala imvu elahlekileyo ehiombe. Akakhulumi kuyo, akayisoli, uyayetshatha ethuli ethi: ingeyami kanye nokweduka nenkani yayo; igama Iami Iimenyezelwe phezu kwayo. Ukhathele kodwa akulutho, useyitholile eyakhe ngakho uyayetshatha ejabula. UmhJambi usuphelele futhi. Ake sibone ukuthi umfanekiso awusho Iutho ngemvu ukuthi ithini; eha, ayishongo ukuthi ngikhethe iNkosi,cha, sengathi imvu ieule kancane: ngafunyanwa, Nkosi yami(iculo 145). Izimvu ezedukileyo azikhethi. Wena, mshumayeli,mfundisi, angibuzi ukuthi ungashumayela kahle kodwa ngibuza ukuthi unamahlombe amakhuiu okuthwala na?

LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

  • Upload
    others

  • View
    24

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

LUKA 15: 1 -7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE(11-03-01)

Abathelisi nezoni babeIokhu beza kuJesu.AkufaneIe kube-njalol Abathelisi bayaphangaabantu ngokubiza ngaphezu komthetho egameni lamaRoma. Bayizimpimpi. Izoni, yibo laboabanganaki imiyaIelo kaNkulunkulu benze noma-ntoni abayithandayo. Unembeza waboawubahiuphi neze uyathula nje.Asinabo ubudlelwane nabo, kusho abaFarisi nezazimbhalo. Bafananabangaphandle. Angithi niyavuma kanye nabaFarisi? Abanjalo babi! Bangeolilel Nokho, abayekiukuza kuJesu ukumuzwa.Akukho okunye abezela khona. Abafuni impilo; abaeeli ukwelashwa.UJesu akabaxoshi na? Cha, uyakhuiuma nabo adlisane nabo emakhaya abo. AbaFarisibayakhononda ngaye. Abaqinisile na? Bangababi impelal Angithi siyafundisa izingane zethuukugwemela abanjalo? Nokho baseza kuJesu ukumuzwal Kodwa Iabo ababi babengamaJuda.Babengamalunga ebandla nakuba bengabonange baziveza khona. Besizokuthi namhlanjebabhabhadisiwe kanye nathi. Kodwa sebehlubukile eNkosini.Ubani oqinisile? NgabaFarisiababaqalekisayo noma uJesu odlelana nabo na?

ngokuthi ubala kanjaniKhona-ke uJesu walandisa abantu umfanekiso ngomalusi onezimvu eziyikhulu bese

kweduka eyodwa kuzo. Akazishiyi ezingu-99 ehlanzeni yini ahambe ayofuna lena elahlekileyo azeayithole na? Thina siphendula sithi:eha, ngeke kulunge ukushiya umhlambi wonke. Kusaseleeziningi kangaka. Ezingu-99 ziningi kakhulu kuneyodwa. Umfundisi wamakholwa makahialekuwo ayeke leyo eyodwa eIaWekileyo. Ukweduka kwayo akusilo ieaJa lethu. Leyomvu mayibuyeleesontweni uma ithanda. Singeke siyivalele umnyango. Kepha asimfuni umfundisi ohambahambarljalo emva kwezedukile ngaphandle. Ungowethu! Kepha uJesu akabali kanjalo. Akanakulalanjengoba imvu eyodwa ayisekho. Umhlambi awusapheleli. Leyomvu inye nje ibalulekilekunezingu-99 eziyaziyo indlela nezingathandi ukweduka. Imvu ingehlale ngokwayo ezweniingenawo umhlambi. UJesu unobuhlungu ngayo. Kwathi uma uJesu ethandaza eGetseman~ wathikuYise: ngibalonde bonke onginike bona; akukho noyedwa kubo owabhubha ngaphandlekwalowo owanikhaphela(Joh 17:12).

ngokuthi uyifuna kanjaniUmalusi akaphumi enegqubu ngaleyomvu enhliziyweni yakhe. Isihawu siyamqhuba.

Kanjalo futhi izimvu ezisasele azikhonondi njengoba okwamanje azimboni umalusi wazo. Cha,ziyamkhulekelal Ngoba ukufuna imvu ezweni akusiwo umsebenzi olula. Umalusi wayeyindodayempela ephethe induku(Gen 31:40; I Sam 16: 18). Ezintabeni zikhona izihosha Ia elunguza khonaamandla okubulaia izimvu. Kodwa umalusi omuhIe uzimiseIe; imvu yakhe uyayazi ngegama layo.Uma kudingekile, uiungele ukudela impilo yakhe ngenxa yayo. Kukhona amaseia ezimvu afisaukuzibhubhisa(Joh 1O:10;Hez 34:4,16). Kodwa igama lomalusi Iilotshwe emvini yakhe.Ingeyakhe. Ngakho uzimisele ukuyifumana.

ngokuthi uyibuyisa kanjani"Athi angayithola ayetshathe ejabula ... "Besizokueabanga ukuthi uzoyiqhuba isheshe

ihambe; kanti eha, abelusi abaqhubi izimvu ngenduku; yona isetshenziselwa ukushaya izithakuphela. Uyithwala ehiombe. Osebenzela imali, oqashiwe nguyena oxosha izimvu ngendukuazishaye aziqhube kodwa umalusi onguye uyayithwala imvu elahlekileyo ehiombe. Akakhulumikuyo, akayisoli, uyayetshatha ethuli ethi: ingeyami kanye nokweduka nenkani yayo; igama IamiIimenyezelwe phezu kwayo. Ukhathele kodwa akulutho, useyitholile eyakhe ngakho uyayetshathaejabula. UmhJambi usuphelele futhi. Ake sibone ukuthi umfanekiso awusho Iutho ngemvu ukuthiithini; eha, ayishongo ukuthi ngikhethe iNkosi,cha, sengathi imvu ieule kancane: ngafunyanwa,Nkosi yami(iculo 145). Izimvu ezedukileyo azikhethi. Wena, mshumayeli,mfundisi, angibuziukuthi ungashumayela kahle kodwa ngibuza ukuthi unamahlombe amakhuiu okuthwala na?

Page 2: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

ngokuthi uyithoh.ozela kan.ianiKanjalo uyayibuyise1a kuwo umhlambi. Nansi-ke emhlambini indawo yayo. Nawe ungebe-

yimvu ngokwakho. Awunakukholwa ngokwakho. Ukukholwa okunjalo kuyafa. eha, umalusiuyayibuyisela endaweni yayo okusho ukuthi emhlambini. Bese emema izihlobo nomakhelwane,athi kubo: ngibongeleni, bakwethu, ngokuba sengiyitholile imvu yami ebilahlekile. AbaFarisibabekhononda ngezoni kodwa uJesu uthi: ezulwini bayathokoza ngesoni esisodwa esiphendukayokunokuthokoza ngabangu-99 abazibona bengakudingi ukuphenduka. Niyakhononda kanyenabaFarisi nxa kubuyela kithi imvu enjalo noma niyathokoza kanye nabasezulwini ngomuntuonjalo na? Sengiyanizwa, bakwethu, nisafuna ukukala esilinganisweni senu ukuphenduka kwakheukuze nibone ukuthi kwanele yini angithi? Kodwa uJesu akashongo njalo. Uyakhuluma ngemvuebuyileyo.YiNkosi uJesu uqobo oyibuyisele emhlambini Ieyomvu. Imvu ngokwayo ayenzangaIutho.Umalusi usephendule isimo esibucayi eyayikuso imvu. Masimbonge ngomsebenzi wakhesithokoze naye.Ophenduliwe yiNkosi uqobo usephendukile impela.

Page 3: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Luka 15 : 8-10 = NGOMAME OLAHLEKELWE IRANDI ELILODWA18-03-01

Nanku-ke urnzekeliso wesibili ngokulahlekileyo. Owokuqala wakhuluma ngemvu, owesithathuwangesonto elizayo esiwuthandayo sonke kakhulu, usilandisa indaba yendodana eyalahleka ..Owanamhlanje awaziwa kakhulu: ngowesifazane olahlekelwe uhlamvu lwemali.

liyamlahlekelaUhlamvu lwemali ayekhuluma ngalo uJesu, aluthengi esitolo. Sithi namhlanje irandi nje. Nokhomasiqaphele ukuthi singakhulumi kakhulu ngerandi kodwa ngomninilo. Njengokuba urnzekelisowokuqala awusho lutho ngemvu kodwa ngomalusi nothando lwakhe. Umninirandi nguyeohluphekayo. Ngumame! Yebo, phakathi kwabaFarisi abazikhukhumeza ngaphezu kwabesifazaneuJesu akananhloni ukubakhulumela bona. Yibo labo abathwele umthwalo wasekhaya. Bhekalowomame. Ubenamarandi ayishumi kodwa elilodwa lawo lalahleka.ekhaya lakubo. UJesuwayebona ~alo omame belwa nobumpofu basemakhaya. Waye wakhuluma ngabo ekufundisenikwakhe(Mark 12:41-43). Cishe irandi elilodwa alisho lutho kubo abaFarisi kodwa kuninawezingane ezilambile irandi lifana nendlakusihlwa yomntwana oyedwa. Umuntukazana akasholutho ezweni; ufana nerandi linye vo kodwa kuNkulunkulu umuntu emunye udulile kakhulu.

uyalifunaIndoda ibizokuthi: irandi elilodwa masiliyeke kodwa umame uyalifuna emakhoneni wonkeomjondolo ahlezi kuwo. Njengoba indlu ingenamafasitele uyokhela isibani, akhase phansi, ashaneleyonke indawo, alibhudule irandana lakhe elalahleka, cishe akhale izinyembezi, yonke inhliziyoyakhe ikulento ayenzayo nakuba kunomsebenzi ongcolile phakathi kothuli lomjondolo wakhe.Nokho akayeki ngoba lelorandi elilodwa likhulu, lisho ipuleti lesitambu likaJabu,omncane wakhe.Akaliyeki! Lingelakhe! Qaphela kahle izinto ezimbili: kuthatha isikhathi sokubuyisela umuntuowalahleka kumnini wakhe, futhi kungumsebenzi ongcolile ukumcinga ezibini zezwe.

uyalithola athokozeNanto-ke lifihlakele phansi kwendwangu endala. Intokozo yakhe iyamgxumisa phezulu isandlasakhe sesiphethe irandana lakhe. Ngesikhathi esakhala wakhala eyedwa kodwa ma~e ubizaizihlobo nomakhelwane ngoba intokozo siyayabelana nabanye. Uthi:"ngibongeleni bo, ngobasengilitholile irandi lami ebelingedukele". Isimame siyakikiza sonke sijabula ngokuba abampofubadlelana bejabula. Abesilisa abadlula khona bebona abesifazane bejabula bebodwa, bayabahleka:"Yeka abesifazane bajabule ngesentana; sengathi ngumthetho wabo". Kungathithi amadodaaphezu kwezinto ezinkulu kabi. Kodwa umame ubuyiselwe okudulile kuye noma kuyinto encaneezweni lamanje.

izingelosi ziyathokoza nayeKodwa ezulwini kuthokoza izingelosi kanye nesimame saselokishini. Ngoba okwehlela abantuemijondolweni kubalulekile kakhulu kuzo izingelosi zasezulwini. Zona-ke zisebenzela abomhlaba,ikakhulu abancinyane, yebo, ziyabakhonela(Heb 1:14, futhi Math 18: lO).Ziyakhala nabo; kantifuthi ziyathokoza nabo, njengokuba sesiyabona namhlanje. Zibathokozelelani na?

ngesoni esisodwa esiphendukayoUJesu kanti ukhuluma kanjani ngesoni esiphendukayo(lO)? Ngizwa kuphela indaba yerandanaelabuyiselwa umninilo.Nokwana, thina-bantu siye sikhulume ngokuphenduka komuntu sengathingumsebenzi wakhe. Kodwa awunakuziphendula wena, muntundini. Ukuphendukakungukufunyanwa ngumnini wakho. Ungowokabani,wena randana? Ngithi ngafunyanwa,Nkosiyami(iculo 145). Ikhaya Iami Iisesikhwameni somnini wami. Angazi ukuthi ngaphenduka nini,kanjani,angishongo Iutho angikhethanga Iutho. 'Vyamupha othandiweyo wakhe esalele"(iHubo127:2). Njengokuba irandi labuyiselwa umninilo, kanjalo mina ngibuyiselwe umnini wami Iaphongizizwa khona ngisekhaya. Akakho onamandla okungithakatha ukuba ngihlukane neNkosi yami.NgingowoMsindisi wami namhlanje nakusasa nasekufeni kwami. Nguyena ongiphendulile.Angesabi Iutho. NguJesu oyintelezi yami!

Page 4: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

LUKA 15: 11-32 = NGOYISE OWAYENAMADODANA AMABILI(25-03-01)

UJesu uphakathi kwabaFarisi abakhonondayo ngoba bethi phela yena uthatha izono kalula~udlisana nezoni nabathelisi. Thina,baFarisi, sigcina umthetho kaNkulunkulu kanti yithina esisolwanjalo nguye kube sengathi siyizoni. Izoni uyazithanda, abalungileyo uyabasola. Omunye umfundisilona!(15: 1-2). Ngakho uJesu ulanda umfanekiso wemvu nowohlamvu(15:3-10) bese elanda·umzekeliso womuntu ongumninipulazi la ehlala khona namadodana akhe womabili. lnkosiisibonisa ngawo ukuthi enye ifana nezoni nabathelisi ababuyela kuyo, enye ifana nabaFarisiabangazange bahlubuke njengezoni kodwa nokho abaqondi kahle ukuthi ukuphilisana noYisewasezulwini kuyini.

ngesimo sasekhayaLalilikhulu ipulazi lalowomuntu; amadodana akhe womabili wayewadinga kabi ems(~benziniwamasimu. Endala ikhuthele, ayiphuthi, ayikhohlwa noma ntoni efanele ukuyenza; iyazizwa futhiikahle kakhulu~ umfowabo iyamdelela. Ngoba encane sengathi umoya wayo uzulazula yonkeindawo~ izandla zayo zenza umsebenzi kodwa inhliziyo yayo ikude. Ukuphilisana kwasepulaziniakuyanelisi nakanci. Hhi: ngiyisigqila khona lapha ekhaya, ngiyisiboshwa salo. Ngakho ithingelinye ilanga: sekwanele , ngiyahamba.

ngencane eyahlubuka yabuya yazisola yamukelwa nguyise, Yase ithi kuyise: sengikhathele ukuhlala lapha ekhaya nawe nomfowethu; "ngabele ifa lamingihambe". Uyise owayesebonile inhliziyo yencane ukuthi yayinjani akashongo lutho ngesiceIo

. esibi kangaka kepha wawehlukanisela ifa amadodana. Akubanga nsuku zingaki, encane yaqoqakonke okwakungokwayo, yadayisa ngakho, yathatha imali yayo yase ihamba. Kwasala uyiseedangele enosizi enhliziyweni yakhe.Sazi sonke okulandwa ku 13-16 ukuthi yahamba yatamasa yasaphaza ifa layo ekonakaleni kanyenabafazi nokuthi abangane bayo bayishiya mhla iphelayo imali nokuthi ezweni elikude yatholaumsebenzi yaqashwa yisakhamuzi esayithumela endle ukuba iyokwelusa izingulube. Yase ilambaphakathi kwezingulube ezisuthi!Yathi-ke isosizini olukhulu kangaka yasanguluka; yayisibuya ingqondo yathi: nakhu mina ngifaindlala kanti ekhaya likababa nezisebenzi ezibamba itoho zinokudla okwanele zize zikubuke.Ngiyisiwula mina. Ngonile kuNkulunkulu nakubaba. Sengiyazisola kabi. Ayifananga nabaningiabazisolayo kodwa abasuki ukuba babuyele koyise; basal a bekhala ngasezingulubeni bethi mayekithina kodwa ababuyeli kuNkulunkulu. Yona encane yabuyela kuyise.Kuthe isekude uyise wayibona. Sonke isikhathi uyise wayelokhu eyilindele njalo. UNkulunkuluwethu unjalo usalindela njalo abamkhohliwe. Umuntu omdala akasanakugijima kodwa uyiseomdala wagijima wafike wayigona wayanga. "Baba, nginecala ngonile kuNkulunkulu nakuwe.Angisafanele ukuba kuthiwe ngiyindodana yakho". Kodwa uyise akasafuni ukumuzwa. Uyabonaukuthi indodana yakhe ayibuyanga ukuncenga ukuphiwa okuthize kodwa ibuye ukuhlala kuyeekhaya. Ufikelwe isihe. Thina besizokubuza sithi uvelaphi, kusasele imali na kodwa uyise akabuzilutho; ok",enzekile izolo akusekho. UNkulunkulu unjalo. Icala layizolo alisekho. Indodana yamiibifile, yabuye yaphila, ibilahlekile, seyatholakala. Ngakho masijabule senze umbuso, kufakweindandatho yasekhaya esandleni sayo,kanye nezicathulo ezifanele indodana yasekhaya, kuhlatshwe.Base bebusa-ke. Umusa wentethelelo wamukelwa yilabo abangawufanele. Abangafanele bathiweabantwana bakaNkulunkulu,sebeyibo! Yithina sonke! Kusale igama elilodwa elithi mayibongweiNkosi yethu uJesu Kristu!

ngenkulu engahlubukanga kepha engaze yazi kahle ukuthi uyise unjaniCishe sikhohlwe yindodana endala esekhona njalo ekhaya isasebenza. Ayikhathali, ayiphumuli.Kuthe uma encane ibuye1eekhaya enkulu yayingekho isesemasimini.Lapho Iibantubahle isisondelengasekhaya izwa kuhlatshelelwa kusinwa. Uma ibuza ukuthi ngabe kwenzenjani ekhaya, yezwaukuthi umfowabo ubuyile. Kwayithukuthelisa kabi ukuba imemeze ithi anginamfowethu. Yenqaba

Page 5: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

ukungena endlini. Wathi uma uyise ezwa ngendaba waphumela phandle wayincenga endala ukubaingene endlini kodwa yona yamalela ithi awubheke, mina ngikusebenzele iminyaka eminingiangikaze ngeqe nowodwa umthetho wakho kodwa angiphiwanga lutho njengomfowethuowalishaya walibhuqa ifa elidla nabafazi. eha, anginamfowethu. Yala ukungena.

wena uzifanisa nayiphi?Seniyabona ukuthi uyise waqala walahlekelwa encane wabuya walahlekelwa nenkulu na? UHmanayiphi wena? Yebo, samukelwe sonke njengabantwana bakhe basezulwini. Kodwa ngemvakokuba sesingene ngaphakathi isimo sendodana eyalaWeka, asiphenduki yini isimo sendodanaeyasala endlini na? Awuzihlolisise ngobuqotho ungitshele ukuthi awukayiboni imbewu yomFarisiikhula phakathi kwakho na? Ngibuza wena osahlezi iminyaka eminingi esontweni ngithi uthini,uhlala khona lapha ngenxa yokuba umusa weNkosi wakudonsa waze wangena noma kungenxayokuba awuphuzi awukipiti, unikele ngeminikelo yesonto na? Sengathi uphasile kuNkulunkuluangithi? Kuyokuthi uma kungena kithi ofana nendodana encane eyaphilisa okwezingulube,uyomhlolisisa yini umbuze imibuzo eminingi ngoba phela sekungena umuntu ongcolile phakathikwabahlambulukile na? Mangikukhumbuze izwi likaBaba ayelishilo kuyo endala elithi: mntanami,ngihlala nawe lapha, konke okwami kungokwakho(31). Izwana eHthiumusa weNkosi uyalazi na?Siyaphila ngawo. Yizwana elinyenyeza enhliziyweni yami eHthi: wen a ungowoMsindisi wakhouJesu Kristu ngomzimba nangomphefumulo ekuphileni nasekufeni.

Page 6: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

JOB 20: 11-18 = UJESU UYAMBUYISELA UMARIYA EKUKHOLWENI29-04-01

Inkosi yethu uJesu isivukile kwabafileyo ukuba iliphe ibandla layo isipho sentethelelonesokunqoba kepha lingakuphi ibandla na? Alisekho; lihlakazekile. UPetru ubalekile; uThomaseuhlezi ekhaya ekhononda; kanjalo nabanye banyarnalele. Umalusi ukhona kodwa izimvuzihlakazekile. Ngalolusuku lokuqala lokuvuka siyambona uJesu ehamba yonke indawo ukubaabuthele ndawonye ibandla lakhe. Endabeni yamanje sifunda ukuthi uMariya Magdalenaubuyiselwa ebandleni nguJesu.11-13 uMariya uyaphuphutheka

UMariya wayephakathi kwabesifazane ababemlandela uJesu nababekhonza abafowabokanye noJesu ngempahla yabo. Kwakuhlezi kulowomame umoya wokubonga okujulile selokhuakhishwa nguJesu amadimoni ayisikhombisa(Luk 8:2-3). Wayekhona naye ngesikhathi uJesuenqanyulezwa eGolgotha; naye wayephakathi kwabesifazane ababephume ekuseni kusemnyamaukowugcoba urnzimba kaJesu nabafikelwa uvalo olukhulu befica itshe elivala ithuna ligingqiwe.Abanye babalekile kanyekanye bathi besesendleleni bambona uJesu uqobo owayevukekwabafileyokwase kuguquka usizi lwabo laba injabulo. Kodwa uMariya wasala eyedwa zwi ethuneni ekhalaizinyembezi. "Maye kimi, indaba kaJesu isifile nya". Okusho ukuthi ohlala eyedwa ngaphandlekwebandla likaJesu akatholi lutho. Kunengozi yokuhlala ngaphandle kwebandla likaKristu.Kukhona abaningi abaphethwe isizungu nosizi nezinyembezi njengoba bazihlukanisa nebandlaleNkosi yethu. Injabulo yokukholwa ayitholakali ngaphandle kwebandla. Ngaphandle kwebandlasiyakhohlwa futhi ngarnazwi eNkosi eyawakhuluma njengoba uJesu wayebatshenile ngaphambiliukuthi ngizokufa kodwa ngosuku Iwesithathu ngizobuya ngivuke kwabafileyo(Math 16:21).Ngaphakathi siyakhumbuzana siduduzana sithi: uJesu ushilo ukuthi nokuthi. Kodwa mayibongwe!INkosi ayikhohlwanga imvu yayo ephuphuthekayo.

Nokho izingelozi ezimbili ezithunywe yiNkosi kuMariya akaziboni kahle. Kuthi nxazimkhombisa ithuna elingenalutho, usaphuphutheka njalo. Ngisho nezingelosi azimsizi ngaluthoumuntu ongaphandle. Ngisho nethuna elingenamzimba alimshumayezi lutho uMariya. Umuntuongaphandle kwebandla udidekiJe. Bheka, uyacabanga ukuthi abantu bamthathile uJesu bambekekwenye indawo.14-16 useyamuzwa uJesu ukuthi unguye uqobo

Nangu uJesu uqobo lwakhe ekhona kuye kodwa uMariya akamazi.Asiqondi namhlanjeukuthi uMariya akamazanga ..nganL Yebo, uJesu wayenomzimba wenkazimulo esevukiJekwabafileyo. Kodwa akusikho lokho. Ngithi mina kunjengoba akekho okholwa kuJesungokumbona kodwa ngokumuzwa. Ngokuba siyambona uMariya exoxisana noJesu. KephauMariya akamnakanga ukuthi ungubani. Sengathi uyampompoza nje ngendlela yabesifazane ethiokhuluma naye ngumuntu obhasobha amathuna. Umuntu uyakholwa ngokumuzwa. Izimvu zizweiphimbo lakhe, abesebiza ezakhe ngamagama(Joh 10:3). Yikho lokho asekwenza uJesu. Uthingolimi lwakubo: Mariya. Akukho okunye. Nguye oxoxisana naye. UMariya kade ernfuna yonkeindawo kodwa nangu uJesu. Ungayi kude,muntu, ungakhuphukeli ezintabeni noma kuyiphiindawo. Uyakubiza ngegama lakho ngokuthi Mariya,Sellina,Ntombifuthi,Jabulani. Njengokubasibiza umuntu osengozini simbiza nje ngegama lakhe. Awumboni uJesu ngamehlo kodwauyarnuzwa ngezindlebe. Uyakhuluma kuwe. Ubungakarnuzwa yini? Akakude, useduze nawe(Rom10:6-10). Izwi lakhe lilapha kuwe. Uza kuwe ngesambatho seBhayibheli, uyakubiza ngezwilomshumayeli wakho. Iphimbo lakhe liyanyenyeza endlebeni yakho lithi:ngiyakuthanda. Umanilizwa namuhla iphimbo lakhe ningabozenza lukhuni izinhliziyo zenu njengoba kwenza okhokhobenu ... (Heb 3:15). '17-18 uyafundiswa nguJesu

Wase ejabula uMariya efuna ukumbamba uJesu noma ukumgona ukuba abuye ahlale nayenjengakuqala. Kodwa uJesu wamrnisa. "Cha, ungangithinti". Wase uJesu emfundisa ukuthisekuyisikhathi sakhe sokubuyela ekhaya lakhe. Sengenyukela kuBaba wami; nguYe othanda ukubanguBaba wakho futhi,Mariya. Kodwa mus' ukungilibazisa. manje. Akamfundisi kakhulu ngoba

Page 7: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

umuntu ufunda ekukholweni isigaba ngesigaba. Kodwa makaqonde kahle uMariya ukuthi uJesuakanakuhlala phakathi kwabantu abathize endaweni ethize ezweni. Inkaba yakhe isezulwini Iaphoezobuya khona ukuba-yiNkosi noMsindisi wabantu bonke.19 uyabuyiselwa ebandleni nguJesu

Njengabo bonke abanye ababehlakazekile uMariya wabuyela ebandleni. Umuntu angehlaleyedwa ngokwakhe. Umuntu makakwabelane nabanye asekuzwile ngoJesll. Indawo kaMariyaayikho ethuneni elingenalutho kodwa indawo yakhe isebandleni lapho kuhlala khona bonkeabavuma ukuthi uJesu owavuka kwabafileyo, uyiNkosi yabo. Ohlala ngokwakhe uyafanokukholwa anakho kuyafa kanye naye. UMaiusi usebuyisele kumhlambi imvu edukileyo. Wenausuyabona indawo ekufaneleyo. Uyamsola umshumayeli wakho na? Noma uthi ngifundilengaphezu kwamanye amakholwa na? Ngiyakuzwa kepha indawo yakho iphakathi kwabanyeabakholwayo abamvumayo uJesu. Awumtholi ehlane. Awumtholi noma kuyiphi indawo. Usuzwilenamhlanje iphimbo Iakhe na? Uyakubiza ngegama Iakho. Ungabi-nayo inkani!

Page 8: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

JOH 20: 24 - 29 = INKOSIIYAMBUYISELA UTOMASE EKUKHOLWENI- (06-05)UTomase wayengomunye wabafundi beNkosi. Abanye babemazi engumuntu olukhuni

ohlala ephikisa engabaza(1l: 16;}4: 5). NabeNkosi abasibo abamkhuba-munye. Kukhonanabanochuku namadela namavila nabanjengoTomase. Ngakho kwathi uma bonke bekhonangenkathi efika kubo uJesu, uTomase wayengekho. Sizokuzwa ngesizathu ayenaso ngenzansi.Kepha abanye abamdelanga ngokuthi "masimyeke, niyamazi ukuthi unjani".24-25a abanye bambuyisela ebandleni

Cha, esontweni akushiwo njalo phakathi kwabazalwane. Abanye bathi: singenama kanjanilapho uTomase esala emuva na? Bahamba bemfuna yonke indawo eJerusalema. Bathi sebemtholilebamkhuza ngokuthi ungahlali wedwa,mfowethu, thina siyibonile iNkosi, ibikhona kithi esontweni; .ivukile kwabafileyo kanti wena njengoba ubungekho, awuzange uyibone. Ohlala ngaphandleakatholi lutho. Abazalwane baxoxisana kanjalo. Kuhle ukummema osalile nakuba enochuku.25b mina,mina,mina

UTomase uyabezwa; usesebandleni manje kodwa ngaphakathi kukhona abangabazayonabangakangeni kahle ekukholweni okuphilile okukuJesu Kristu. Asibheke ukuthi uTomaseukhuluma kuphela ngokuzwa kwenhliziyo yakhe nangokubona kwengqondo yakhe. Uma minangingaboni ... ngifake umunwe wami njalonjalo. Kodwa ukukholwa kungukuthulisa izwilenhliziyo nengqondo yakho nokuyivulela iNkosi namazwi ayo. Inhliziyo njengokuba yondliwayingqondo ingumthombo wokungabaza. Ithi-ke ingqondo: uJesu wafa uselugodo; akunakwenzekaukuba avuke. Inhliziyo bese ilandela ingqondo. Inkosi ayishilo yini ukuthi ngosuku lwesithathungizovuka kwabafileyo na? Kepha ingqondo nenhliziyo kaTomase yathi: cha, akwenzeki. Neyamiayivumi. Kusafanele ngibethele esiphambanweni ingqondo yami kanye nenhliziyo yami ibuye ivukekwabafileyo imlandele uJesu. INkosi iyasifundisa esontweni ukuthi okungenakwenzeka ezwenikuyenzeka kuNkulunkulu(Math 19:26). Akwanele ukuhlala nje esontweni kodwa ngibambakhonaindlela ende yokufunda ukukholwa okusho ukuthi ukuvulela iNkosi ingqondo nenhliziyo yami.26-27 nang' uJesu,nang' uJesu

.'. Ngesonto ntambama abafundi bahlangene futhi njenganeviki elidlulileyo. NamhlanjenoTomase ukhona kubo. Ngokwesibili uJesu ubanikeza ukuthula kwesiphambano(19,2l).Ingqondo nenhliziyo yomuntu izuza ukuthula kwayo kuphela esiphambanweni sikaJesu. Sengathinamhlanje iNkosi izele uTomase kuphela. Yinduduzo yeVangeli yokuthi iNkosi ayimshiyiuTomase ekungabazeni kwenWiziyo yakhe. Kusobala ukuthi uJesu uyakwazi konke akade ekushouTomase. "Awusondele ufale utnunwe wakho enxebeni leziphikili .... " Kanti iNkosi iyamukelayini isicelo esinje somuntu olukhuni na? Tomase, njengoba ungenakukholwa ngendlela eyiyongiyakuvumela ukukholwa kimi ngendlela engavamile; "awufake umunwe wakho lapha ... kodwayeka ukungabaza ukholwe". UTomase usefisa ukudla wonke amazwi amakhulu ayewashilongaphambili(25). Yingozi yokushesha ngamazwi akho,muntu(iZa 29:20). Nokho uJesuuyamvulela uTomase isicabha sokungena futhi ekukholweni.28 Nkosi yami,Nkulunkulu wami

Wase ephakama uTomase.Cha, ukuletha isandla sakhe ohlangothini lukaJesu akasakufuninakanci. Usebonil~ ukuthi ngubani oyiNkosi yakhe. Ngaphambili wayembone uJesu njengomsizinoma iqhawe lasezulwini; manje useyambona njengoba enjalo. Ovuka kwabafileyo mathupha,nguNkulunkulu uqobo; owazi okushiwo ingasese, ngtiNkulunkulu wempela. Ozele mina uqobolwami ukuba ngibuyele kuYe, ngidele ukudideka kwenhliziyo, kumelwe abe-yiNkosi yasezulwini.''Nkosi yami,Nkulunkulu wami". Owaphikisa engabaza, nguye osetholile indlela eyiyo kaKristu.Ovumisa okukaTomase nguye yedwa onokukholwa okuvuthiweyo.29 thina

"Tomase, usuyakholwa ngokuba ungibonile ubuso nobuso?". Lendlela yakho yokungibonangamehlo izokuvalwa khona manje nxa ngenyukela ezulwini. Khona-ke kuzobakhona umthethoomusha wokuthi babusisiwe abakholwa bengabonanga. Ngowethu mal~e. Indlela yamehloivalekile. "Ukukholwa kuvela ngokuzwa"(Rom 10: 17). "Enimthanda ningambonanga"(I Pet 1:8).Indlela yokungena yeWukile kodwa esikuzuzayo kusafana kuthi: Nkosi yami,Nkulunkulu wami.

Page 9: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

JOB 21 : 1-14 - INKOSI IZIBONAKALISA KUBO ABANGABAYO EMSEBENZINI13-05-01

Ngenhla sabona ukuthi uJesu emva kokuvuka kwakhe waziveza kabili esontweni phakathikwabangabakhe. Ngokokuqala uTomase engekho, ngokwesibili ekhona naye(20: 19-29).KwakuseJerusalema lapho iNkosi yabethelwa khona yabuya yavuka futhi. Namhlanje sibonaukuthi uJesu wazibonakalisa kubo eGalile echibini. Bafunani khona eGalile? UJesu wayebayalezileukuya khona(Mark 16:7). Futhi babengenayo enye indawo; iGalile liyikhaya likaPetru nabanye.Bashiye khona ngasechibini laseGalile imizi yasemakubo. Sebekhululekile futhi eGalile kantieJerusalema babecindezelekile ngenxa yamaJuda(19).

iyezaSebesemakhaya futhi· bajabule. Kade bagcina khona. Abayisikhombisa babo bahlezi

ndawonye. UJohane akasakhumbuli wonke amagama ababekhona. Uthi osibanibani nabanyeababili engingasabakhumbuli kahle ukuthi babengobani. Ngoba uJohane ulanda lapha eVangelinilakhe izindaba ezazikade zenzeka. Uselixhegu ngenkathi ebhala konke. Bathi uma bekhona ekhayabamangala ngoJesu ukuthi uzofika nini nakanjani. UPetru wavele waba-ngumholi wabo. Usethinxa bexoxisana: ngisayodoba. Sengikhathele ukuhlala phansi la ngingenzi lutho. Abakithibalambile. Omakoti bakhalela imali. Masihambe sibambe izinhlanzi sidayise ngazo emakethe sibe-nemali ngoba phela ngumsebenzi wethu. UJesu lona asimazi ukuthi uzokuza nini.

Abanye bayamvumela. Base bephuma ntambama ngesikhathi sikabantubahle ngobaukudoba ngumsebenzi wasebusuku. Base bengena esikebheni bejabula ngoba kade bagcina.Kumnandi kangaka ukuzwa futhi amagagasi olwandle njengakuqala lapho besadoba. Kephangalobobusuku ababambanga lutho. Ubusuku bonke babedoba kuzo zonke izindawo ezithiwazinezinhlanzi kanti cha, ukushikashikeka kuyize leze. Abezwanga yini ukuthi iNkosi yezwe imisaizinhlanzi ukuba zingangeni enetheni labo na? Ngabe babezokhononda ukuthi uJesu ulibele ukuzakubo.

nansi iNkosiNxa kuntwela bakhathele kabi. Badiniwe belambile. Ukushikashikeka isikhathi eside

kangaka nokungatholi lutho kulukhuni. Sekushaya isikhathi sokuya ekhaya, madoda, kusho bona.Base bebona umuntu emi ogwini laphaya bengekude nogu. Lowo abangamazi uyamemeza uthi:madoda, anitholanga ukudla na? Izwi leli liyabacasula kakhulu ngoba phela kusobala ukuthiisikebhe asinalutho. Ngakho bamphendula ngezwi elilodwa nje lokuthi cha; elobuhlaza sengathilithi bheka ezakho wena. Manje lowomuntu uyabeluleka ngokuthi: phonsani inetha lenungakwesokunene lwesikebhe, yikhona nizothola eziningi. Yini ebenza bakwenze akushoyo na?Bayakhumbula yini okwenzekile ngaphambili?(Luka 5: 1-11).

Indaba njengokuba iqhubeka siyayazi. Masinya inetha lagcwala nswi izinhlanzikangangokuba behluleka ukulenyusela esikebheni. Ngakho sebeyalidonsa emva kwaso. Nokwanaabakaboni ukuthi yini ebaphumelelisa kahle kangaka. Kodwa nguJohane osebonayo. Nguyena othikuPetru: yiNkosi. Vena ekuzwa lokho akalibali kodwa usimze afake iyembe lakhe ngobawayekhumule kwaze kwabasokhalweni lwakhe, agxumele emanzini angemaningi aklubuze kuwoaqonde ogwini. Uqonda uthe ngqo kuJesu. Abanye abenzisi okukaPetru; abantu abafani;nasekukholweni sehlukene. Abanye beza ogwini kancanekancane isikebhe sisalidonsa inethalezinhlanzi. NoPetru useyabasiza ehudula inetha eligcwele ngezandla zombili.

Nango uJesu emi ogwini lwechibi. Kanti konke okuhle kwakungumsebenzi wakhe.Inkazimulo yakhe iyabathulisa. NguYena oyaleza hhayi nje izifo namademoni nomoya(Math 8:27)ngisho nazo izinhlanzi. Ngu Yena ongazikhukhumezi ngamandla anawo kodwa uyabamemakamnene ekudleni; "wozani nizokudla". Yebo, sebeyabona ukuthi lowomfokazi nguYena uJesu.Kodwa ubani ohlala kuYe? Ngu Yena ogcwele inkazimulo nesithunzi namandla asezulwini,ngubani? Amukho kubo onesibindi sokumbuza ukuthi ungubani wena? UKristu lowo mkhulukunoJesu waseNazaretha ababehamba naye engakayi eGolgotha nongakavuki kwabafileyo.Bayambona kepha abamboni kahle futhi; inkazimulo yakhe iyabehlula(Luk 24:31;36-39)

Page 10: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

akukho-ndawana engesiyo eyakheUJohane owabhala iVangeli lakhe esemdala kakhulu uthi: angisenakukhumbula izinto

eziningi(2) kodwa ngisakhumbula namanje ukuthi sabala izinhlanzi ezingu-153. Angisozengakhohlwa. Isibalo lesi sasishumayeza udumo IweNkosi.

EJerusalema uKristu waziveza kubafundi bakhe kabili behlangene esontweni.Kwakunjengenkonzo. Abashumayeli babekhona kanye nabesifazane. Kwakungesonto ntambama.Bayibona khona bonke inkazimulo yeNkosi eyavuka kwabafileyo. Kodwa namuhla eGalilengasogwini lwechibi phakathi kwezinhlanzi nephunga lazo, phakathi kwamadoda ajulukayo laphobehlezi khona ngasemlilweni iNkosi izambula iwabonisa ukuthi zonke izindawo zingezayo. Azikhoizindawo ezingcwele ngaphezu kwezinye, Konke ukuphila komuntu kuphansi kobukhosibukaKristu Jesu. Ayikho indawana, alikho ikhonana elingangenelwa yinkazimulo yeNkosi. Asirniphambi kukaKristu Jesu esontweni nje kodwa nasesikoleni naseziko nasemsamo nasocansini nomakuphi. Nezikhencezo zamahashi namabhodwe okudla aseJerusalema angcwele(Zak 14:20-21).Nanku-ke umbiko wamanje ngoJesu Kristu oziveza kubantu bakhe njengeNkosi yasezulwini'uthi: ngihlukaniseleni konke okwenu. Akukho-ndawana yakho engesiyo eyami. UKristu uyalobaigama lakhe lenkazimulo phezu kwakho konke okwakho. Kuyakwesabisa yini nomakuyakuthokozisa na? Uyezwa enhliziyweni yakho ubukhosi lobu na?

Page 11: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

JOB 16 : 12 - 15 = UMOYA UYASIBOLELA EQINISWENI LONKE = 17-06-01UJesu use1ungele ukushiya abafundi bakhe ngokuba isikhathi sakhe sokwemuka kubo

sesifikile. Nokho akayikubashiya beyizintandane( 16:18). Uthi: kukhona omunye othiwa uMduduzinoma uMbambeIi engiyokumthumela kini(l6:7). Nguyena ozothatha indawo yami ezweni ngizengibuye ngosuku Iokugcina. NguMoya oNgcwele.

uyamkhazimulisa uJesuKusekhona okuningi athanda ukubatshela khona uJesu abafundi bakhe kanti cha

"ningekuthwale manje". Umuntu akanakuqonda iqiniso eliphelele likaJesu ngesikhashana. Sitholaisibonelo esihle kuLuka 22:38("kwaneIe"); abafundi abakaqondi kahle khona ukuthi udlameIwepolitiki aluhambe1ani nombuso wasezulwini. Nokho kulungile; uMoya othatha okwamanjeindawo kaJesu ezweni, akalethi ivangeli lakhe, akafundisi ezakhe, konke akushoyo ukuthathakuJesu. UMoya unguMshumayeIi wezikaJesu Kristu. Uyasebenza ezweni ukuba kuthulwengezakhe, kuvunywe ukuthi uJesu uyiNkosi (I Kor 12:3). UMoya oNgcwele noma uMoya kaJ esuusemthunzini ukuba simbone uJesu esekukhanyeni. Umbiko kaMoya munye wokuthi UJESUKRISTU UYINKOSI(Fi12: 11).

Sibona kanjalo ukuthi uZiquzintathu umunye. INdodana iyakhuluma okukaYise(l4: 10),uMoya uyakhuluma okweNdodana. Thina,bantu, asiqondi kahle umoya onjalo ophilela omunye;mina,muntu,ngiziphiIeIa mina. Kodwa uMoya oNgcwele uphiIe1a uJesu kuphela ukubaakhazimuliswe, yena ahlale emthunzini njengomuntu ongenagama. Ngakho nathi masingamkhiphiuMoya emthunzini sithi masenze imisebenzi yakhe. Ogcwele uMoya nguyena ogcwe1e uJesu!

akasho izinto ezintshaKuhle ukucubungula lapha kancane. Sifunda ukuthi uMoya oNgcwe1e ubikela

abakholwayo okuzayo. Cishe sicabange ukuthi uMoya ufana nesangoma sobuKristu. Imfihloyakusasa uyasambulela yona. Kanti cha, akunjalo. UMoya akanalo iVangeli lakhe njengokubauJesu unelakhe. Iqiniso IeVangeli Iinye. UMoya akambuli okungakashiwo nguJ esu. Konke anakhouyakuthola kuJesu njengokuba okukaJesu kuvela kuYise. Konke Iokho kutholakele eBhayibhelini.Ngakho asisukumi esontweni sithi Ialelani, uMoya usho kimi ukuthi nokuthi njengokuba nawefuthi uthola owakho umbiko ohlukile kunowami. Cha, uma bekunjalo uMoya oNgcwe1eubezokufana nesangoma. Cha, munye umbiko kaMoya nokaJesu nowe Vangeli. Kodwa thina bantusifunda umthetho munye weVangeli yilowo nalowo ngokwesimo sakhe nangobuzwe bakhenangeminyaka yakhe nangesikhathi sakhe nangobulili bakhe. Linye iVangeli likaMoya kodwaimpilo entsha yentombazane ensundu yakwaZuIu ngesikhathi sikaCetshwayo ayifani nempiloentsha yekhehla eIimhlophe laseGoli ngesikhathi sika-de Klerk. Kodwa sonke masibe-ngabantuabalungele ukumlale1a uMoya oNgcwele osifundisa ukumphilela uJesu, yilowo nalowo esimwenisakhe. Ongenzi njalo uyamdabukisa uMoya oNgcwele(Ef 4:30).

uphethe iqiniso linyeOfunda Joh 14-16 useyabona ukuthi kukhona izinto ezimbili esizabelanayo, thina

bakholwayo bamanje, nabafundi bakaJesu. Okokuqala ukuthi sidinga induduzo kaMoya oNgcwelengokuba ukuvuma igama likaJesu-iNkosi akusiyo into ejabulisa bonke abantu. Isihlokwana phezukukaJ oh 15:18 sithi: inzondo yezwe. Yisabelo sabaningi abavuma igama leNkosi ezweni sokuthibayezwa leyonzondo noma emsebenzini noma esikoleni, ngomthetho weVangeli wokuthi incekuayinkulu kuneNkosi yayo. Nilungele ukuhlekwa nokuhlushwa kanye neNkosi yenu uJesu na?Okwesibili yinkinga yabakholwayo bonke bazo zonke izikhathi yokuthi siyakholwa siyethembaiNkosi esingayiboni ngamehlo(funda I Pet 1:8). Kusenza sizwe isizungu ezweni. SiyakholwakuYena esingakwazi ukumbonisa. Nokho uMoya uyanyenyeza ezindlebeni zethu ethi babusisiweabakholwa bengabonanga(Joh 20:29).

Page 12: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Anazi Yini Ukllthi UMoya KaNklllllnklllll Uhlala Kini Na?(Rom 8:9,1 I; I Kor 3: 16; 6: 19; II Tim 1:14 - 24-06-01)

lNkosi uJesu yathulula uMoya wayo oNgcwele ngePentekoste ukuba ahlalekwabakholwayo ukubabhasobha ize ibuye ngosuku lokugcina. Sabona ngesonto elidlule ukuthiuMoya akalethi ezakhe izindaba noma elakhe iVangeli. Uneculo linye nje lokuthi UJESUUYINKOSI. Akanalo elinye iculo ebhukwini lakhe.

uhlala ezinhliziyweniCha, angishongo ukuthi uMoya kaJesu uhlala ngasendlini yesonto noma ebhilidini

elisiphesheni emva kwesonto. Cha, uhlala ezinhIiziyweni noma emizimbeni yabakholwayo.Umzimba womuntu ulithempeli likaMoya kaJesu, hhayi idokodo elikhona namhlanje kanti alisekhokusasa. Kwezinye izindawo kuthiwa uhlala ezinhliziyweni(1I Kor 1:22; Gal 4:6; En: 17).Inhliziyonomzimba kuyinto inye.UMoya kaJesu uhlala kuwe. Njengokuba izilimi zahlala phezu kwalowonalowo kubo(iZe2:3). UJesu akafuni abantu nje; ufuna wena ukuba ahlale kuwe ngoMoya wakhe.Cha, wena, okholwayo, awusiwo owakho. UMoya kaJesu uMnini wakho uhIala kuwe. Ngakhouphethe igama likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele. UMoya oNgcwele akasivakashelingesikhathi senkonzo noma akashiyi umbiko wasezulwini enhliziyweni yakho. Inhliziyo yakhonomzimba wakho, Jabulile noJabulani, kulikhaya likaMoya kaJesu. Ngithe esihlokwanenisangenhla: ezinhliziyweni, ngokuba inhliziyo yomuntu ilihovisi lakhe lapho kucatshangwakunqunywe khona ngazo zonke izindlela zakhe(iZa 4:23).Yikhona enhliziyweni lapho iNkosiuJesu ifuna ukuhlala khona. Ukuvuma ngomlomo kulandela emuva.

uyaholaKonke akwenza kithi ezinhIiziyweni uMoya oNgcwele kungashiwo ngegama linye elithi

uyalla/a. Uyakhombisa amakholwa indlela. Sifunda kuJoh 16 ukuthi uyasiholela kulo lonkeiqiniso likaJesu(13). Obengakezwa kithi ukuthi ukuholwa nguMoya kaJesu kuyini, sengathiubengakahlangani kahle neNkosi uJesu. Ukukholwa kwakhe kusathinta umlomo wokuvumanokucula kuphela. Ukuholwa nguMoya kuyindlela ende yokuphila komntwana kaNkulunkulu,yindlela yokulandela neyokuwa neyokuvuka. Yindlela yokwehlulwa yiZwi IikaJesu okhulumaenhliziyweni ngoMoya wakhe aze abone ukuthi nansi indlela yeNkosi yami, nansi indlela engesiyo.Akuyona indlela yokuhudulwa. UMoya kaJesu akahuduli muntu ongavumiyo. UMoya akamenziumuntu umshini olalelayo. Okhonjiswe indIeIa yenkolo usafanele ukunquma ukuthi uzohambangayo noma chaoInyama yakhe ayivumi, imvelo yakhe inenkani. Uzimisele yini ukumphilela uJesuna? Wonke amazwi enkolo asephumile emlonyeni wakhe angamazwi yini nje noma angamazwiomuntu ofeza isibopho somntwana kaNkulunkulu na? Ufuna ukumphilela uJesu yini? UyamvumelauMoya kaJesu ukuba amenze umuntu akhulele inkolo evuthiwe na? Lowomuntu usezwa inkaniyenyama namandla kaMoya (Gal 5) ekuphileni kwakhe na?

lIyisibambiso sera lethllMhla uJesu emuka kithi ukuya ezulwini wasethembisa uMoya oNgcwele ukuba

asibhasobhe abe-nathi aze abuye. Kuyaye kuthi uma kuthengwa into enkulu, kukhokhwangaphambili isibambiso noma idiphozithi enjengesithembiso sokuthi enye imali izolandela emuva.Kanjalo ilMoyaoNgcwele ubizwa kwiNT ngokuthi isibambiso sefa lethu. UJesu uyasethembisaokumangalisayo okungazange kubonwe ngamehIo nokungazange kuzwiwe ngendlebe.Okwamanje usebeka enhliziyweni yomuntu isibambiso sefa elizayo. Wasishaya uphawu lokuthisingabakhe wasipha uMoya oNgcwele ezinhliziyweni zethuoyisibambiso sakho konke akugcinelathina(I1 Kor 1:22).

ningamcimi lIMoyaOmdabukisa uMoya ngohambo olungcolile, ngenkani noma kanjani, makaqaphele. Ngoba

khona manje uyamcima uMoya(I Thes 5: 19) njengokuba kucinywa ikhandlela kube-mnyama.Umuntll onjalo lIyazivalela ngaphandle ebumnyameni kllze kube-phakade. Kungconoukugcwaliswa ngoMoya (Ef 5:] 8) ngokuhamba njalo ngendlela asikhombisa yona.

Page 13: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

DAN. 1 = NGOHAMBO LWENTSHA EZWENI ELINGAKHOLIWE = 28-01-011-3 inhlalo yethempeli isiyaphela

Babekade bexwayisile abaprofethi abanjengoJ eremiya ngokuthi bandla lakwaJuda, uJehovaakasabekezeleli inkani yenu, uthi: ngiyahlehla mina, ngininike1e ezandleni zeNkosi yaseBabele,yiyona ezonithumbela ezweni elikude iva1e inkonzo yethempeli laseJerusalema.Yikho lokhoosekwenzeka manje. Inkosi yakwaJuda, uJehoyakimi, ayinakekeli ilahle iZwi likaJehova okwenzaukuthi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, adedelwe nguNgikhona ukuza eJerusalema, azeambophe uJehoyakimi ngamaketanga amyise eBabele(II Kron 36: 5-6), avale inkonzo yethempelinjengokuba kade yamiswa nguMose, athathe izitsha ezingcwele zenkonzo kaJehova azibekeethempelini likankulunkulu wakhe eBabele. Inkonzo endala yethempeli likaJehova isichithiwe!"Intsha ingahlanza kanjani uhambo lube-msulwa"(iculo 61) nxa inkonzo kaJehova ingasekho, umaiZwi lakhe lisathuli na? UNkulunkulu angakhohlwa intsha yakhe eyayisokiwe nomaeyayibhabhadisiwe ngegama lakhe na? Sengathi amakhosi alelizwe asashaya umthetho kwaJuda!3-7 intsha ithunjelwa eBabele icindezelwe khona

Inkosi yaseBabele inesu elikhaliphile lokuthi kukhethwe phakathi kwentsha yezikhuluzakwaJuda abafana abahlakaniphile, abangenasici, abakhuthele, bayiswe eBabele bafundiswekhona iminyaka emithathu amasiko nohambo IwaseBabele bafunde inkolo yakhona; sengathiyimission yokugubudela, ukuze bakhohlwe konke kwasekhaya nabazali nemfundo nenkonzokaNkulunkulu ngisho namagama abo. Mababizwe ngamagama amasha bakhohlwe ukuthibaqhamukaphi benziwe abantu abasha. Kulabo kwakukhona abane ababeneminyaka engu-14nababengabangane abakhulu: oDaniyeli noHananiya noMishayeli noAzariya. Sebethiwangamagama kankulunkulu waseBabele.UDaniyeli ogama lakhe lithi 'uNkulunkulu ongithethangecala' usethiwa nguBeli, unkulunkulu waseBabele( uBelitheshasari=uBeli uvikela impilo yakhe).Abantu bakaNkulunkulu sebefaniswa nabangakholiwe noma nabakhonza abanye onkulunkulu.Hhayi nje ngamagama kodwa kukho konke: akusiwo nje umlando waseBabele kodwa futhi inkoloyakhe nawo wonke amasiko angakhona, bamelwe ukufunda konke. Nasekudleni labo abanebenziwa abaseBabele; sebephakelwa ukudla okuhlukaniswelwe uBeli; kanj alo newayini abanikwalona ukuba baliphuze. Batshelwa ukuthi mabafunde kanjalo iminyaka emithathu bese behlolwayinkosi uqobo.USathane uzophumelela yini ukuhlubula intsha eNkosini yayo na?8-17 intsha iyathula kodwa iyazabalaza

UDaniyeli uzimisele ukungadedi. Akanakwamukela konke ayalezwa ngakho. Yebo,kukhona okuningi angakubekezelela. Indaba yamagama angayithwala. Imfundo yenkonzo kaBeli,namagama ezithixo angawafunda ngenhliziyo. Kodwa uthi: angisoze ngazingcolisa ngokudlaokuhlukaniselwe izithixo zalendawo. Angisoze ngenza okungihlanganisa noBeli nokuyihlazophambi kweNkosi yami.Ornata bakhe abathathu bayavuma. Bathi bodwa mabathinte indunaebaphetheyo. Cha, abahleli imashi labafana bakwaJuda, abaphikisi, abanachuku. Bayahlonipha nxabecela ukungadli ukudla okuthize nokuliphuza iwayini lenkosi yaseBabele. Njengoba bahloniphangomthetho waseBabele induna ethanda labobafana bakwaJuda, ifisa ukubavumela kodwaithi:kunzima kimi ngoba inkosi yami enkulu izobona ukuthi nina nisala emuva maqondana nabanyeabafana. Nokho oDaniyeli abadeli kepha bathi: iNkosi yethu ingasilekelela. Ngakho bacela ukuthimabaphiwe imifino nje kanye namanzi kuyekwe ukudla okungcwele kwaseBabele izinsukueziyishumi bese kubonwa ukuthi isimo sabo sizokuba-njani maqondana nesabanye abafana. Sonkeisikhathi Ieso babedla imifino kuphela okusho ukuthi ukudla kwasekhaya lakubookunjengobhontshi no-anyanisi nokunjalo. Kwase kubonakala ukuthi labo abane babekahle bephilakunabo bonke abanye abafana. Ngakho bavunyelwe ukuqhubeka ngemifino yabo bangadli luthoolwaseBabele. Ngicabanga ukuthi babevuselelana bethandaza bodwa ukuthi iNkosi mayibasizengoba umsebenzi ababephezu kwawo wawunzima kabi.

Page 14: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

18-21 intsha iyabusiswaKodwa ngokuqhubeka kwezinyanga babona ukuthi: siyaphumele1a,madoda, asizange

simkhaphele uNkulunkulu wethu wasezulwini. Ngesikhathi sokuhlolwa kwabo emva kweminyakaemithathu, lapho bebeneminyaka engu-18, kwafunyanwa ukuthi baphase bonke kakhulukunabanye abafana. Base benikezwa isikhala esikhulu embusweni kaNebukadinesari. UDaniyeliwayezokuba-nomsebenzi ophakeme kakhulu ominyaka eminingi eBabele.

thina?Ake sibone kahle ukuthi kwakungesibo bonke abafana bakwaJuda ababegcine inkonzo

yeNkosi. Cha, kwabakhona nabanye ababevumele izwe ukuba libafanise nabangakholiwebaseBabele. Sufunda ku-6 ukuthi "kulabo ... "okusho ukuthi abanye abathathanga indlela yalaboabane. Inkolo yasekhaya yakhohlakala kubo. Njengokuba kukhona nakithina abasha ababevumaigama leNkosi kanye nathi kodwa sebefaniswa nabangakholiwe.

Inkosi yethu ayishongo ukuthi intsha iphendule ngokushumayela izwe elingakholiwenabangane bayo esikoleni kube sengathi ingabashumayeli,cha, mayigcine igama likaJesu Kristulibe-msulwa; intsha ingabekezelela okuningi ithule nxa ibona ukuthi inhlalo yesikole ayihambelaninentando kaJesu kodwa makungabikho ozingcolisa ngezinto eziyihlazo phambi kweNkosi yethu.Yinina uqobo enazi kahle esimweni senu umkhawulo phakathi kokubekezela nokuzabalaza.Ngesinye isikhathi siyathula sibekezele, ngesinye isikhathi siyazabalaza sithi:sekwanele hlezekungcoliswa igama leNkosi yethu. Nokho intsha mayingazikhukhumezi ngaphezukwabangakholiwe kube sengathi sibangcono thina. Asiyibo abashumaye1i esikoleni kodwa umakungase kuvele obuza ngethemba nesibindi esikini, masilunge1e ukuphendula kodwa "kwenzenilokho ngobumnene" (I Pet 3: 15-16). Ikakhulu unembeza wenu mawuhlale umsulwa ngohambooluqotho phambi kweNkosi ngoba nxa kungenjalo, abangakholiwe bazoninuka masinya bashokahle ukuthi niyazenzisa. Uma nihamba njengabahlangene neNkosi, nizokuzwa isandla esibusisayosayo ekuphileni kwenu nizwe phakathi enhliziyweni ukuthi "sesisendleleni eyiyo yeNkosi".

Page 15: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Iphupho Lenkosi YaseBabele Liyabikezela Ukuza Kombuso KaJesu Kristu(Dan. 2 = 04~02~O1)

IndabakaDaniyeli nabangane bakhe abathathu abathunjelwe eBabele isiyaqhubeka. Sabonangenhla ukuthi bathobela umbuso waseBabele nenkosi yawo uNebukadinesari, nokhobasanamathela njalo eNkosini yobusha neyelizwe labo, uNkulunkulu wasezulwini.1~13 yiphupho elifihlakele

Sibona nxazonke ukuthi ababusi abaphatha ngonya bangabantu abanovalo. Amandlaabazibambele wona bazaphucwa wona nini nangobani? Akekho abamethembayo. KwakunjalonoNebukadinesari. Ubuthongo bambalekela ebusuku. Umoya wakhe wawukhathazekile(29).lzinkathazo zakhe ziyabuyela kuye emaphupheni akhe. Impela akwenqenayo umuntu eminikuyabuyela kuye ebusuku. Ngesikhathi evuka uNebukadinesari ekuseni uyazi ukuthi iphupho leliayenalo likhulu kabi. Uyalesaba. Sengathi liyabikezela ingozi. Kepha akalibambi ngengqondo.Izazizakhe ziyomhleka yini uma ezitshela iphupho leli na? Habe, ziyaziqhenya ukuthi zinengqondoejulile,akunjalo? Makazitshele zonke ukuthi limlahlekelileiphupho lakhe lakhohlakala. Makazilingeabone ukuthi zikhaliphile kanjani. Uma zinamandla okuhlola okujulile ngokusho kwazo,mazidalule nephupho lakhe kanye nencasiselo yalo.

Bese kulandela inkulumo phakathi kwenkosi nezazi zayo. Yiyona enqaba ukuzitshelaiphupho layo, yizona ezizih1anguza zithi: kuyamehlula umuntu ukwenza okubuzayo, Ndabezitha.Kodwa amakhosi anonya alelizwe ayabulala ngisho nabangane bawo. Inkosi iyazesabisa ngokufa.Zona zithi: ngonkulunkulu bodwa abaziyo kodwa abahlali kubantu. Kodwa inkosi ivutha ulaka.Mazibulawe zonke.14~36 iphupho liyambulwa

NoDaniyeli kanye nabangane bakhe sebesengozini. Kodwa inkolo kaDaniyeli immisaisibindi sokuya enkosini. Uya enkosini ecela isikhathi ukuba ayibonise inkosi iphupho nencazoyalo.Nxa eseyithole imvume yayo, uyaxoxisana nabangane bakhe bobathathu. Bangenzenjani?Bathi mabathandazele leyondaba enkulu.Khona-ke iphupho elifihlakele labonakaliswa kuye.ODaniyeli abanaye unkulunkulu ofana nowezazi "ongahlali nabasenyameni"(ll). UNkulunkuluwabo wasezulwini uhlala ebantwini njengokuba umama ehlala kubantwana bakhe. Uyabezwaambule iphupho elifihlakele. Ake siqaphele umthandazo wokubonga kaDaniyeli. UyabongauSomandla wasezulwini osusa amakhosi awabeke(21). Sengathi sesizwile iphupho nelikushoyo.Amakhosi anjengoN ebukadinesari awahlali nxa iNkosi yasezulwini ithi:sekwanele.NguNkulunkuluowenza um1ando wesintu. UDaniyeli akaziphakamisi phambi kwenkosi uma eya kuyo ngokuthi:ngihlakaniphile mina; uyababaza ubukhulu beNkosi ethi: "kukhona uNkulunkulu osezulwiniowambulaizimfihlakalo"(28). lzimfihlakalo zingezakhe, akusizo ezezanusi(Dut29:29). Khona-keuDaniyeli walanda enkosini iphupho ngesithombe eyayiluphuphile ebusuku(31-35). Ikhandaeliyigolide, nesifuba esiyisiliva, nesisu namathanga ayithusi, nemilenze nezinyawo eziyinsimbiexubene nobumba, kusho imibuso emine eyayikhona ezweni. Umbuso wokugcina wemilenzenezinyawo ngumbuso wamaRoma owawukhona ngesikhathi sikaJesu. Kephakuhle ukukhumbulaukuthi yonke imibuso ihlangene nesithombe sinye. Nakuba umbuso kaNebukadinesariwawumkhulu ngaphezu kweminye njengokuba igolide lidulile kunesiliva, nokho yonke imibusoihlangene. Yimibuso yalelizwe engenaso isihawu nanembeza, yimibuso yabaphathi abanovalonabangenakulala ebusuku ngoba noma kanjani unonya lowokuqala luzophenduka unonyalowesibili njalonjalo.37-49 iphupho liyachasiswa

Asikathathi amazwi ka-34 okuthi "wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshekungengezandla lashaya isithombe lasichoboza". Ilitshe lelo lingumbuso wasezulwini,ongokaKristu~iNkosi. Alizange lisuswe ngumuntu noma isigungu sepolitiki ngoba umbuso lewDuvela ezulwini wase ungena ezweni. Wangena kuyo yonke imibuso eyayikhona ezweni. Awukhoongakangenwa yiwo noma kuphi. "UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze

Page 16: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu kepha uyakuchoboza, uqedeyonke lemibuso, wona uqobo ume phakade"( 44). Umbusi wawo akanavalo njengoNebukadinesarilokuthi indawo yami ingathathwa ngubani ngoba uJesu uyiNkosi yaphakade. Umbuso kaKristuuphakathi kwayo yonke imibuso yalelizwe, yona ayiwuthandi njalo ngoba okaKristu uyayisolangenxa yenkohlakalo nonya lwayo. Thina-bakholwayo, sesihlangene nalowombuso wasezulwini,singunembeza wemibuso yaleHzwe. Siyakhuluma nxa sibona inkohlakalo yalo. Nokho, asisozesazama ukufakelela enye inkosi ngenye, omunye umbusi ngomunye ngoba siyazi ukuthi imibusoyonke iyafana, yimibuso yalesosithombe esikhulu. Ngakho sisakhuleka njalo sithi umhuso wakhomawufike. Mawande ungene uthinte nxazonke ukuze bathobelebonke abantu umbuso wakhooyokuba··yikho konke kuwo kubo bonke(I Kor 15:28).

Page 17: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

UNKULUNKULU UYALll.ONDOLOZA mANDLA LAKHE EBABELE(Dan.3· 11-02-01)

Nisakhumbula iphupho lenkosi uNebukadinesari na? Ngesithombe esasinekhanda legolidenesifuba nezingalo zesiliva njalonjalo, kanye netshe elaqheshulwa kungengazandla nelachobozaisithombe sonke na? Sengathi inkosi yamukela incazo kaDaniyeli yokuthi umbuso wezuluwawuzokuchoboza imibuso yalelizwe kodwa sibona namhlanje ukuthi kwakungenjalo. Cha,uNebukadinesari wayezimisele enhliziyweni yakhe ukumelana nawo wonke amandlaayezokusongela umbuso wakhe.Indaba yamanje yembizo yokuhlukanisela inkosi isithombeeyayisimile ethafeni laseDura, iyasibonisa konke lokho.

liyacindezelwa ngamandla aseBabeleInkosi ayinakuphumula uma icabanga ukuthi kungase kuvele amandla ezulwini noma

kuphi,azochoboza awayo. Ubani oyinkosi yaphakade kanti? Yimina! Mangikhombise abantu bamiukuthi uNebukadinesari uyinkosi engefaniswe namanye! Ngakho uyazakhela ethafeni laseDuraisithombe somuntu esobude nesobukhulu baso abuzange bubonwe ngaphambili ezweni.Buyadlulaimithi. Ngumbuso wami, pho! OwaseBabele waphakade! Yimina bo!Akekho ownyelweukuwuphikisa. Ngakho uyabiza imbizo lapho bonke abanesikhala embusweni wakhe namadodaepolitiki emenywa khona. Ongezi makabulawe! I-okhestra elisipesheni lizoshaya ingoma yesizweethi: Nkosi,sikelele iBabele, khona-ke bonke abakhona mabawe phansi bakhuleke esithombenisegolide senkosi bawme ukuthi umbuso kaNebukadinesari uvela ezulwini umi njalo. Owalayomakaphonswe phakathi kwesithando esiseduze somlilo owthayo, afe. Nisakhumbula iphupholenkosi na(isahl 2)? Lathi: uNkulunkulu wasezulwini unamandla ngaphezu kwemibuso yalelizwekodwa nansi-ke inkosi emelana ethi: owami wodwa ungunaphakade. Iphupho lathi: uNkulunkuluwangaphezulu mkhulu kunoBabele kodwa nansi-ke inkosi iphika ithi: iBabele likhulu ngaphezukwakhe, linguNkulunkulu uqobo.

Sithi thina: kahle,nkosi, umbuso wakho awufani noNkulunkulu, uyisikhonzi sakhe;amandla ombuso wakho avela kuNkulunkulu ophilayo kube-kuhle kubantu(Rom 13). Sengathiuyacindezela, nkosi, abantu bakaNkulunkulu ukwenza isono ukuba bakuthathe njengowasezulwinibakhuleke kuwe kanti owasezulwini nguYe owathi: ungabi-nabanye onkulunkulu ngaphandlekwami. Lapho ethafeni laseDura siyabona okuzokwenzeka njalo ezweni ukuthi ibandlalikaNkulunkulu liyacindezelwa lize likhonze amandla epolitiki ezwe noma umbuso wezwe sengathiufana nonkulunkulu. Yindlela enzima yebandla likaKristu owathi ''uma bengizingele mina, nanibayakunizingela"(Joh 15:20). Kodwa liphi ibandlaleNkosi laphaya ethafeni laseDura? Anikabonikanti lawomadoda amathathu avela kwaIsrayeli oShadraki noMeshaki noAbedinego na? Yiwonaayibandla leNkosi kanye noDaniyeli esingamtholi embizweni yamanje. Ibandla leli likaNkulunkululingakhonza abanye onkulunkulu na? Lizokwenzenjani uma licindezelwa kangaka kuze kube-sekufeni na?

Iimelana namandla aseBabeleKwathi uma i-okhestra lashaya ingoma, bonke ababekhona bawe phansi bakhuleke

esithombeni senkosi. Wonke amadolo akhothama phambi kwesithombe. Ilizwe lonke ladumangumsindo wemwnga yemikhuleko. Kodwa laphaya kwabonakala abantu abathathuababengakhulekile besamile. Yebo, yilabo abathathu, yibandla elikhothamela iNkosi yalo kuphela.Masinyakwavela amadoda amaKaledi okusho ukuthi avela eBabele uqobo, ahleba labo abathathuphambi kwenkosi aqhutshwa ngumona njengoba abafokazi yibo labo asebethathe izikhalaezinkulu ezweni(2: 40). Siyazi ukuthi kwabikelwa yiwo kanjani enkosini "ngenkani" yamaJudaamathathu nokuthi uNebukadinesari wawasongela omathathu kanjani ngokufa okubi ukuze nomakanjani akhuleke esithombeni ahlangane nabakhonza udumo lwesizwe. ''Ningenzi iphutha nina,uNkulunkulu wenu akanakunikhulula ezandleni zami"(15) Kuhle ukufundisisa impenduloyawo(16-18). Awazihlanguzi, awaceli uxolo, awaphenduli ngenkani, awaqhaqhazeli ngovalo futhikodwa ilizwi aphendula ngalo, yilizwi eliqotho. "Akusizi lutho ukuxoxisana ngendaba

Page 18: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

yakho,nkosi, uNkulunkulu esimkhonzayo nguYena yedwa esimkhothamelayo. Nxa kuthandekakuwe ukusibuJala, kulungile. UNkulunkulu wethu unamandla okusikhulula esithandweni somlilo.Nokho, uma kungenjalo makwazeke kuwe ukuthi asiyukukhonza onkulunkulu bakho nodumolwakho. Sekuchachile ukuthi inkosi idiniwe.Akusikho ukungalaleli kwalabo abathathu nje kuphelakodwa nesithombe sayo simile khona nje sesikhohlakele ngoba wonke amehlo aseqaphelisisa laboabathathu ukuthi indaba yabo izoPhela kanjani. Cha, uma i-okhestra Jishaya ingoma ngokwesibili,nokho abakaJuda basamile bala ukukhothamela isithombe. Ibandla lihlala lithembekile eNkosiniyalo, lenqaba ukukhonza omunye unkulunkulu. AJinakekeli isikhaJa sakusasa noma impiloyakusasa; selazi into inye yokuthi umyalo wokuqala nowokugcina ungukunamathela eNkosiniyalo.Besizokuthi namhlanje: kuhle ukuhlala kabi noJesu ekucindezelweni kunokuhlala kahlengaphandle kwakhe(Hab3: 17-19). Akulutho olunamandla okusahlukanisa nothandolukaNkulunkulu olukuJesu Kristu. Cha, kukhona into inye nje enokusahlukanisa naYe. ''UmasimPhika, naye uyakusiphika"(II Tim 2: 12). Kepha lawomadoda awamphikanga.

liyanqoba ngamandla kaJesu KristuAkekho ongazange ezwe ngendaba yokuthi lawomadoda amathathu aphonswa kanjani

esithandweni somlilo nokuthi ngisho namasosha awahudulele emlilweni, afuthwa afa ngukushisakwamalangabi. Yebo, siyakhumbula futhi ukuthi inkosi yayisikhululekile ithi lendaba yenkaniyamaJuda isidlulile, lawo-ke asefile; abantu mabaqale phansi ukukhuleka esithombeni sayo.Nokho ngokungazelelwe sekuvela okunye. Wathi uma uNebukadinesari esabheka emuvaesithandweni somlilo, wezwa sengathi ihlulekile ingqondo yakhe."Angithi siphonse amadodaamathathu eboshiwe phakathi komlilo na? Sengiyabona amadoda amane akhululekileyo ehambaphakathi komlilo. Ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu"(24-25). Yingqaba!Indaba iyaphethwa nxa abathathu bephuma emtilweni, "kungahamukanga lunwele olulodwaemakhanda awo"(27), owesine unyamalele. Basindile. Kunjengoba uKristu akamvumelangaomubi ukuba achithe ibandla lakhe. Lokho akusho ukuthi akekho phakathi kwethu ozolimalaenkonzweni yeNkosi noma ozolahlekelwa yimpilo yakhe. Nilungele ukumlandela uJesu kuze kube-sekufeni na? Seniyabona kahle umahluko phakathi kokumlandela nokungamlandeli na?Ukumlandela kusho ukumvuma; ukungamlandeli kusho ukumphika. Ukumlandela kushoukungakhothameli izithixo zalesisikhathi; ukungamlandeli kusho ukukhothamela izithombe nomaizithixo zabasha noma ezombuso noma yiziphi. Njengokuba,sithi kulesisikhathi samanjengesiNgisi: that is the bottomline. Nisalungele ukumlandela yini?Nakuba ningavalelwa ngaphandlenjengoba ningabi-nalo uphawu lukaSathane na?(iSam 13:16-17; 14:9,11 ).Ningethembi ilizwenamazwi amahle elingawasho ngenkolo. Nibone kahle ukuthi wonke amazwi amahlekaNebudaninesari awashilo ngoNkulunkulu(2:47;3:28,;,29) ayize leze na?

Nokho ibandla liyanqoba ngamandla kaKristu.Njengokuba uNebukadinesari wathi kulaboabathathu: "phumani nize lapha", njengokuba uJesu wathi kuLazaru: "phuma"(Joh 11:43),njengokuba abafileyo bezobizwa ukuba baphume emathuneni abo baphile(Joh 5:28) , kanjaloabavuma igama likaKristu bengakhothameli izithombe zamanje, amagama abo azovunywanguKristu phambi kukaYise(Math 10:32). Sinqoba nokunqoba kuKristu(Rom8:37)."UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza rnasinyane uSathane phansi kwezinyawozenu"(Rom 16:20).

Page 19: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Dan 4 - UKUZIGABISA NOKUW A NOKUVUKA KUKA·NEBUKADINESARI(18-02-2001)

isimemezelo sakheAngizange ngithole noma kuphi isimemezelo esinje. Sivela kuyo iNgonyama yaseBabele

eyayibusa phezu kwezizwe eziningi.Amakhosi avamile ukuzigabisa ngamandla awo nokwesabisaabantu bawo. Nansi-ke inkosi engakhathali ukubabaza ubukhosi benye inkosi, ithule ngowayoumbuso. Iyavuma phambi kwezwe lonke ukuthi phezu kwayo kukhona oPhezukonke onombusoongunaphakade. Cha, owami uyaphela. Nike nizwe ngenkosi enjalo na? Pho, lalelani; nansi-ke!4-18 iphupho lakhe

"Mina-Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula .... "(4). Uyavuma ukuthi ngaphambikokuba aphuphe iphupho lakhe wayeziqhenya kakhulu: "mina-Nebukadinesari".N gangiyisiphukuphuku, ngangikhohliwe nguNkulunkulu-oPhezukonke kaDaniyeliowayengikhombise amandla akhe (3). Impela kwasekudlule iminyaka engamashumi amabilinanhlanu selokhu kwasindiswa esithandweni somlilo abangane abathathu bakaDaniyeli. Umuntuuyakhohlwa yiNkosi yasezulwini uma engakhunjuzwa izenzo zayo aze acabange ukuthimina,muntundini, yimi onguNkulunkulu. Kepha uNkulunkulu wamxwayisa uNebukadinesariephusheni elesabekayo ngomuthi omkhulu owafinyelela ezulwini nokubonakala kwawo kwazekwaba-sekugcineni komhlaba. Kwakungumuthi ophilile owaphilisa nowahlalisa kahle izilwanenabantu. Kepha kwathi uma isawubheka inkosi, kwabonakala onjengengelosi yasezulwinieyayaleza ukuba kugawulweumuthi, kunqunywe amagatshaawo, udilizwe. Nokho kushiywe isiqusawo, sibe-nesibopho sensimbi, simatiswe ngamazolo ezulu funa ufe nya. Kusukela lapho,njengoba inkosi yalanda iphupho layo, sengathi isiqu somuthi saguquka umuntu, kwathiwainhliziyo nengqondo yakhe ingabi-ngeyomuntu kepha ibe-eyesilwane. Kwase kubizwa izanusizaseBabele zize komkhulu zichazele inkosi iphupho layo kodwa aziyazisanga incazo yalo. Ngithimina sengathi zazesaba ukuyisho ngoba akunzima kangaka ukuqonda iphupho ukuthi lishoukuthini.19-27 incazelo yephupho

UNebukadinesari ufana nabantu abaningi banamhlanje abangabafuni neze abashumayelinabefundisi besonto kodwa nxa kuvela ingozi kwabakubo, bayabakhumbula babathumele.lminyakaeminingi kangaka uDaniyeli wayesenz6umsebenzi wakhe njengomholi wesifundakodwainkosi enkulu yayikhohIiwe ukuthi Ieyondoda yayisizile kanjani ngokubiza iNkosi yasezulwini.Namhlanje njengoba isixakekile, iyamthumela uDaniyeli. Yena ngemva kokuba esezwile iphuphoelibi lenkosi, unovalo ezwa kahle iphupho ukuthi !isho ukuthini. Kodwa umshumayeli akesabiukudlulisa iqiniso likaNkulunkulu! Lowomuthi nguwe-nkosi. "Uyakuxoshwa kubantu inhlaloyakho ibe-nezilwane zasendle, udliswe utshani njengenkabi uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusaimibuso yabantu, ayinike amthandayo"(25). Nokho umbiko womshumayeli awuvali ngci isicabhasendlu kaNkulunkulu. Umuntu makaphenduke ithuba lisekhona. Nanti-ke: ''Nkosi, masamukelekekuwe iseluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba-nomusakwabampofu"(27). Yisono sezikhulu sokuziphakamisa kuze kube-sezulwini nokucindezelaabampofu ngokungabi-namusa. Kodwa iNkosi yethu iyawisa amakhosi ezihlalweni iphakamiseabantukazana(Luk 1:52). Nokho uNebukadinesari akanakanga umbiko wasezulwini,akaphendukanga.28·37 uyathotshiswa aze azithobise phambi koPhezukonke

''Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa ... "(iZa 16:18). Kwabanjalo endabeni yenkosiyaseBabele. Ukuzikhukhumeza kwaqhubeka. Emva konyaka wayevakasha phezulu ophahlenilwendlu yakhe wabuka idolobha IaseBabele namabhilidini alo eneme kakhulu kwazis' ukuthiwamemeza wathi:"angithi yileliBabele elikhulu engilakhile libe-yindlu yobukhosi . . .na?"(30).Kwase kwehla ezulwini izwi Hthi: "umbuso usukile kuwe"(31), makube-kuwenjengephupho lakho. Wase efikelwa ufufunyane waba njengesilwane njengalokhu sifundaku32-33.

Page 20: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Wasengabe esaba-ngumuntu.Wahlala enjalo isikhathi eside.Kancane-kancane uNkulunkulu wase emsangulula, wabuyiselwa umqondo wakhe, Wase

ethi: ngangiyisithutha; ubumba kambe iuzifanisa nornbumbi walo na? We,muntundini,awukunikwanga nguNkulunkulu yini konke onakho na? Pho, ukhukhumalelani kube sengathilokho anakho kwakungeyiso isipho na?( I Kor 4:7). "O-Phezukonke ubusa imibuso yabantu,ayinike amthandayo"(17,25,32). Inkosi enkulu yaseBabeleyafunda lesosifundo ngendlela enzimakabi; iphakathi kobuhlanya bayo yasanguluka yabona ukuthi ngimonile oPhezukonke.''N giyatusangiyaphakamisa ngiyidumisa iNkosi yezulu.Abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa". Asazinoma amazwi ayo ayeyize-leze njengamazwi ayewashilo ngaphambili(2:47;3:28-29). Akuthinaesingumahluleli kaNebukadinesari.

thina?Kanye naye siyokuma sonke phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu wethu. Kodwa amazwi

akheaphetheumbiko osemnqoka. Ohlezi ezulwini uyaWeka usulu bonke abaziphakamisayoabenzeihlaya nenhlekisa(iHub 2:4). Kodwa masingabheki nje abahlezi ngaphambili ezweni lethu.Yilowonalowo uthanda ukuzidla ngalokho anakhonoma yimfundo noma yimpahla noma ngamasiko nomayizindlunoma yizikhwephaezithize noma yigama noma yini. Wena-ke? Angifuni ukuzwa ngonakhokodwa ngifuna uku:Zwa ulruthi wenzenjani ngakho onakho; yikuphi okuWe na?Unantoni,muntundini, ongayamukeliswanga na? Umuntu uyashikashikekela ukuphila kwakheematasatasa eiakhela igama noma imizi sengathi kuzokuma kuze kube-phakade(iHub 49: 10-14).Yebo, um.l1ntuusazama ukudunyiswa esengale kwethuna ukuba abizwe ngabakubo abasekhonaezweni. I-Zwi lithi: sithuthandini noma wena siwula(Luk 12:20). Kuyokuthi uma ngidlulaangiyukuncenga abakithi ukuba bangikhumbule kodwa kanye neselelesi ngizokuthi: Jesu,ungikhumbule ngokuba umbuso ungowakho namandla nobukhosi.

Page 21: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

DAN. 5 - ISJPHETHO SOMBUSO WASE-BABELE(25-02-01)

UNebukadinesati usashona~ sisakhumbula kahle amazwi akhe okugcina ayewashilo( 4:37)~kunamazwi okumdumisa uNkuIunkulu ophilayo kaDaniyeIi. Kodwa inkosi ethathe indawo yakheayifani naye. NguBelishasari igama layo. Yona ayikhumbuli izenzo azenza uNkulunkulu kalsrayeIi~ayifuni futhi ukuzikhumbula; iyazithe1a ngabandayo. Ngakho naye uDaniyeli) umprofethikaNkuJunkulu ophiIayo usekhohlakeIe eBabeIe. I1izwe elingayazi iNkosi yomlando alinaloikusasa. Yikho lokhu esikuthoIa endabeni kaBeIishasari.

isono senkosi yaseBabeleIsimo sezwe IaseBabele sibi kabi. Ngoba izitha zamaMede ziyazungeza idoJobha

laseBabeIe zilivimbezela. Kusobala ukuthi umbuso usufinyelele ekupheleni kwawo. Kodwaizikhulu azinakile. Zihlangene zonke endlini yenkosi kanye nawonkosikazi nezancinza zazoukuphuzanokuminza. Ngaphandle kuzulazuJa abampofu ezitaladinizaseBabelezifuna ukudJa kanti 154ngaphakathi amatafula agcwele izibiliboco) izigubhu zokuphuza zigcwele iwayini. Ingqondoyezidakwa neziminzi ingaphezu kwenjabulo yazo kupheIa~kepha kunesigubhu esingenamathumbu.UBelishasari uhIezingaphakathi kwezikhulu zakhe etafuIeni Iakhe ebatshazwa yibo bonke phakathiendlini. Sekuvela engqondweni yakhe okunye. MakuIethwe izitsha zegoIide ezazikhishwe nguyiseethempeIini laseJerusaIema. Izitsha ezazisetshenziselwa inkonzo yeNkosi yamakhosi, kuphuzelwakuzo iwayini yizidakwa zaseBabele, kuWekwe inkonzo yayo, kuhIekwe uJehova ongcwelekutuswe onkuIunkulu begolide nabetshe baseBabele. Kodwa uNkulunkulu ophilayoakaklolodelwa. Uyabhekisisa igama lakheelingcwele ukuba JingahlanjaIazwa ezweni.

umbhaJo odongeniNgokungazele1we kwabonakala odongeni phambi kwenkosi isandia noma kumbe iminwe

eyisihlanu yesandla kuphela eyaloba kumcako omhtophe wodonga amagama amnyama. Ingqondoenqundiwe yenkosi yase ivuka. Yingqabal Akuzange kubonwe okunjalo ngaphambili ezweni.Kuqala kwakuyinkosi yodwa eyaqaphela isandla esilobayo. Bonke base besibona isandla esenzaamagama. Ngumbhalo muni lowo? Imvunga yezidakwa seyehlile. Sekuthuli kuthe du endlini.Kwase kubizwa izanusi nezazi zaseBabele ukuba zichazele inkosi imfihlo yasodongeni~ nankoamagama asekhona odongeni kodwa iminwe ayisekho. Siyezwa ukuthi abahlakaniphileyobaseBabele behiuleka ukuwufunda umbhalo. Babehiuleka yini nomakwakuluvalo olwabopha ulimilwabo ukuba bathule na? Amagam~ njengokuba kwalotshwa odongeni bayawazi; lulimi Iwabo.Kodwa umqondo wawo cha! Nanka amagama athi: MENE,MENE~tEKE-LUFARSIN.Ngamagama abawesabayo. Kungcori6 tikuthula! "Uxolo,ndabezitha, ngarnagama anje".

Kwathi kusathulakele edilini kwase kungena unina wenkosi, yinkosikazi kaNebukadinesariowayesashona. Yona yayisakhumbula kahte uDaniyeli nokuthi yena wachazela umyeni wayoamaphupho akhe(2+4). Yamncorna kakhu1u phambi kukaBelishasari ukuba abizwe ithi: nansoindoda enokuthukuIula arnafindo enkosi ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcweIe ukuyo.Sengathi abesiJisa bangezwa njalt> abesifazane ngokuba yibona abahIonipha uNkulunkulukunamadoda nakuba unina wenkosi yaseBabeIe engumuntu ongaphandle kwenkoio.

isahhdeJo sikaNkulunkuluKwathi uma uDaniyeli ebizelwa ukuziveza enkosini wala ukwamukeia izipho zayo.

Abashumayeli mabaqaphele ingozi yezipho(Iza 15:27~17:23~18:16~19:6). UDaniyeli njengomuntuovuthiwe ekukholweni uyaqonda iZwi likaNkuIunkulu~ akesabi ukulichaza noma umbiko umubi.Lawomazwi amnyama odongeni olumhlophe uyawaqonda kahle kanti akesabi ukuveia incazelo \J l:: kityawo phakathi kwezikhuIu. Lawomazwi amane kaNkulunkulu aphethe wonke urnbiko.UNkulunkulu akazekeleli njengabashumayeli abaningi. Umshumayeli makafane neNkosi yakheangashovuzi. Uma itekisi Iiphela, nentshumayelo mayiphele. Intshumayelo yasezulwini iphetheamazwi amane kuphela. MENE, MENE,TEKEL,UFARSIN. MENE=kubaIiwe, akukho Iuthoolusasele. TEKEL::::ulinganisiwe kodwa ufunyenwe ulula. UFARSIN noma PERES= kudabukile.

Page 22: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Umbuso wakho uphelile,nkosi, izitha zakho seziyangena manje nje, zikudilize konke okwakho.Awunakuma esilinganisweni sikaNkulunkulu. Wonke amandla akho alula kakhulu phambikweNkosi yasezulwini. Ngakho sekuphelile konke.

nanguya umahluleli esemi ngasesigcawiniNgalobobusuku kwangena izitha ezabulala uBelishasari nezaqeda umbuso waseBabele

nezamisa omunye umbuso owamaMede namaPheresi. Kwawa iBabele elalimelene noNkulunkuluwasezulwini nelaliklolodela ubungcwele bakhe nelalikhonza izithixo zalo. Umahluleli usemiesigcawini ukuba athethe amacala abahleziyo nabafileyo. Encwadini yeSambulo( 18-19) sisafundangomunye umbuso waseBabele owawufana nowokuqala. Ubizwa khona ngokuthi iBabiloni.Wona lowomoya waseBabele useBabiloni, lowombuso unxazonke ezweni, ukhona naphakathikwethu. Ungabakhona emzini wakithi noma esikoleni sethu phakathi kwabawontanga yethu.Ngumoya wokuzigabisa nowokunganaki nowokuklolodela ubungcwele bukaNkulunkuluwasezulwini, ngumoya wokuhleka umhlatshelo waseGolgotha kaJesu aphila ngawo okholwayo.Ngumoya wabantu abafuna kuphela ukutamasa nokuphuzanokuya ocansini. LeliBabiloni elikhululiyawa. Nanguya umahluleli esemi ngasesigcawini(Jak 5:9). Inkosi engcwele ayihlekwa. Sitholaisixwayiso esikhulu esithi \kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo \(Heb 10:31).Abakholwayo bayakhumbula nesinye isixwayiso sokuthi mabaphume ngesikhathi eBabiloni."Phumani kulo,bantu bami ukuze ningahlanganyeli nazo izono zalo nokuba ningahlanganyeliokwezinhlupho zalo"(iSamb 18:4). Niyalazi lelogama yini? Ukuphuma eBabiloni ngesikhathiukuba niphile? Njengokuba kwathiwa kuZakewu:"shesha wehle"(Luk 19:5); njengokubakwayalezwa uLoti ukuba aphume eSodoma ngesikhathi: "shesha ubaleke"(Gen 19:22).Ongaphumi abaleke uzokuwa kanye neBabiloni lonke. ffiabiloni lakho uyalazi na? Elabanganebakho, elabakini, elenhliziyo yakho? Ngukuwa kanye neBabiloni noma ukuphila eJerusalemaelisha (iSamb 22). Akukho okwesithathu.

Page 23: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

DAN. 6 - NGECEBO LOKUCHITHA INKONZO YENKOSI EZWENI(04-03-01)

icebo liqbamukapbi?Umbuso waseBabe1e waphela ebusuku emva kwedili likaBelishasari(5). Awukho umbuso

onamandla okuhlala njalo ezweni ngenxa yokona nomona wabantu. lmibuso iyavela ikhanyeinyamalale. Kanjalo asisezwa lutho namhlanje ngombuso waseBabele kodwa sesithola omunye:owamaMede namaPheresiya ..UDariyu uyinkosi yawo enkulu.Akasiso isidakwa njengoBelishasari;uyinkosi ekhuthele efisa ukubusa kahle. Ngakho uDaniyeli usekhona njalo nakuba esemdalakakhulu. Yiyiphi inkosi ezobeka eceleni ilunga elikhulu elinjengoDaniyeli na? Ukhuthele,uyenyanya inkohlakalo, akagwazelwa kodwa ufunela abantukazana okuhle kuphela. UDariyuwayehlukanise umbuso wonke ngezifunda ezingu-120, kwaba-yileso naleso phansi kwemantshiyaso. Phezu kwazo zonke izimantshi kwabakhona abongameli abathathu ababezibheka ukuba imaliyentela ikhokhwe kahle, ingene ngomthetho esikhwameni sombuso ukuze ziphile kahleizakhamuzi. UDaniyeli wayengomunye walabo abathathu. Besizokuthi namuhla: uDaniyeliwayephethe umnyango wezemali kanye nabanye ababili. Yebo, siyezwa ukuthi inkosi yayicabangaukummisa phezu kombuso wonke. Yena uDaniyeli owavela kwaIsrayeli nowamkhonzauNkulunkulu ophilayo embusweni wabahedeni lapho inkohlakalo nobugebengu kuvamile khona,wenza ngobuqotho umsebenzi wakhe phakathi kwabantu ababengayazi inkonzo eyiyokaNkulunkulu. Makube-yisibone1o kithina! Kodwa abaqotho abanje abathandwa neze;bayazondwa; ubuqotho babo bubenze1a izitha ezinomona.4-9 icebo liyasungulwa

Izimantshi nabongameli abanye sebazama isikhathi eside ukuthola utho ngoDaniyeli ukubabammangalale ngalo kepha abatholanga-Iutho nacala kuye. Uthembekile; akekho onokumgwazelanoma kanjani; umsebenzi wakhe uyawenza ngobuqotho. Kodwa inzondo yomuntu ihlakaniphile!Ngoba inkolo kaDaniyeli isekhona. Nguyena olokhu ethandaza kuNkulunkulu wakhe, yebo, kuzekube kathathu ngosuku njengokusho kwezinhloli ezathunyelwa ekhaya lakhe ukumlunguzangasese. Sekuzalwe ezinhliziyweni zalabo abasebenza naye icebo lokumkhubekisa! Baya enkosinibonke; bayayithopha ngamazwi amnandi(iZa 18:8). Kodwa inkosi ayiboni inkohliso ebanjwangayo."Makumenyezelwe isiyalezo,ndabezitha, sokuthi izinsuku ezingamashumi amathathukuzokuba-yicalalokucela noma yini nakumuphi unkulunkulu nakuliphi idlozi, kuphela kuwe,nkosiyamakhosi". Yebo, bathi makaphonswe emphandwini wezingonyama ongalaleli, adliwe afe.Kwaba sengathi uDariyu wenziwa unkulunkulu isikhathi eside. Uyajabula ngoba ithi inhliziyoyakhe: 'yeka uthando abangithanda ngalo abantu bami'; cishe akhale izinyembezi zokubonga.Kodwa ugibe abanjwa ngalo akaluboni. Akezwa inzondo nomona wabo. Akezwa ukuthiabamthandi neze kodwa ukuthi bafisa ukumwisa uDaniyeli kuphela. Akekho ombonayo uSathaneehleka usulu. Sengathi uphumele1a kahle yena ukuvala imikhuleko ezweni, okusho ukuchithainkonzo kaNkulunkulu ophilayo. UNkulunkulu uyiNkosi enjani nxa abangabakhe bemyekabengabe-besakhuleka kuYe? Izwe lethu liyangalaphi uma iNkosi ingeke isabizwa ezweni na? Icebolamjabulisa uSathane kakhulu. Umthetho omusha walotshwa phansi ebhukwini lombuso;awusenakuguqulwa.10-17 icebo sengatbi liyapbumelela

UDaniyeli wayezwile ngomthetho omusha na? Yebo! Kodwa angenzenjani na?Akanakuyeka ukuthandaza kuNkulunkulu wakhe. Ukuthandaza kufana nokuphefumula.Njengalokhu urnzimba uyafa nxa kungaphefumulwa, kanjalo inkolo iyafa uma kungasathandazwa,kubongwe iNkosi.UDaniyeli wagoduka wakhuleka njengokwenza kwakhe waguqa ngamadolokathathu ngosuku phambi kwefasitele elalibhekisa eJerusalema wabonga waletha eNkosinileyondaba enzima. Akayanga kuDariyu, akasungulanga icebo lokuchitha umthetho omusha.Wakhuleka wathula waqhubeka ngomsebenzi wakhe wakunike1a konke ezandleni zikaVise (I Pet2:23).

Page 24: LUKA 15: NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHEenigstetroos.org/pdf/JVonkemanPreeksketse1_Zoeloe.pdf · 2015-07-14 · LUKA 15: 1-7 - NGOMALUSI OLAHLEKELWE IMVU YAKHE (11-03-01) Abathelisi

Kodwa izikhulu ezaziphatha njengezigebengu ezilunguzayo, sezimtholile uDaniyeliekhuleka. Zagijimela enkosini zayibopha ngombuzo okhaliphile(12); zase ziveza obala inhlosoyazo eyiyo zathi: nguDaniyeli,ndabezitha, ongowabathunjwa bakwaJuda. Azishongoungqongqoshe wethu wornnyango wezemali,cha, nguyena umJuda. Yase ibona inkosi ukuthiicushiwe. Yayidabukile kakhulu isazarna ukumophula uDaniyeli kodwa lawomadoda ayehlula.Inkosi isiyabona ukuthi iyisiboshwa somthetho wayo. Ingenzenjani? Yasazarna ukuphepha kodwalawomadoda ayivalela indlela ngokuyikhumbuza ukuthi umthetho wezwe awunakuguqulwa.

UDariyu wayaleza ukuba uDaniyeli aboshwe aphonswe emphandwini wezingonyama.Inkosi yamvalelisa uDaniyeli ngesifiso sokugcina: uma kusekhona ithutshana, rnzalwane,likuNkulunkulu wakho ornkhonzayo. Kanti izingonyama ezigwavuma phansi emphandwinizilambile kabi. Sengathi inkonzo kaNkulunkulu isiphelile ernhlabeni.18-28 icebo Iichithwa nguNkulunkulu wasezulwini

Ngalobobusuku uDariyu wayengenakulala, wayengathandi ukudla; akathintanga isigubhusotshwala. Irnicabango yakheyabuyelanjalo laphayakulowomphandu. Ekuseni wavuka washeshawaya emphandwini wasusa itshe lornlomo wawo wamemeza ngezwi elikhalayo wathi: Daniyeli,wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukukhulule kuzoizingonyama na? UDaniyeli wayesekhona esaphila kahle wathi: uNkulunkulu uthurnile isithunywasakhe sasezulwini wavimba irnilomo yezingonyama, azingilimazanga ngokuba kwafunyanwa kirniukungabi-nacala phambi kwakhe. Wayesekhushulwa uDaniyeli emphandwini, akufunyanwanga-myocu kuye kodwa ababemangalele uDaniyeli baphonswa khona emphandwini kanye nabakubo.Bafa bonke bengakafinyeleli phansi emphandwini. UDariyu wase enza isiyalezo ukuba bonkebesabe barnhloniphe uNkulunkulu ophilayo kaDaniyeli ngoba nguYena obusayo.

namhlanje?Namanje uSathane usahlosa ukuvimba nokuqeda inkolo nenkonzo kaKristu ezweni.

Ofunda iSam 13uzokuzwa ngesilo esenza ukuba bonke abangakhuleki kuso bavalelwe ngaphandlebabulawe. AbakaKristu bayokuhlushwa bazingelwe ngoba isilo sizophumelela ukwenza ukubaongenalo uphawu lwaso, angabi-nawo amandla okuthenga nokudayisa noma ukufundanokunjalo.ArnaKristu ayokuhlekwa afulathelwe; umbuso kungenzeka nawo uhluphe arnaKristu.Nokho yazini ukuthi uNkulunkulu ophilayo ngeke arnvumele uSathane ukuba aqede nya inkolonenkonzo kaJesu ezweni. Nakuba amaKristu ehlushwa kangaka, indaba kaJesu iyokunqobanokunqoba. Sazi kanjani? YiBhayibheli elisho njalo. Indaba kaDaniyeli iyasishumayeza ukuthiuNkulunkulu ophilayo akasoze amvumela uSathane ukuba anqobe. Yinduduzo nenkuthazo kulaboabanjengoDaniyeli abahlushwa yisilo narnhlanje. Yisixwayiso kubo bonke abasiza noma kanjaniuSathane nesilo sakhe ukuba kuvalwe inkolo kaJesu. Mabakhumbule lawomadoda esifundosamanje ukuthi afa kanjani. Isikhuni sibuya nornkhweze1i. Usuku lokwahlulela kokugcinaalukafiki.Okhuleka kuso isilo, uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu(iSam 14:9-10)Okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa, nguyena yedwa.