28
UKUN QOBA IS ANGO L ESITHA EM VA KOKUVIVINYWA Angazi ukuthi ngabe…Niyazi, nginombono omncane, okunjengawo, ukubona abantu bema uma sifunda iZwi. Anikuthandi lokho na? Siyama ukuba sikhombise ukuthobela iflege, siyasimela isizwe sakithi, asilimeli ngani iZwi manje na? 2 Sisamile umzuzu nje. Bengifunda indatshana, kungekudala, futhi bengicabanga izolo ebusuku ngalabobantu abamela uKristu. Uma ningakakwenzi, ningekwenze namhlanje na? 3 Kwakukhona umvangeli omkhulu, cishe eminyakeni engamashumi ayisikhombisa-nanhlanu eyadlula, angisalicabangi nje igama lakhe. Ngicabanga ukuthi kwakunguArthur McCoy, futhi wayenqamule izwe. Futhi ngobunye ubusuku wayenephupho ukuthi wayehambe waya eNkazimulweni. Futhi wathi wenyukela eSangweni, futhi wathi babengamvumeli angene. Wayesethi wathi, “NginguArthur McCoy waseUnited States. Ngingumvangeli.” 4 Ngakho umgcinisango wangena, (manje leli kwakuyiphupho), wayesengena, wathi, “Angilitholi nhlobo igama lakho.” Wathi, “Awu, ngangingumvangeli.” Wathi, “Mnumzane, ngi…” 5 Wathi, “Awu, likhona yini ithuba e…Kukhona okungalungile.” 6 Wathi, “Qhabo, mnumzane. NgineNcwadi lapha. Angilitholi nhlobo igama lakho.” Wayesethi, “Awu, kukhona engingakwenza ngalo na?” 7 Wathi, “Ungaledlulisa icala lakho liye ekwaHluleleni kwesiHlalo sobukhosi esimHlophe.” Nkulunkulu, siza. Angifuni ukuba lapho. 8 Wathi, “Awu, uma lelo kuyilona kuphela ithemba lami, ngiqagele ngizovele nje ngiledlulise–ke icala lami.” 9 Wayesethi manje–ke wacabanga ukuthi waya kude le, futhi nje…Futhi lapho eqala, wathi kwakungubumnyama, futhi kwaya ngokukhanya kakhulu ngokukhanya kakhulu, futhi wathi kwakubukeka sengathi kwakungekho ndawo ethize lokhu ukuKhanya okwakuma khona, kodwa wayesesenta yaKho ngqo. Futhi wathi Wathi, “Ubani osondela esiHlalweni saMi sobukhosi sokwaHlulela na?”

ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

  • Upload
    vokiet

  • View
    216

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA

EMVA KOKUVIVINYWA

Angazi ukuthi ngabe…Niyazi, nginombono omncane,okunjengawo, ukubona abantu bema uma sifunda iZwi.

Anikuthandi lokho na? Siyama ukuba sikhombise ukuthobelaiflege, siyasimela isizwe sakithi, asilimeli ngani iZwimanje na?2 Sisamile umzuzu nje. Bengifunda indatshana, kungekudala,futhi bengicabanga izolo ebusuku ngalabobantu abamelauKristu. Uma ningakakwenzi, ningekwenze namhlanje na?3 Kwakukhona umvangeli omkhulu, cishe eminyakeniengamashumi ayisikhombisa-nanhlanu eyadlula,angisalicabangi nje igama lakhe. Ngicabanga ukuthikwakunguArthur McCoy, futhi wayenqamule izwe. Futhingobunye ubusuku wayenephupho ukuthi wayehambe wayaeNkazimulweni. Futhi wathi wenyukela eSangweni, futhi wathibabengamvumeli angene. Wayesethi wathi, “NginguArthurMcCoy waseUnited States. Ngingumvangeli.”4 Ngakho umgcinisango wangena, (manje lelikwakuyiphupho), wayesengena, wathi, “Angilitholi nhloboigama lakho.”

Wathi, “Awu, ngangingumvangeli.”

Wathi, “Mnumzane, ngi…”5 Wathi, “Awu, likhona yini ithuba e…Kukhonaokungalungile.”6 Wathi, “Qhabo, mnumzane. NgineNcwadi lapha. Angilitholinhlobo igama lakho.”

Wayesethi, “Awu, kukhona engingakwenza ngalo na?”7 Wathi, “Ungaledlulisa icala lakho liye ekwaHlulelenikwesiHlalo sobukhosi esimHlophe.” Nkulunkulu, siza. Angifuniukuba lapho.8 Wathi, “Awu, uma lelo kuyilona kuphela ithemba lami,ngiqagele ngizovele nje ngiledlulise–ke icala lami.”9 Wayesethi manje–ke wacabanga ukuthi waya kude le, futhinje…Futhi lapho eqala, wathi kwakungubumnyama, futhikwaya ngokukhanya kakhulu ngokukhanya kakhulu, futhiwathi kwakubukeka sengathi kwakungekho ndawo ethize lokhuukuKhanya okwakuma khona, kodwa wayesesenta yaKho ngqo.Futhi wathiWathi, “Ubani osondela esiHlalweni saMi sobukhosisokwaHlulela na?”

Page 2: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

10 Wathi, “NginguArthur McCoy. Ngingumvangeli, ngithumeleimiphefumulo eminingi eMbusweni.”

Wathi, “Igama lakho alifunyanwa eNcwadini na?”“Qhabo.”Wathi, “Manje–ke uledlulisele eNkantolo yaMi na?”“Yebo, mnumzane.”

11 “Uzokwemukela ubulungiswa. Ngikwehlulela ngemithethoyaMi. ArthurMcCoy, wakewawaqamba amanga na?”12 Wathi, “Ngangicabanga ukuthi ngangiyindoda enhlanangaze ngama kulokho kuKhanya.” Wathi, “Kodwa eBukhonenibalokho kuKhanya, ngangiyisoni.” Sonke siyoba yilokho.Ungahle uzizwe ulondolozekile manje, kodwa linda uze ufikeLapho. Ucabanga ukuthi kuzwakala kanjani lapha uma Egcobana? Ukuthi ungazizwa umncane kanjani! Kuyoba njani kulokhokwaHlulela kwesiHlalo sobukhosi esimHlophe na?

Wathi, “Wake wawaqamba amanga na?”13 Wathi, “Ngangicabanga ukuthi ngangikade ngineqiniso,kodwa ezinye izinto ezincane engangicabanga ukuthikwakungamanga amhlophe amancane, ziba nkulu futhi zibemnyama Lapho.”

Wathi, “Yebo, mnumzane, ngiwaqambile amanga.”Wathi, “Wake weba na?”

14 Wathi, “Ngangicabanga ukuthi ngangikade ngiqothongakho, futhi ngingakaze ngebe, kodwa wathi, eBukhonenibalokho kuKhanya, nga—ngaqonda ukuthi kwakunokunyeengakudonsayo, okwakungalungile nje.”

Wathi, “Yebo, mnumzane, ngebile.”Wathi, “Ukwahlulela kwaMi…”

15 Futhi eselungele nje ukuzwa isigwebo sakhe, “Sukauyongena emlilweni ongunaphakade owalungiselwa udevelinezingelosi zakhe,” wathi onke amathambo ayehlukana.16 Wathi, “Ngezwa iphimbo elimnandi kunawo onke engakengawezwa empilweni yami.” Wathi, “Ngenkathi ngiphendukaukuba ngibuke, ngabona ubuso obumnandi obedlula bonkeengake ngabubona; obuhle obumnandi obedlula ubusobukamama, iphimbo elimnandi ukwedlula umama ake angibizangalo.” Wathi, “Ngaqalaza. Ngezwa iphimbo, lathi, ‘Baba, leloyiqiniso, wawaqamba amanga futhi wayengeqotho nje. Kodwa,phansi emhlabeni waNgimela,’ lathi, ‘manje Ngizoma endaweniyakhe.’”17 Yilokho engifuna kwenzeke Lapho. Ngifuna ukuMmelamanje, lokho, uma sekufika lesosikhathi,Wama endaweni yami.18 Asifunde kuGenesisi 22; 15, 16, 17, namavesi 18.

Page 3: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 3

Ingelosi yeNKOSI yayisimemeza kuAbrahamaisezulwini ngokwesibili.Ithi, Ngizifungile, isho iNKOSI, ukuthi njengokuba

ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho,indodana yakho eyodwa:Ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise

nokwandisa inzalo yakho ibe ngangezinkanyezi zezulu,nangangesihlabathi sasogwini lolwandle; inzalo yakhoinqobe isango lesitha zayo;Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke

zomhlaba; ngokuba ulalele izwi lami.Asikhuleke.

19 Baba waseZulwini, thatha indikimba manje, Nkosi,futhi usikhonzise. Kwangathi uMoya oNgcwele ungaphathaamaZwi, Nkosi, aphumele ngqo kuzo zonke izinhliziyo. Lokhobekungahlangabezana namathemba ethu kulentambama,ngokuba makhulu, Nkosi. Futhi Wena wasitshela ukuba sicelekuvame, ukuze ukujabula kwethu kugcwale. Sikucela eGamenilikaJesu. Amen.

Ningahla phansi.20 Uma bengingabiza lokhu ngendikimba, imizuzwanaembalwa. Iphimbo lami libuthakathaka, ngakhoyingalesosizathu ngifanele ngime ngakwimayikrofoni. Ngiyazikunokuwawaza komsindo, kodwa siyakubekezelela kancane.Ngifuna ukuyibiza ngokuthi: UkuNqoba ISango LeSitha EmvaKokuvivinywa.21 Inkundla yethu ivuleka kwenye yezinkundla ezimangalisakakhulu kuAbrahama. Niyazi ukuthi uAbrahama unguyisewokwethembeka. Nesithembiso senziwa kuAbrahama. Futhingokuba yizindlalifa kuphela naye, ngoKristu, iyona ndlelakuphela esemukela ngayo isithembiso, kungo Abrahama. Manje,uAbrahama wayengumuntu ojwayelekile nje, kodwa wabizwanguNkulunkulu futhi wayethembekile kulolobizo. NgenkathiuNkulunkulu ekhuluma kuye, uAbrahama akazange nakanyealingabaze lelophimbo. Wahlala nalo ngqo. Akunandaba ukuthiubunzima babuyini, wahlala nalo ngqo.22 Wabe–ke esethenjiswa indodana. Futhi walinda iminyakaengamashumi amabili–nanhlanu ukuba emukele leyondodana,ebiza noma yini ephambene nakho ngokungathi yayingenjalo.Kwase kuthi–ke, futhi kulendodana, yonke imindeni yomhlabawawuzobusiswa. Nokhokho wayethembekile obizweni lwakheneZwi elithenjisiwe.23 Wayeyisibonelo kulokho esifanele sibe yikho. Manje thina,ngokuba ngabafileyo kuKristu, siyiNzalo kaAbrahama.24 Manje, kwakunenzalo embili ka Abrahama. Eyodwayazo yayiyinzalo yemvelo; enye yayiyiNzalo yokomoya. Enye

Page 4: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

yazo yayingeyemvelo, ngenyama yakhe; enye yayiyiNzaloyokukholwa kwakhe, ukukholwa, ukuze nathi sibe yiNzaloka Abrahama ngeZwi elithenjisiwe.25 Futhi manje emva kokuba wayesevivinyiwe iminyakaengamashumi amabili–nanhlanu emide, futhi, esikhundlenisokuya aye ngokuba buthakathaka kakhulu, waya ngokuqinakakhulu. Niyabo, uma kungenzekanga ngonyaka wokuqala,ngonyaka ozayo kwakuzoba yisimangaliso esikhulu kakhulu,ngoba kwase kukudala ngeminyaka emibili. Futhi wanqwabelaleyominyaka, lapho eya ngokuba mdala, nomzimba wakhewaphela. Izizalo zikaSara, isizalo, noma sa (sathola)singabambi. Futhi ngakho–ke amandla akhe ayengasekho, futhikwakukhona…Akunakwenzeka nhlobo.26 Nake nacabanga ukuthi uNkulunkulu wenzani lapho na?Niyabo, Akazange kakhulu kangako nje njengokwenza isizalosakhe sibambe. Ngokuba, khumbulani, ukuba Wenza lokho,manje–ke khumbulani ukuba Wenza lokho…babengenawolamabhodlela anempilo nahlanzwe amagciwane, lezozinsuku,ukuba banike ingane, ubisi oluphuma enkomazini. Niyabo?Futhi Wadingeka a…Imithambo yakhe yobisi wase womenkwe. Ngakho Wa—Wayengenakuba…Kwadingeka kube nentoethize eyenzekayo.27 Manje–ke, bukani owesifazane, eneminyaka eyikhuluubudala, ukuba asikwe. Inhliziyo yakhe yayingeke ikumele.Kul’khuni manje kowesifazane, oneminyaka engamashumiamane ubudala, ukuba akwenze. Inhliziyo yakhe yayingekeikumele. Ngakho niyazi ukuthi Wenzani na? Umanizoqaphela…28 Manje ngiyazi abaningi bangahle bangavumelani. Umalokhu kulungile ukwenza lesisitatimende? Niyabo, ngi…Kungaba nje ngukucabanga kwami uqobo.29 Niyabo, iBhayibheli liyiNcwadi engaphezu kwemvelo.Ilotshiwe ukuze ifihlakale ezikoleni, usiyazi wezenkolo.Bangaki okwaziyo lokho na? UJesu wambonga uNkulunkulu.Wathi, “NgiyaKubonga, Baba, UKufihlile kwabahlakaniphilenabanokuqonda, futhi waKwembulela izingane zonaeziyofunda.” YiNcwadi yothando. Uma uthandolukaNkulunkulu lungena enhliziyweni, khona–ke uthandananoNkulunkulu, bese–ke Ezembula Yena uqobo, incazoyeBhayibheli. Ukuhunyushwa kweBhayibheli nguNkulunkuluuqobo lwaKhe ehumusha izithembiso zaKhe. Kodwa,iBhayibheli, Lilotshwe ngokulifunda livaliwe.30 Manje, njengomkami, o, ungowesifazane oyisimangalisokulo lonke izwe, futhi ngimthanda ngempela. Uyangithanda.Ngakho uma ngihambile ekhaya, uyongibhalela incwadi,athi, “Bill othandekayo, kulobubusuku ngisanda kulalisaabantwana nje. Sengiwashile namhlanje, nakho konke

Page 5: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 5

akwenzile, kanjalonjalo.” Manje usho lokho encwadini. Kodwa,niyabo, ngimthanda kakhulu impela, futhi simunye kakhulu,ngize ngi—ngikwazi ukuyifunda ivaliwe. Ngiyazi ukuthi ufunauk’thini, niyabo, noma ngabe uyangitshela lokho noma qha,niyabo. Ngi—ngiyazi ukuthi uchaza uk’thini, ngoba wuthandolwami ngaye, nokuqonda kwami.31 Awu, yileyondlela iBhayibheli elilotshwe ngayo. Niyabo? O—onokuba yisazi semfundo uyokweqa ngaphezulu ngqo; abasozebakuthole. Niyabo, ufanele uthandane neZwi, Yena, “ukumaziYena.” Niyabo?32 Manje, manje phakathi lapha, bhekisisani ukuthi Wenzani.Manje uAbrahama noSara base bebadala bobabili, “begugile,”iBhayibheli lasho. Manje kwakungesikho ukuthi nje ngenxayokuthi nje babengabantu ababephila isikhathi eside kakhululapho. IBhayibheli lasho ukuthi, “Base begugile beneminyakaeminingi.”33 Manje qaphelani, masinya emva kokuba lengelosi ibonakele,kade sikhuluma ngayo; eyayinguElohim, uNkulunkulu.Futhi Yathi, yatshela uAbrahama, “Ngizokuvakashelangokwesikhathi sokuphila.” Manje bhekisisani kwehle njalo,babengumfanekiso weBandla, kuhambe njalo.34 Manje bukani. Nakhu okwenzekayo. Manje,Akampheshanga nje uSara, futhi apheshe uAbrahama.Wababuyisela ekubeni ngowesilisa nowesifazane abasha. Manjelokho kungabonakala kuyisimanga, kodwa manje bhekisisanilonke iZwi, futhi nilihlanganise. IZwi liphefumulelwe, futhinizofanele niphefumulelwe neZwi. Manje, khumbulani, masinyaemva kwalokho,masinya emva kokubonakala kwaleNgelosi…35 Sengathi ngiyakubona nje lokho, lezozinwele ezimpungazikaSara, ugogo omncane neshali ehlombe lakhe, nekepisielincane elinothuli, ephethe ubhoko, ehamba ejikeleza. “Mina,ngibe nenjabulo nenkosi yami, nayo isigugile, futhi na?”Niyabo? Futhi nangu uAbrahama wayelapha, lentshebeende, ebambelele obhokweni, njengoba wayenjalo, esegugileeneminyaka eminingi.36 Futhi ngiyabona, ngokusa okulandelayo, amahlombeakhe aqala ukuqonda, isifumbu siyaphuma ngemuva kuye.Owesifazane izinwele zakhe ziqala ukujika. Babuyela ekubeningowesilisa nowesifazane abasha. Ekhombisa nje AzokwenzaeNzalweni yobuKhosi kaAbrahama, niyabo, uma sesi “guqulwangesikhashana, ngokuphazima kweso, futhi sihlwithwekanyakanye.”37 Bhekisisani ukuthi kwenzekani. Manje ake ngikufakaziselokhu kini. Manje bathathe uhambo ukusuka kuleyondawoababekuyo, lapho eGomora; futhi bahamba yonke indlela beyaeGerari, ezansi ezweni lamaFilisti. Niqaphelile na? Kumakeni

Page 6: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

emephini, ukuthi kukude kangakanani. Kuluhambo impelakubashadikazi asebe badala kangako.38 Bese kuthi–ke, ngaphandle kwalokho, e—ezweni lamaFilistilapho, kwakukhona inkosi esencane egama linguAmaleki, futhiyayifuna umfazi. Futhi wayenawo onke lawomantombazaneamahle amaFilisti, kodwa lapho esebone ugogo, wathi,“Ubukeka emuhle,” futhi wathandana naye futhi wayefunaukushada naye. Kunjalo. Ehhe. Niyabo, wayemuhle. Niyabo?39 Wayesephenduke waba ngowesifazane osemusha.Qaphelani, wayefanele, ukuba alethe lowomntwana.UNkulunkulu wamenza isidalwa esisha. Futhi wayefanele,ukuba akhulise lomntwana. Futhi khumbulani, uAbrahama,“umzimba wakhe usufana nofile,” noSara wafa ngenkathiuAbrahama e…UIsaka wayeneminyaka engamashumiamane-nanhlanu ubudala, ngiyakholwa, ngenkathi uSaraefa. NoAbrahama washada nomunye wesifazane futhi wabanamadodana ayisikhombisa ngaphandle kwamadodakazi, emvakwalokho. He–he! Amen.40 Niyabo, ifundeni ivaliwe. Ngumfanekiso. Kuyakhombisalapho ukuthi Uzokwenzani kubo bonke Abantwana bakaAbrahama. Nje sisondela kukho khona manje, ngakhoamahlombe ethu aseqhothile nakho konke akwenzi mehluko,bangani. Nezinwele zethu ezimpunga nanoma yini, akunandabamanje. Asibuki emuva. Asibuke phambili kulokho esiza kukho.41 Futhi khumbulani, lesisibonakaliso esisibonayo,sasiyisibonakaliso sokugcina uAbrahama noSara wakheabasibonayo, ngaphambi kokuba indodana ethenjisiweibekhona. Sikholwa ukuthi sikulelohora.42 Ukhokho, emva kokuzalwa kwalomfana. Ungathininje uIsaka, cishe eneminyaka eyishumi nambili ubudala;othandekayo omncane, umfana onwele zisongene, amehloamancane ansundu na? Sengathi ngiyabona ukuthi lowomamawazizwa enjani; owesifazane osemusha omuhle, futhi ngakho,noyise. Futhi ngoluny’usuku, uNkulunkulu wathi, manje,isibonelo; sikude le, ihora elizofika. “Ngikwenze uyise wezizwe,ngalomfana, kodwa Ngifuna uthathe lomfana umenyuseleesiqongweni sentaba eNgizokukhombisa yona, futhi Ngifunaumbulale phezulu lapho, abe ngumhlatshelo.” Wawungathininje ngalokho na?43 Manje awukaze ucelwe ukuba uye ekuhlolweni okunjalo.Akakwenzi lokhomanje. Lezo kwakuyizibonelo, amathunzi.44 Ngabe uAbrahama wesaba na? Qhabo, mnumzane.UAbrahama washo lokhu, “Ngiqinisekile ngokugcweleukuthi Unamandla ukumvusa kwabafileyo, ngokubangamemukela njengovela kwabafileyo. Futhi uma lowomyalokaNkulunkulu ungitshele ukuba ngenze lokhu, futhi ngihlalengokwethembeka kukho, futhi kwazuzisa, ukuba ngiphiwe

Page 7: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 7

indodana; uNkulunkulu unamandla ukuyivusa kwabafileyo;lapho engayemukela khona, njengokufanisa.”45 O, he, mngani! Uma uNkulunkulu epha nina maPentecostaluMoya oNgcwele, ukukhuluma ngezilimi, benifanele kakhulukangakanani ukuba nikholwe amandla aKhe aphilisayo,nokulunga kwaKhe nesihawu! Uma Akwenza lokho,kumelene nabo bonke osiyazi bezenkolo ezweni! Bathikwakungenakwenziwa, kodwa uNkulunkulu wakwenza ngobaWakwethembisa. Manje yima ngeSibhamu sakho, iZwi lakho,iNkemba yakho, kholwa iZwi likaNkulunkulu. UNkulunkuluwasho njalo, nalokho kuyakuxazulula!46 Qaphelani, manje, wamthatha uhambo lwezinsukuezintathu ukusuka lapho, neminyuzi. Manje ngingahamba,ngenkathi ngisahamba ngiqapha, ngangihamba amamayelaangamashumi amathathu nsuku zonke, ehlane; futhisasinezinyawo zikapetroli, sikhuluma kanjalo. Kodwa lawoindoda, indlela kuphela ezokuthutha zabo, kwakuphakathikokuthi bagibele imbongolo noma—noma bahambe phansi.Futhi wahamba uhambo lwezinsuku ezintathu ukusuka laphoayekhona, wayese–ke ephakamisa amehlo akhe, phandle ehlane,wayeseyibona intaba isekude.47 Wathatha uIsaka wayesebopha izandla zakhe. Okungukuthi,sonke siyazi, kuGenesisi 22 lapha, ngumfanekiso kaKristu.Wamholela phezulu entabeni, wambopha, njengoJesuwaholelwa phezulu entabeni, eNtabeni yaseKalvari; umfanekisokaNkulunkulu enikela ngeNdodana yaKhe, kusobala.48 Kodwa ngenkathi befika phezulu lapho, futhiwayengolalelayo, uIsaka uqala ukusolasola. Wathi, “Baba, naziizinkuni, nanti ialtare, nanku umlilo, kodwa uphi umhlatshelona?”49 Futhi uAbrahama, lokho kwazi engqondweni yakhe, nokhoiZwi likaNkulunkulu limi phandle lapho, wathi, “Ndodanayami, uNkulunkulu unamandla okuZibonela umhlatshelo.”Wabiza indawo, “Jehova–Jire.”50 Futhi ngenkathi ebopha indodana yakhe, yalalela kwazekwaba sekufeni; wayilalisa phezu kwe altare, wahosha ummeseemgodleni, wayeseqala ukuthatha impilo yendodana yakheuqobo. Futhi, ngenkathi enza, Into ethize yabamba isandlasakhe, yayisithi, “Abrahama, misa isandla sakho.”51 Futhi ngalesosikhathi, inqama yakhala, emva kwakhe,nezimpondo zayo zigaxeke ehlane.52 Senake nacabanga, yavelaphi leyonqama na? Khumbulani,izwe ligcwele amabhubesi nezimpisi nojakalase, nalezozilwaneezishwabadela izimvu. Futhi wayekude kangakanani emuvaempucukweni na? Futhi, ngaleyonkathi, phezulu esiqongwenisentaba, lapho okungekho–manzi. Futhi wayecoshe amatshe,

Page 8: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

macala onke, ukuba enze ialtare. Yavelaphi leyonqama na?Niyabo?53 Kodwa kwakungesiwo umbono. Wayibulala inqama;yayinegazi.Wathini na? “UNkulunkulu unamandla okuZibonelaumhlatshelo.”54 Uzophuma kanjani kulesosihlalo na? Uzosinda kanjanilowomntwana onokugongobala, nomawena kulesosihlalo,wenalapho, wena onenkathazo yenhliziyo na? Noma ngabe yiyiphiindaba, “UNkulunkulu unamandla okuZibonela.”55 UAbrahama wakukholwa. Ukhokho wahlalangokwethembeka esithembisweni. Futhi Unikeza isithembiso,ukuthi, “Inzalo yakho! Ngoba ulikholiwe iZwi laMi, futhikungakhathaleki ukuthi simo sini, inzalo yakho iyonqoba isangolesitha sayo.”56 Ngani na? Sonke isitha esiqhamukayo, njengokufanekisa,simelene noAbrahama, uAbra–…Isitha sokuthi, “Owesifazaneusemdala kakhulu. Sengimdala kakhulu. Konke lokhu,nakho konke okunye.” Wayesalokhu ehlezi ethembeke ngqokulesosithembiso.57 Manje, umuntu onalokho kukholwa, usayo lokhu ethathaiZwi likaNkulunkulu kungakhathaleki ngezimo. Manje,uma ungenakukwenza lokho, khona–ke awusiyo iNzalo kaAbrahama. Lokho ngukukholwa uAbrahama ayenakho, inzaloyakhe.58 Isithembiso sika Abrahama sasiyileyo “Nzalo” yakhe,manje iNzalo yakhe yobukhosi, futhi, njengoba nginitshelileesikhashaneni esedlule. Naloluphawu Alunika uAbrahama,lwaluwuphawu lwesithembiso. Nenzalo yobukhosi, ngokwabaseEfesu 4:30, ngukuthi “ubekwe uphawu ngoMoya oNgcwele,”emva kokuba babekumele ukuhlolwa. Zamani ukukucabanga.59 Abaningi bacabanga ukuthi banoMoya oNgcwele. Abaningibazisho ukuthi banoMoya oNgcwele. Abaningi bangakhombisaobuningi ubufakazi obubonakalayo nezibonakaliso zakho.Kodwa, noma kunjalo, uma kungenakuhlala naleliZwi, akusiwouMoya oNgcwele. Niyabo?60 Ukholwa yiwo onke amaZwi, khona–ke ubekwe uphawuemva kokuhlolwa. Uma sikholwa yizozonke izithembiso eZwini,khona–ke sibekwa uphawu ngoMoya, ukuqinisa isithembiso.Yilokho–ke, kuyilokho uAbrahama, indlela akwenza ngayo.Bese–ke, bese kuthi–ke kuphela, sinelungelo ukunqoba isangolesitha sethu. Ungeke wakwenza uze kuqala ube yileyoNzalo.Khumbula, eBhayibhelini…61 Ngakhuluma ngakho, eHouston noma ndawo ndawo,okunye…noma, ngiqonde iDallas.UPhawu.

Page 9: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 9

62 Niyabo, i—iJuda lalingakhombisa, ezansi kwaIsrayeli,ukuthi laliyiJuda ngokusokwa. Kodwa uNkulunkulu wathi,“NxaNgibona igazi! Negazi liyakuba kini luphawu.”63 Ukuphila okwakusegazini kwakungenakuza kumkhonzi,ngoba, awu, kwakungukuphila kwesilwane, kwakuyisithunzikuphela senyukela ekuPhileni kwangempela. Bese–ke, isithakosemvelo, igazi uqobo lwalo, lalifanele lifundwe phezukomnyango nezinsika zomnyango.64 Libhecwa ngehisophi, okuwukhula olwejwayelekile nje,kukhombisa ukuthi awudingi ukuba ube nokunye ukukholwaokukhulu. Ufanele ube nokufanayo nje, ukukholwa onakho,njengoba usuke uzodumisa imoto yakho, uza enkonzweni.Niyabo? Inqwaba yabantu ucabanga ukuthi bafanele babeyinto ethize…Kodwa qhabo, qhabo, yiphutha lelo. Ukukholwaokwejwayelekile nje yilokho kuphela ofanele ubhece iGazingakho. Uzwe iZwi, futhi ukholwe iZwi, Libhece, yilokhokuphela. Cosha ukhula nje nomaphi lapho ePalastina,kwakuyihisophi, ukhula oluncane nje olwalumile emifantwiniyazindonga, nangapha nangapha, balucwilise egazini layo besebelibeka ekhothamo nezinsika zomnyango.65 Futhi, khumbulani, angikhathali ukuthi babekangakananiesivumelwaneni, ukuthi iJuda lalingakhombisa kangakananiukuthi lalisokiwe, ukuthi umuntu wayelunge kangakanani,sonke isivumelwano sasichithwa ngaphandle uma u—uphawulwalulapho. “Nxa Ngibona igazi,” lodwa.66 Manje, iGazi manje, uPhawu, akusiso isithako semvelo,isithako semvelo seGazi likaKristu, ngoba Lachithwaezinkulungwaneni zeminyaka eyedlula.67 Kodwa, niyabo, lapho i…kwakufanele kubeyisithako semvelo lapho, ukuphila esilwanenikwakungenakubuyela phezu komuntu, ngoba ukuphilakwesilwane akunamphefumulo. Isilwane asikwazi okulungilekokungalungile. Yisidalwa esingumuntu esinomphefumulo.68 Manje, kodwa ngenkathi uJesu, iNdodana kaNkulunkulu,ezelwe yintombi, wachitha iGazi laKhe, ukuPhilaokwakukuleloGazi lalinguNkulunkulu qobo lwaLo. IBhayibhelilathi, “Sisindiswa ngukuPhila, iGazi likaNkulunkulu.”Hhayi igazi leJuda, hhayi igazi loweZizwe; kodwa ukuPhilakukaNkulunkulu. UNkulunkulu wadala lelingqamuzanaleGazi, lizalwa yintombi. Yayingazi-ndoda, kanjalo ayi…kanjalo neqanda alivelanga kuyo.69 Ngiyazi abaningi benu bantu bafuna ukukholwa ukuthiiqanda lakwenza. Iqanda lingeke laba khona ngaphandlekokuvuka komuzwa, wayengabe wenzani–ke uNkulunkulu na?Niyabo?70 Wadala kokubili iqanda nengqamuzana leGazi,nalelo kwakuyitabenakele likaNkulunkulu, elingcwele.

Page 10: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

“Angiyukuvuma ukuba ONgcwele waMi abone ukubola.”Niyabona lapho iqanda liza khona na? “Angiyukushiyaumphefumulo waKhe ehayidese.” Umzimba waKhewawungcwele! O, he! Awu, ungeke wakukholwa lokho,ungazibiza kanjani ngomKristu na?

71 “Sisindiswa ngeGazi likaNkulunkulu.” Kulapho–keukukholwa kwami. Hhayi ukuhamba phandle lapho egazinilomprofethi, hhayi ukuhamba phandle lapho egazini lomuntuojwayelekile, noma umfundisi, noma usiyazi wezenkolo.Sihamba lapho eGazini likaNkulunkulu. UNkulunkulu washonjalo. Uba yisidalwa esingumuntu. Washintsha umucu waKhe.Welula ithende laKhe lapha, nathi, futhi uba ngomunyewethu. UnguMhlengi wethu oyisiHlobo somndeni. Wadingekaabe ngowomndeni kithi, ngoba lowo kwakungumthetho.UNkulunkuluwaba ngumuntu futhiwakha phakathi kwethu.

72 Qaphelani ukuthi lokho kukanjani, ekwenzenilokhu, Yena evela kuYe, wayenguNkulunkulu, uMoya,nalowoMoya uba phezu kwekholwa. Ngakho–ke, ukuPhilaokwakuseMhlatshelweni wethu, sikhonjwa yilokho kuPhilaokufanayo.

73 Manje–ke bangakubona kanjani ukuPhila kukaNkulunkulukuhamba phakathi kwabantu, futhi baKubize ngentoengahlanzekile, Lokho kube kuyinkomba yoMhlatshelowethu na? “Okholwa yiMi, imisebenzi engiyenzayo Minanaye uyakuyenza.” UkuPhila kwaKhe kubuyela phezu kosacri–…eMhlatshelweni, njengoba sibeka izandla zethu phezukwaWo futhi sizikhomba ukuthi sifile emicabangweni yethuuqobo. Manje–ke singawavumela kanjani amahlelo asifuqeleezivumwenikholo nezinto, futhi sithi siyaKukholwa na? Sifilekulezizinto.

74 UPawulu wathi, “Akukho nayinye yalezizintoengikhathazayo,” ngokuba wayeboshelwe oqobweni, uKristu.Futhi noma yiyiphi impumelelo ezuziwe iboshelwe oqobweni,noqobo lwami yiZwi. Nawo wonke omuny’umuntu unjalo,lokho ngu—lokho ngempela ngukuzalwa nguMoya, uqobolwabo yiZwi likaNkulunkulu. Ngiboshelwe kuLo. Ngibekeizandla zami phezu kwaLo. Futhi Lathatha indawo yami,futhi ngizibandakanye naYe. Sasazi ukuthi Wethembisaukuzibandakanya Yena uqobo nathi. Lokho kuletha ukukholwakwangoqobo; hhayi ukukholwa okungokwakho, kodwaukukholwa kwaKhe; into ongayilawuli. Uyakwenza. Manjeqaphelani. Manje–ke, futhi manje–ke kuphela, ngenkathi i…yisithembiso esenziwe kuwe.

75 Akunandaba ukuthi mangaki amabandla owawajoyinayo,ukuthi ubhaphathizwe kangaki; ubuso bubheke phambili,uqethuke, noma yiyiphi indlela ofuna ngayo. Kuze kubekwe

Page 11: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 11

loloPhawu phezu kwakho, khona–ke awunalungelo lokuthiuzibize ngoxhumene noMhlatshelo wakho.76 Futhi luyini uPhawu lukaNkulunkulu na? Abase Efesu4:30, bathi, “Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu,enibekwe ngaye uphawu kuze kube luSuku lokuhlengwakwenu.” Hhayi ukusuka emvuselelweni eyodwa kuya kwenye,kodwa nibekwe uphawu Phakade kuze kube luSuku enihlengwangalo nibuye.77 Futhi, khumbulani, umawawungakaze ube semicabangwenikaNkulunkulu, awusoze waba noNkulunkulu. Bangaki awaziyoukuthi Wayengumhlengi na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]Awu, manje–ke, noma yini ehlengiwe izofanele ibuyelelapho eyawa khona. Ngakho uma Efikela ukusihlenga,besingakwenza kanjani, ngesinye isikhathi sasingadingekileukuba sihlengwe, futhi sonke sa “zalelwa esonweni, sabunjwaebubini, sifika ezweni sikhuluma amanga”? Kukhombisaukuthi umKristu wangempela uyingxenye engehlukanisekiyokucabanga kukaNkulunkulu, izwe lingakabikho, nomainkanyezi, noma umoya, kumbe noma ini enye. Kuphakade, futhiUfikela ukusihlenga asibuyise. Ngumcabango kaNkulunkulu,wakhuluma kulo izwi, labonakaliswa futhi li re–…wasibuyiselaemcabangweni waKhe.78 UMhlengi oyisiHlobo somndeni! YingalesosizathuuNkulunkulu uqobo lwaKhe wadingeka abengomunye wethu,ukuba ahlenge. Akukho okunye okwakungakwenza. INgelosiyayingenakukwenza, akukho lutho okunye. Wadingeka ehle,alingwe njengoba silingwa, ukuba asihlenge.79 Qaphelani manje inzalo ka Abrahama yemvelo. Akesihlole ezinye zaleyonzalo yemvelo, futhi sibone umauNkulunkulu aligcina iZwi laKhe ngenzalo yemvelo,okwakungu Isaka. Ake sihlole ezinye zenzalo yemveloezazikholwa isithembiso esigcwele sikaNkulunkulu futhizazingenambuzo. Manje khumbulani, kwakunamashumiezinkulungwane eziphindwe kazinkulunganwe eziphindwekazinkulungwane eziphindaphindiwe eyasokwa nakho konkeokunye, futhi yayisalokhu ingesiyo iNzalo ka Abrahama.Impela, “Lowo oyiJuda ngaphandle akasilo iJuda; lowo oyiJudangaphakathi.” Bona, abaningi babo, behluleka, behlulekakamunyu.80 Bukani, ehlane, bathi, “Thina…” Usuku lwePhasika,noma ekuphuzeni emthonjeni, uJohane oNgcwele 6. Bonkebabethokoza.81 UJesu wathi, “NgiyileloDwala elalisehlane. NgiyiSinkwaesivela kuNkulunkulu, siphuma eZulwini, uma umuntu engadlakuso futhi angafi.”82 Bathi, “Obaba bethu badla imana ehlane, iminyakaengamashumi amane.”

Page 12: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

Wathi, “Futhi bona, bonke, bafile.”83 Bafile, thatha lelogama bese ulihambisa, uboneukuthi lichaza ukuthini, “Behlukaniswe Phakade.” Nokho,babeyinzalo ka Abrahama. Ukufa kuchaza “ukwehlukaniswa,ukushabalaliswa, okubhujiswe kwaphela, ukushabalaliswa.”UJesuwathi babefile, bonke, nokho babengamaJuda asokiwe.84 Niyabo, bafo ndini, ngoba nje siyiMethodisti, iBaptisti,iPresbyterian, sinokuvuma okuncane, nezinto ezinjalo; udeveliukholwa kakhulu impela nje njengoba senza.85 Kodwa ufanele ubandakanywe naLo. UNkulunkuluuzofanele aLifakaze kukho, ngokubeka uphawu ngoMoyaoNgcwele. Akukho–mbuzo weZwi!86 Uma uthi, “Awu, manje, lokho kwakungokolunye usuku,”kukhona okungalungile.87 Uma–ke indoda iza igijima, wase uyitshela ukuthiukukhanya kwakukhanya, bese igijimela phansi endliniengaphansi, yathi, “Ngiyakwala nje. Ngiyakwala nje. Ayikhointo ethiwa ukukhanya. Angikukholwa”? Bekungaba khonaokungalungile ngaleyondoda. Ibiyobe igula ngokwengqondo.Uma yala imisebe yakho efudumele namandla akho anikezaukuphila, kukhona okungalungile kuyo, ngokwenqondo.88 Futhi uma umuntu ebona iZwi likaNkulunkulu, lenziwelaba sobala phambi kwakhe, futhi lakhonjwa, bese–ke evalafuthi ehlise amakhethini akhe ehlelo, kukhona okungalungilengalowomuntu, ngokomoya. Kukhona okungalungilekuye. Kukhona okungalungile ngokomoya. Angeke njeaLemukele. “Uphuphuthekile, futhi akakwazi,” uqhubekelaekwaHlulelweni, noNkulunkulu uyoba ngumehluleli.89 Qaphelani ngenkathi be—benza lokhu, nalezizinzalo manjeezaLikholwa, bhekisisani ukuthi kwenzekani. Ake sihlole ezinyezazo manje, inzalo ka Abrahama.90 Asithathe abantwana bamaHeberu, ngoba bamangokwethembeka futhi babengenakukubekezelela ukukhonzwakwesithombe. Bala ukukhothamela isithombe inkosi yesizweeyayisenzile. Senziwa ngomuntu ongcwele, futhi, isithombesikaDanyeli.91 Kwakhombisa ukuthi isizwe sabeZizwe sangeniswaphansi kohlangothi lwamanga, lokukhonza isithombesomuntu ongcwele. Siphuma ngendlela efanayo, laphoabantu beyophoqwa ukuba bakhonze izithombe zabantu.Kungena ngesambulo, sikaDanyeli ekwazi ukuhumusha iZwi,elalilotshwe ngesandla odongeni. Yileyondlela esingena ngayo,futhi yileyondlela esiphuma ngayo, indlela efanayo, yesithombesoweZizwe.92 Qaphela, bala ukukwenza. Futhi benzani na? Babeyinzaloka Abrahama bemi bethembekile eZwini, futhi balinqoba

Page 13: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 13

isango lesitha, lomlilo. Bakwenza. Awu, iZwi likaNkulunkululiqinisile.93 UDanyeli, wahlolelwa ukukhonzwa kukaNkulunkuluweqiniso oyedwa. Wahlolelwa lokho. Futhi ngesikhathisokuhlolwa, wakumela ukuhlolwa. Futhi uNkulunkuluwenzani, emva kokuthi kwakubonakala sengathi izintozazimbhedela, njengoba besingasho na? Futhi babengazi ukuthibenzenjani. Babezomdlisa ngebhubesi. Kodwa uDanyeli wahlalangokwethembeka ekuhlolweni, ukuthi kunoNkulunkuluweqiniso oyedwa, futhi walinqoba isango lesitha sakhe.UNkulunkulu wayevale umlomowebhubesi.94 UMose wahlala ngokwethembeka ezwini elithenjisiwe,phambi kwabazifanisa nabany’abantu bamanga, uJambrenoJane, ekuhlolweni. Bukani, uNkulunkulu wayehlanganenaye, ngokungaphezu kwemvelo, wamtshela ukuba ahambeenze lezizinto, akhombise lezizibonakaliso, futhi isibonakalisongasinye sasizoba nephimbo. UMose wehla ngqo, ngokukhulunje ukwethembeka ayekwazi. Waphosa phansi izinduku, futhiyaphenduka inyoka. Niyazi ukuthi kwenzekani na? Nakhukufika abazifanisa nabany’abantu futhi benze into efanayo.95 Manje, uMose akaphosanga izandla zakhe phezulu, athi,“Awu, ngiqagele konke kuyiphutha.”Wahlala lapho wayeselindauNkulunkulu. Wahlala ngokwethembeka. Akunandaba ukuthibangaki abazifanisa nabany’abantu owayekhona, wahlalangokwethembeka. Futhi ngenkathi ehlala ngokwethembekaekuthunyweni kwakhe, ukukhipha labobantu kuleyondawo.Ngenkathi isango lamanzi lingena endleleni yakhe uNkulunkuluwamvumela alinqobe, futhi Wavula isango ngeNsika yoMliloeyayimhola.Wathatha abantuwabayisa ezweni elithenjisiwe.96 UJoshuwa, omunye umholi omkhulu. Ababili kuphela e…baya ezweni elithenjisiwe, uJoshuwa noKalebi. Bafika endaweniethiwa yiKadeshi, okwakuyisizinda sezwe ngalesosikhathi,ngangokuthi leso kwakuyisihlalo sokwahlulela. Futhi, o,bathumela izinhloli eziyishumi nambili ukuba zibuke izwe,neziyishumi nambili zazo ziyabuya.97 Eziyishumi zazo zathi, “O, ngumsebenzi omningi kakhulu.Asikwazanga nje ukukwenza. Awu, labobantu, sibukeka sifananezintethe ngakubo.”98 Kodwa wenzani uJoshuwa na? Wabathulisa abantu.Wathi, “Ake nime kancane. Sinamandla angaphezuluukuba silidle, akunandaba ukuthi sibancane kanjani, nomasiyidlanzana elingakanani.”Wayenzani na?Wayemi ethembekilekulesosithembiso, “Ngininika lelizwe,” kodwa lwelani lonke iintshi lalo.99 Uyakukholwa lokho, mama na? UNkulunkulu ukunikeukuphiliswa kwakho, kodwa uzolilwela lonke i intshi lakho.“Noma kuphi amathe ezinyawo zenu luhlala khona, lokho

Page 14: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngininikela ukunqoba.” Amanyathelo kuchaza “ukunqoba.”Konke kungokwenu, zonke izithembiso zingezenu, kodwanizolwela onke ama intshi endlela phakathi manje.100 Manje, uJoshuwa wayazi ukuthi uNkulunkulu wathini.Wayeyinzalo ka Abrahama. Niyabo? Wathi, “Ngiyakukholwalokho, ukuthi uNkulunkulu usinika izwe, futhi sinamandlaangaphezulu ukuba silidle.” Futhi ngoba wakumela ukuhlolwa,ngokumelana nalo lonke iqembu labakwaIsrayeli, zonkeizizwana nabo bonke abantu balila futhi bakhala. UJoshuwawathi, “Thulani du! UNkulunkuluwenza isithembiso.”101 Akunandaba ukuthi nibakhulu kanjani, nokuthi esimelenenabo banjani, nokuthi udokotela wathini, uNkulunkulu unikezaisithembiso. KukuNkulunkulu ukusenza.102 Wenzani na? Ngenkathi ehlela emfuleni waseJordani,wanqoba isango. Yilokho a—akwenzayo.103 I Jeriko, lalivale ngci njengofudu egobolondweni. Wenzanina? Wanqoba isango.104 Ngisho usuku olulodwa ngenkathi isitha sakhe sasizamaukumthatha, wanqoba isango lesitha sakhe ngangokuthi wayalailanga ukuba lime lithule. Nelanga lamlalela, futhi alangajikaneze amahora angamashumi amabili-nane.105 UNkulunkulu uqinisile esithembisweni saKhe, akunandabaukuthi Uzofanele enzeni; ashonise amaZulu ngaphambi kokubaAyekele iZwi laKhe lehlulwe. Akazange enze isithembisoAngesigcine. “NgiyiNkosi ephilisa zonke izifo zenu. Uma bebekaizandla phezu kwabagulayo, bayosinda.” Amen. “Uma ukholwa,konke kuyenzeka.”106 UJoshuwa wakukholwa, nakuba uNkulunkulu wadingekaamise umhlaba ekubeni uphenduke. Wawubamba laphongamanye aMandla athize, aMandla aKhe uqobo; ukuthiizwe alizange liphenduke amahora angamashumi amabili-nane, uJoshuwa waze waziphindiselela phezu kwesitha sakhe.Wathatha amasango. Impela, wakwenza. UNkulunkulu uqinisilenjalonjalo.107 Manje ngifisa sengathi ngabe besinesikhathi ukubasifinyelele kwamanye futhi amaqhawe, kodwa nginemizuzucishe eyishumi manje. Bukani, onke lamaqhawe ayigugu,njengoba ayenjalo, namaqhawe amakhulu okukholwa, onkeafela esangweni lokufa. Onke abhubha, esangweni lokufa ngqo.108 Manje–ke kufika iNzalo yobuKhosi ka Abrahama. Bonkebabeyinzalo yemvelo, kusukela kuIsaka. Kodwa nakhu kufikaiNzalo yobuKhosi ka Abrahama, eyayinguKristu, iNzalo kaAbrahama yokukholwa; esifanele ukuba yiyo, bonani nje ukuthingabe siyiyo noma qha. Inzalo yemvelo yayingumfanekisokuphela. Bonke abanye wazalwa ngokuzalwa kwemvelo, kodwaYena ufika ngokuzalwa yintombi. Niyabo, leyo yayingesiyo

Page 15: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 15

eyenzalo ka Abrahama, ngaleyonkathi, iJuda. Ufika ngenzaloyokukholwa yesithembiso. Futhi, manje–ke, sifanele ukubaabantwana baKhe, ngaloMuntu.109 Bhekisisani ukuthi Wenzani. Ngenkathi Esemhlabeni,Wanqoba futhi wadla onke amasango isitha esasinawo; iNzaloyobuKhosi. Wakwethembisa ngeZwi. Wakunqoba. Wanqobaisango lokugula, enzela thina. Yilokho Afikela ukukwenza.Yena, khumbulani, bantu abagulayo, Wanqoba lelosango.Awudingeki ukuba ulinqobe; Walinqoba yena. Abanye abantubadingeka banqobe amasango angawabo. Kodwa wenaawudingeki ukuba unqobe; selivele linqotshiwe. Wanqobaamasango okugula. Futhi Wenzani ngenkathi Enqoba amasangookugula, ethiWayezonqoba na? “Noma yini eniyicela emhlabeni,futhi noma yini eniyibopha emhlabeni, WayezoyibophaeZulwini,” sinike izihluthulelo kulo isango.110 Wanqoba isango lokulingwa, ngeZwi. Nezihluthulelokwakungukuthi, “Melanani nesitha, futhi siyakunibalekela.”Wakunqoba konke; wanqoba konke ukugula.111 Wanqoba ukufa, futhi Wanqoba isihogo. Wanqoba ukufanesihogo.Wanqoba lokho abanye ababengenakukunqoba, ngobabangabenzalo yemvelo. Lena yiNzalo yokomoya. Wanqobaamasango ethuna, wayesevuka ngosuku lwesithathu, enzelaukulungisiswa kwethu.112 “Futhi manje singaphezu kwezinqobi.” Sivele nje sihambesingene kulo ngqo, njengefa, “Ngaphezu kwezinqobi.” Manjesibhekene nesitha esehluliwe. Ukugula kwehluliwe. Ukufakwehluliwe. Isihogo sehluliwe. Yonke into yehluliwe. O,he! Ngifisa sengathi usayizi wami wawuphindwe kabili,manje mhlawumbe ngizizwa ngikahle ngokuphindwe kabili.Siphikisana nesitha esinqotshiwe.113 Akumangalisi uPawulu wakwazi ukusho, ngenkathibabakha iblokwe, ukuba bamnqume ikhanda, wathi, “Okufa, luphi udosi lwakho na? Ngikhombise lapho ongangenzaumyobayobi futhi ngidazuluke. Thuna, kuphi ukunqobakwakho, futhi ucabanga ukuthi uyongibumba phandle laphona? Ngiyokukhombisa elingenalutho laphaya; futhi ngikuYe,Uyongivusa ngosuku lokugcina.” Isitha esihluliwe!114 INzalo yobuKhosi ka Abrahama! Manje, inzalo yemveloyayingenakukhomba kuLokho. Kodwa iNzalo yobuKhosiinganqoba, isivele inqobile, ngoba Ihambe phambi kwethu futhiyasinqobela onke amasango. Yona manje, emva kweminyakaeyizinkulungwane ezimbili, Imi phakathi kwethu, uMnqobionamandla. Akusikho ukuthi Wanqoba ukugula kuphela…Wanqoba ukugula. Wanqoba isilingo. Wanqoba zonke izitha.Wanqoba ukufa. Wanqoba isihogo. Wanqoba ithuna, wabuyewavuka futhi. Futhi eminyakeni eyizinkulungwane ezimbilikamuva, nangu Uma phakathi kwethu, ngalentambama,

Page 16: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ezikhomba yena, uMnqobi onamandla! Amen. Uselokhuelapha, ephila, eqinisekisa isithembiso saKhe, iNzalo yobuKhosikaAbrahama! O, he! Nesitha siyo…115 “Iyonqoba amasango esitha sayo.” Kulabo, iNzalo, Umilapha ephila ukuba Aziqinisekise kubani na? LezoziNzaloezamiselwa ngaphambili ezingakubona. Wanqoba lokho.Owathi, emva kokuhlolwa kwakhe, kwesithembiso seZwi,babekwa uphawu ngoMoya oNgcwele, eMzimbeni kaKristu,kubo waqinisa (ini?) AmaHeberu 13:8 ukuthi anjalo. Babekweuphawu phakathi lapho ngoMoya oNgcwele, lowoMoyaoNgcwele owawungo…UAbrahama wakubona kungakenzeki;ngokukholwa wakukholwa. Futhi manje siyaKwemukela,sibuka emuva esithembisweni salokho Akusho. NoJohane 14:12wenziwa aqiniswe ngalolu izinsuku zokugcina, ngoMnqobiovukileyo, uqobo lwaKhe.116 Hhayi inqubo ethize; kodwa uMuntu, uKristu, uMnqobi.Hhayi ibandla lami, hhayi ibandla lami leBaptisti, nomaiPresbyterian yakho, iMethodisti, noma amaPentecostal, hhayingalokho; kodwa ngoJesu Kristu. Uyaphila namhlanje. Wavukaphezu kwalokho, enzela ukulungisiswa kwethu.117 Futhi ngoba Uyaphila, Wathi nathi siyaphila. “Umuntuakaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo onke amaZwi,”hhayi ingxenye yeZwi, “onke amaZwi aphuma emlonyenikaNkulunkulu.” “NgingukuVuka nokuPhila. Okholwa yiMi,noma efa, wophila. Ophila akholwe yiMi akasoze afa.Uyakholwa yilokhu na?”Dlana onke amasango esitha.118 Wayengamnqoba kanjani uBosworth, kantiuNkulunkulu…uBosworth wayekuMnqobi. Futhiyingalesosizathu thi, “Ihora elijabulisa ukwedlula onke lempiloyami likhona manje.” Ehhe. Wayemazi lowoMnqobi onaMandla.Isiqiniseko sakhe sasiphumule naYe. O, he!Manje sesingacula:

Ephila, Wangithanda; efa, Wangisindisa;Embelwa, Wathwala izono zami zaya kude le;Evuka, Walungisisa ngesihle phakade;Ngoluny’usukuUyeza, O usuku lwenkazimulo!

119 Kulabo ababonakala behluliwe. UEddy Perronet, ngikholwaukuthi kwakunguye, akawathengisanga amaculo akheamaKristu. Akekho owayewafuna. Babengazihlanganisingalutho nalo. O, ehluliwe, nekholwa! Ngoluny’usuku,uMoya oNgcwele ufika phezu kwakhe. Isango lesitha sakhe,elalingayemukeli incwadi yakhe efundwayo! UMoya wathelekakuye, futhi wadumela ipeni, uNkulunkulu wamvumela abhaleiculo lokugcotshwa.

Bayede mandla eGama likaJesu!IziNgelosi maziwe zilale phansi;Zilethe umqhele wobukhosi,Futhi ziMthwese umqhele iNkosi yakho konke.

Page 17: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 17

120 UFanny Crosby oyimpumputhe, ngesinye isikhathi. Bathi,“Kusho ukuthini kuwe na?” Abanye…Akabuthengisangaubuzibulo bakhe njengoba kwenza uElvis PresleywamaPentecostal, noma njengoba kwenza uBoone wechurch–of–Christ, noma njengoba kwenza uRed Folley,bethengisa ngamathalenta abo ezweni; banoxhaxha lwezimotoamaKadilake, nesigidi samadola, amarekhode egolide. KodwauFanny Crosby wahlala ngokwethembeka endaweni yakhe.Wamemeza kakhulu:

Mawungangedluli, O Msindisi omnene,Yizwa ukukhala kwami kokuzithoba;Lapho Ubabiz’abanye,Ungangedluli.

Wena Mfudlana wayo yonke induduzo yami,Ungaphezu kokuphila kimi,Ubani enginaye emhlabeni ngaphandlekwaKho?

Noma ubani eZulwini kepha nguWe?

121 Bathi, “Uma uyimpumputhe–ke nxa ufika eZulwini na?”

Wathi, “NgiyoMazi, noma kanjani.”

Bathi, “UyoMazi kanjani na?”

Wathi, “NgiyoMazi.”

Bathi, “Nkk. Crosby, ubungenza amadola ayisigidi.”

Wathi, “Angiwafuni amadola ayisigidi.”

122 “UyoMazi kanjani na?” Wathi:

NgiyoMazi, ngiyoMazi,Futhi ngihlengiwe ngiyoma eceleni kwaKhe;NgiyoMazi, ng’yoMazi.

123 “Uma ngingeMbone, ngiyozwa amanxeba ezipikili ezandlenizaKhe.”Wanqoba isango lesitha sakhe. Yebo.

124 Uma ukuKristu! Wathi, “Uma nihlala kiMi, namaZwi aMiehlala kini; celani noma yisiphi isihluthulelo enisifunayo,celani ukuthi yiliphi isango enifuna ukulithatha; celanienikuthandayo, futhi niyakuphiwa khona. Uma nihlala kiMi,neZwi laMi lihlala kini, ningathatha noma yiliphi isango lesithaelifika phambi kwenu.”NiyiNzalo yobuKhosi kaAbrahama.

125 Hlobo luni lwesango olumi phambi kwakho na? Umakungukugula, ungaphezu komnqobi ngalo. Manje–ke singasho,sicule leliculo elidala elinomusa:

Page 18: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

Zonke izithembiso eNcwadini zingezami,Zonke izahluko, onke amavesi li…futhizingezobuNkulunkulu kakhulu,

Ngithembele othandweni lwaKhelobuNkulunkulu,

Ngokuba zonke izithembiso eNcwadinizingezami.

126 Singaphezu komnqobi, neNzalo ka Abrahama iyakunqobaisango lesitha! Uma bethi leziZinto zingenzeke, uma befunaukuKubiza ngedemoni, noma uBelzabule, noma enye intoethize, uNkulunkulu uqinisekile ukunqoba onke amasango beseethatha isitha.

Asikhuleke.127 Nkosi, kwangathi iNzalo ka Abrahama…NgiyazibazoLibona, Nkosi. Lingehluleka kanjani leloZwi ngaphandlekokushaya kulowoMhlabathi wangempela na? Ngikhulekelaukuthi bazoqonda manje. Kwangathi wonke umuntu ozaemgqeni angaphiliswa.128 Nkosi, uma kungaba nabanye phakathi lapha namanje,ongakakwenzi namanje ukuvuma kwabo, engamanga obalafuthi wamela uKristu, elungele ukudela zonke izivumokholonezibandayo, ezokugcina umthetho ngamehlo nje, izinto ezifileokubasuse kuWe. Futhi kwangathi bangama manje, futhi bathi,“NgizoMemukela njengoMsindisi wami.” Khona–ke UzobamelangaloloSuku.129 Sisakhothamise amakhanda ethu, uma kukhona laboabangathanda ukuma umzuzwana nje, benzele umkhuleko,bathi, “Ngifuna ukuMmela manje, ukuthi UyongimelangaloloSuku, eBukhoneni baKhe bobuNkulunkulu.”Ngiyanicela, futhi ngininika ithuba ukuba igama lenu libekweeNcwadini yokuPhila, uma nizoma. Anginiceli ukuba nijoyinenoma yiliphi isonto. Nginicela ukuba nize kuKristu, umanilapha futhi ningaMazi.130 UNkulunkulu akubusise, ndodana. Ngabe ukhona omunye,othi, “Ngi—ngifuna ukuma manje.” UNkulunkulu akubusise,nenekazi. UNkulunkulu akubusise, dadewethu. “Ngifuna…”UNkulunkulu akubusise. UNkulunkulu akubusise. “Ngithathaisinqumo sami sokuma, ngalentambama.” Lababantu abakahle,abesilisa nabesifazane, besukumile, “Ngizothatha isinqumosami sokuma, ngalentambama.”131 Nalolosuku uma udokotela ethi, “Awu, isiphihli sengozi;igazi lakhe liyachitheka, ukufa kuphezu kwakhe, noma phezukwakhe owesifazane.” Noma, ngokunye ukusa, uyokhumbulaisinqumo sokuma kwakho. Mmele manje.132 “Uma unamahloni ngaMi phambi komuntu, Ngiyakubanamahloni ngawe phambi kukaBaba waMi neziNgelosiezingcwele. Kodwa uma uyoNgivuma phambi komuntu,

Page 19: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 19

lowo Ngiyakumvuma phambi kukaBaba waMi neziNgelosiezingcwele.”133 UNkulunkulu akubusise, dadewethu. Bangabakhonaabanye kuvulande osesitezi ndawo ndawo na? Khona manje,sisalindile. Abanye babo, abanye futhi kwiphansi elikhulu na?Kulungile. Ngikuthatha ezwini lakho, mngani.134 Uma iZwi liwela eMhlabathini ovundile, njengowesifazaneomncane emthonjeni, wa—waqonda. Wayemelwe eZulwini,kusukela efound-…ngaphambi kokusekelwa kwezwe.Ngenkathi lokho kuKhanya kushaya kuLo, waLiqonda.135 UNkulunkulu akubusise, mfowethu. Lelo yiqhawe…UNkulunkulu akubusise, mfowethu. Ungahle ukuba wenzeizinto ezinkulu empilweni yakho; wenza into enkulu edlulazonke owake wazenza, manje, mela uKristu.136 Baba wethu waseZulwini, imbewu iqathakele komunyeumhlabathi, ngalentambama. Sibona ukuPhila kuvumbuka.Abesilisa nabesifazane bema ngezinyawo zabo, nesolikaNkulunkulu elibona konke, Osezindaweni zonke, owazikonke, onamandla onke, liyababona. BangabaKho, Baba.Ngibethula kuWemanje, njengemiklomelo.137 Kwangathi lesisehlakalo sabo bemi lapho manje, bekwaziabakwenzile, bazi ukuthi lokhu kuchaza ukuthini, ukuthibamela ukuthatha isinqumo sokuma kwabo nabayingcosanaabadelelekile beNkosi. Kwangathi bangahlala njalonjalobethembekile kuze kube yiloloSuku bema eBukhonenibaKho, khona–ke leloPhimbo elithandekayo liyothi, “Yebo,ngolunyusuku eBoton Rouge, noma indawo encane ebizwangokuthi iDenham Springs, waNgimela, Baba, manjeNgizommela, noma yena owesifazane.” Siphe khona, Nkosi.BangabaKho, eGameni likaJesu. Amen.

UNkulunkulu anibusise, ngokuma kwenu. UNkulunkuluaze a…138 Manje ngenzeleni lento eyodwa. Tholani, uma ningalapholababelusi bengakhona, bonani abambalwa, nikhulume kubo.Uma beningakabhaphathizwa namanje, ngombhaphathizowobuKristu, yenzani njalo. Ngena wena uqobo phakathikwamakholwa manje, amakholwa angempela, hhayi abazenzisi;amakholwa angempela.

Sisakhuleka, asikhulekele lamaduku.139 Baba waseZulwini, lamaduku seliyaphuma manje; ukuthiliya kuphi, angazi. Mhlawumbe omunye ubabayi oyimpumputheosemdala ehlezi khona lapho lapha exhaphozini elincanendawo ndawo, elinde leliduku lifike; ingane encane ilele laphoembhedeni wasesibhedlela; umama emile, ngokuphiyaza, elindeukubuya kweduku. Baba waseZulwini, ngikhulekela ukuthiWena uzohamba nabo. Futhi kube wuphawu loBukhona baKho

Page 20: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

namhlanje, nokukholwa kwethu kuWe njengoba sishumayeleiZwi laKho, kwangathi ukukholwa okwakukuAbrahama,nokukholwa okwavezwayo futhi sakuphiwa nguJesu Kristu,kwangathi kungahamba nalamaduku futhi uphilise wonke lowoelibekwa phezu kwakhe. Siyawathumela, eGameni likaJesu.Amen.140 Manje umzuzwana nje, singakawubizi umugqawomkhuleko. UNkulunkulu onamandla onke, Omkhulu, Onelekonke…Ngiyacela, bangani, ngi—ngizoqala ngikhulekelaabagulayo, futhi ngi…Mhlawumbe, uma sehla, ngi—ngingahlengingatholi kusho lutho kini; abanye benu bangahle bahambengaphambi kwalesosikhathi. Noma ngabe uyini, uma ungazangengisho ume, esikhashaneni esedlule, futhi awuqinisekile…141 Uma uyilunga lebandla, leyo yinto enhle, kodwa lokhoakwenele kahle. Uyabo, umbusi oyisicebi esisesincanewayeyilunga lebandla. Niyabo? Wabuza uJesu ukuthiwayengenzenjani ukuze abe nokuPhila okuPhakade. AkazangeaKwemukele. Wasuka wahamba. Into ewubuwula kanjepho kuleyonsizwa ukuba iyenze. Ungathathi indawo yayo.Niyakhumbula ikhonjwa okokugcina na? Kamuvanyana,yaphumelela. Yaceba kakhulu. Yafika endaweni kwaze kwathingisho nezinqolobane zayo zaqhuma. Kodwa manje–ke sitholainkomba yayo yokugcina, esihogweni, amalangabi ehlupha.Ningakwenzi, ningakuvumeli lokho kwenzeke kini. YemukelaniuKristu.142 Nina bantu abasha, nina mantombazane amancane, bafanaabancane, ekujikeni kokuphila nje, sizani ningakwenzi lokho.Ngizweni, njengo—njengomfowenu, lowo onithandayo.Ngilaphangoba ngiyanithanda. Ngiyamthanda uNkulunkulu, futhingiyanithanda, futhi ngingeke ngamthanda uNkulunkulu umanginganithandi.143 Ngingaqoka kaninginingi, ukuba beninesincomoukusedlulisa, sedluliseleni endodaneni yami khona lapho, nomaomunye wabantwana bami. Ake nje ngi…Mina, ngizohambangaphandle kwaso. Noma yimuphi umzali uyokwenza lokho;uyokwenzenjalo noNkulunkulu. Niyabo? Thandani abantubaKhe. Thandanani.144 Wena uthi, “Ubathethiselani na?” Uthando lwangoqoboluyaqondisa.145 Uma umntanakho ehlezi phandle emgwaqeni; uthi, “Awu,nanguya uJunior ehlezi. Ubengafanele akwenze lokho, kodwaangifuni ukulimaza imizwa yakhe emincane.” Awumthandi.Uzobulawa lapho. Uma umthanda, uzomngenisa beseumthwansula. Uzomenza alalele.146 Yileyondlela uNkulunkulu enza ngayo. Uthandoluyaqondisa, nalolo wuthando lwangoqobo.

Page 21: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 21

147 Uma umshumayeli ema bese eyekela nina besifazaneniphungule izinwele zenu, bese nifaka upende nezinto, futhienganiqondisi, alukho uthando lwangoqobo lapho; futhiengayikukubiza. Futhi ayekele wena wesilisa uganwe kathathu;noma kane, nazo zonke lezi ezinye izinto, futhi nizedlulelenakho, alukho uthando lwangoqobo lapho. Akuyekeleujoyine isonto, bese ekumbambatha emhlane, bese ekugqibangesivumokholo esithize, bese–ke, “Yilokho kuphela ofaneleukwenze, ngukujoyina isonto elingcwele,” akukho-thandolapho. Noma, kumbe, indoda ilahleke ngokuphelele kakhulu,qobo lwayo, ayiboni.148 Uthando lwangokoqobo luyaqondisa, futhi lukubuyiselaeZwini likaNkulunkulu.149 Bukani uJesu, kanjani, ukuthi Wathini, ngobaWayebathanda, kakhulu ngangokuthi Wafa endaweni yabo,ngenkathi babebiza ngisho neGazi laKhe.150 Manje kwangathi uMoya oNgcwele omkhulu…Ngifunaukulinda umzuzu nje. Ngilindile kuze kuthi ugcobo lukaMoyaoNgcwele lube phezu kwami, ngaphambi kokuba siqalise. Kadengishumayela. Ngiyabonga, ngobambiswano lwenu.151 Manje, ngamunye phakathi lapha, noma ngabe nikuphi,noma kuphi endlini, khulekani nje umzuzu, nithi, “NkosiJesu, ngisize! Ngisize! Mangithinte ingubo yaKho.” UJesuwathi, niyazi, ngenkathi owesifazane ethinta ingubo yaKhe,Akakuzwanga, ngokomzimba, kodwa Wajika futhi waziukuthi wayengubani nokuthi wenzani. UnguJesu ofanayongalentambama, umPristi oMkhulu angaba nokuzwelwananobuthakathaka bethu.152 Niyakholwa, ngamunye wenu manje, ukuthi kuyiqiniso,ukuthi uNkulunkulu owenza lesisithembiso, angaphindafuthi (futhi kwangathi Angakukhombisa) ukuthi siphilaezinsukwini zaseSodoma? Bangaki abakukholwayo lokho,endlini, phakamisa isandla sakho nje.153 Siphila, njengoba kwakunjalo, eSodoma. Yonke inquboisiyonakele, inqubo yezwe, yonke into, inqubo yebandla, inquboyepolitiki. Akukho lutho. Ezepolitiki ibole kakhulu. Izinqubo,ndawo zonke, ondlovu’kayiphikiswa bethu, konke kungukubola.Ibandla seliphenduke indlela efanayo. Imindeni isiphendukeindlela efanayo. Ngukubolanje, iSodoma!154 Manje–ke, khumbulani, uNkulunkulu unakho lokhophambi kwenu, manje–ke khumbulani Wathi UyoziMelaenyameni yomuntu, futhi enze njengoba Enza ngaphambilieSodoma, ngaphambi kokuba iNdodana ethenjisiwe ifikeenkundleni. Wethembisa ukuthumela lowo owayezokwandulelaleyoNdodana ethenjisiwe, njengoba Enza endaweni yokuqala,ukuthi wayezokwethula; futhi Wathi, “Lapho iNdodanayomuntu yembulwa.”

Page 22: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

155 Angikwazi. Awu, Nksz. Thompson, leyonkathazoyabesifazane nezifo ezelakanyanayo, uyakholwa ukuthiuNkulunkulu uzokuphilisa na? Ungakukholwa na?Uzokukholwa na? Nksz., Nksz. Thomas, uyakholwa ukuthiUzokusindisa na? Phakamisa izandla zakho, ke.156 Kunenenekazi elihlezi emva kwakho ngqo. Liyakhuleka.Linesifo samathambo.157 Oyedwa ohlezi eceleni kwalo, nenkathazo yesisu, ekhulekafuthi. Uzokugeja, awubhekisisi. Awusuye owalapha. UngowaseMississippi. UnguMnu. noNkk. Kramer. Uma nikukholwangayo yonke inhliziyo yenu, uJesu Kristu uzonisindisa. Umaningakukholwa. Niyakholwa na? Khona–ke ningakwemukela.Okey. Phakamisani izandla zenu ukuze abantu bezobonaukuthi yinina.158 Angibazi labobantu. Angikaze ngibabone, empilweniyami. Ufanele ukholwe, mngani. Uzikhomba Yena uqobo.Niyakukholwa lokho, ngayoyonke inhliziyo yenu na? [Ibandlalithi, “Amen.”—Umhl.]159 Ulinikineleni ikhanda lakho, mnumzane, futhi ungibukakanjalo na? Yebo, mnumzane. Ngoba ukwenzile lokho,ngizokhuluma kuwe umzuzu. Ungumnumzane ohloniphekileosethe ukukhula uhlezi khona lapha, ungibuka. Yenaungibukile, ngobuqotho ngempela. Ukukholiwe. Wenaukhulekela omunye umuntu obenohlangothi. Kodwa—kodwainto yakho enkulu uyakhuleka, uyadinga, ufuna umbhaphathizokaMoya oNgcwele. Kunjalo. Ehhe. Kunjalo. Uma ukukholwa!Inenekazi, ufuna umsebenzi. Ngaphandle kwalokho, ukuzewazi ukuthi mina ngingumprofethi kaNkulunkulu, nomainceku, ubenokuhlinzwa okubili. Kukushiye uthe ukubabuthakathaka. Zonke izinhlobo zezimo, inkathazo yokomoya.Ngifuna ukukutshela ukuthi konke sekuxazululiwe. Ukukholwakwakho kuyakusindisa.160 [Akuqoshwanga eteyipini—Umhl.]…ohlezi eceleni kwakhongqo lapho. Uyakhuleka. Buka lapha. Ukuzwile, futhiuMthintile. Angikwazi, kodwa Yena uyakwazi. Ngizokutshelaukuthi ubukhuleka mayelana nani. Uyakholwa ngayo yonkeinhliziyo yakho na? Unenkathazo yenyongo, uyakhuleka.Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu uzokuphilisa futhi akusindisena? UnguNkk. Smith. Kunjalo. Phakamisa isandla sakho.161 Niyabo, Uzikhomba Yena uqobo. Kuyini na? INzalo kaAbrahama, ukukholwa u Abrahama ayenakho, iNkosi uJesuKristu phakathi kwethu, eqinisa iZwi laKhe, ngezibonakalisozilandela.162 Ubani, mangaki amakhadi azokhulekelwa, phakamisaniizandla zenu, unalo ikhadi lakho na? O, kungcono siqale umugqawomkhuleko.

Page 23: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 23

163 Niyabo, niyaqonda aniqondi na? Manje lowomoya akusikhokuphela…Lowo awuphilisi. Lowo ukhomba Yena kuphelaelapho. Abelusi benu banegunya elifanayo nje ukukhulekelaabagulayo. Abakwenzi lokho; qhabo, impela qhabo. Kodwaba—banegunya elifanayo nje, “Lezizibonakaliso ziyakulandelaamakholwa.”164 Manje ngifuna abangani bami abangabelusi lapha.[UMfowethu Branham ubuza omunye, “Kulungile ukubizaezethamelini, befundisi na?”—Umhl.]165 Bangaki abafundisi lapha abakholwa ngenhliziyo yenuyonke, abefundisi phakathi lapha, niyakholwa na? O,ngiyabonga. Angazi noma beningama na? Wozani lapha, yimaninami umzuzu nje, khona phansi lapha, sikhulekele abagulayo.Yehlelani phansi lapha ngqo. Manje bhekisisani ukuphilisakwenzeka, bhekisisani ukuthi kwenzekani.166 Ngifuna nize, nenze u—umugqa oyidabuli khona lapha.Ngehlela lapho emzuzwaneni nje, ukukhulekela abagulayo.Ngifuna abelusi abakholwayo ofuna ukuzikhomba bona uqobonjengamakholwa. Lokho, kholwani, ukuthi ukuza kwenu lapha,niphila engcwele, impilo ehlanzekile. Khumbulani, bukanilapha ukuthi yini ephumayo, imele iVangeli likaKristu!167 Mfowethu Blair, ngiyakwazi lapho, wena noma uMfowethuPat. Ungawenza lowomugqa oyidabuli ngendlela ovamiseukuwenza ngayo, uma uthanda, wena noMfowethu uPat.168 Abelusi abakholwayo ozokholwa! Manje, bukani, umauNkulunkulu engazikhomba Yena uqobo kanjalo ngeZwi laKhe,neZwi laKhe, bangaki owaziyo ukuthi iBhayibheli, uJesuwasho lokhu, “Lezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo.Uma bebeka izandla zabo phezu kwabagulayo, bayosinda”?Belusi, uze lapha ukuba uzikhombe njengamakholwa. Ninjalona? Ningamakholwa (anisiwo na?), beningeke nime lapha.Manje wathini uJesu na? “Lezizibonakaliso ziyakubalandelaabakholwayo.” Ngiyikholwa kanye nani.169 Ngiyehla. Laba abantu bethu, futhi singabelusi bezimvuphezu kwalemihlambi. Ngiyehla ukuba ngelule inetha yami nanimanje, ukubeka izandla zami nezenu. Futhi uma lababantubedlula, uma ninanoma yikuphi nje ukuba manqikanqikakancane enqondweni yenu, kukhipheni khona manje; ukuzekuthi uma lababantu bedlula, bese kuthi–ke ngamunye weboedlula, futhi sibeka izandla phezu kwabo, bazophiliswa.Nizokholwa ngayo yonke inhliziyo yenu manje, nonke na?[Abefundisi bathi, “Amen.”—Umhl.]170 Bangaki phakathi lapha ozokhulekela abanye lapho bedlula,phakamisa isandla sakho, “Ngizobe ngikhuleka.”171 Khumbulani, kungahle kube nguyihlo, unyoko, indodakaziyakho noma indodana, udadewenu noma umfowenu. Futhi umakungesikho okwakho, kungokomunye, ozoza ngalomugqa. Futhi

Page 24: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

uma bekuyibo ke, futhi bebebulawa umdlavuza, noma esinyeisifo esibi kakhulu, ubungefune yini ukuba umuntu abeqothongokujulile na? Impela, besingafuna.172 Manje, ngiyakholwa, uzoba kanjani…Manje labaku loluhlu lapha, lesisikhala sezihlalo, nime ngaphangaku lolohlangothi, nekhadi lomkhuleko. Nimengale ngakulolohlangothi, wonke lowo ongasesigabenisangakwesokudla. Manje, indlela, bamba isigabasangakwesokunxele; sonke siyaminyana, niyabo, futhi anaziukuthi kanjani, ukuthi senzani. Kulungile, wonke lowo okulesisigaba, sukumani lapha. Manje, wonke lowo osesigabenisangakwesokudla, wozani ngapha nje, ngoba nizokwehla, nizengapha.173 Futhi nihamba kanjani, baphuma kanjani, MfowethuuBorders na? Baphuma ngqo ngomnyango oseceleni, beze bajikengqo nasendlini futhi.174 Ngakho, uma lolu hlangothi seluzobizwa, emizuzwiniembalwa, futhi bazosukuma. Futhi asibone manje ukuthiini…Kulungile, labo abaku lesisigaba, phendukelaningakuloluhlangothi ngapha. Nibambelele emakhadini enuomkhuleko, nize ngapha. Nani enikuvulande osesitezi, yehlaningqo ukuba nihlangane nabo ekugcineni kohlu phezulu lapho.Manje laba abakulesisigaba sangakwesokunxele, yanini ngaleohlangothini lwangakwesokunxele. Bese kuthi–ke, niyabo,nenze umugqa wenu bese nibuyela emuva ngaleyo ndlela;nibheke emuva, nibheke ngapho. Niyabo? Futhi nizolandelaumugqa nijikeleze ngqo, khona–ke asizukubanakho ukuxovekanhlobo.175 Bese kuthi–ke nina eniphezulu kuvulande osesitezi,qondisani izindawo zenu nje kulezozikhala zezihlalo, bese njeniqathaka ningene ngqo lapho bedlula.176 Manje, manje nje qalani nihambe ngemuva, ngamunye,hambani ngemuva ngqo nize nihlangane nalomugqangokujikeleza njalo lapha. Wozani nje nijikeleza ngqo, phezuluphakathi lapha qalani nje nijekeleza njalo bese niza kulomugqakhona lapha.177 O, bekungenzekani khona manje! Bekungenzekani! Lesikuzoba isikhathi lapho into ethize okufanele yenzeke khona.Kulungile.178 Manje, kunjalo, hambani ngemuva ngqo nijikeleze ngapho,bese ningena emgqeni ngqo, kanjalo. Hambani nijikeleze njalolesisikhala sezihlalo. Yileyondlela manje.179 Futhi manje uma nimile, wonke umuntu ngezinyawo zabo,sizonikela umkhuleko. Nalelibandla lizokhuleka nami, ukuthinizosindiswa. Yibani nje nokukholwa. Futhi ninga…

Page 25: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA 25

180 Wozani ngqo nijikeleze, emuva le ngemuva, wozani ngqonijikeleze bese nijoyina phakathi nalomugqa emuva lapha.Wozani ngqo nijikeleze, nenze umugqa omkhulu owodwa.Wozani ngqo nijikeleze ngapho, bese nenza umugqa owodwa.Nakho–ke.181 Wonke umuntu abe semkhulekweni. Yibani sekukholweningempela manje. Ninganaki nje isixuku manje. Khumbulani,si—simbozwe nguBukhona bukaJesu Kristu, ethembele kithiukuhlonipha Akwenze phakathi kwethu, ngokuba nokukholwaeZwini laKhe.182 Lokho kuhle. Manje kuzobakuhle nje. Ngicabanga ukuthilowomugqa ungena nje ngokumangalisayo.183 Manje besamile bonke, ngifuna wonke umuntu manje,endlini, ukuba ukhothamise ikhanda lakho.184 Nkosi Jesu, kuzokwenzeka masinyane. Isinqumosizokwenziwa khona manje. Ngabe siyakholwa ukuthi Wenaulapha na? Ngabe siyaKuthanda na? Ngabe sinokukholwa,Nkosi, okwenele kulokhu esizokucela na? Lababantubazikhomba bona ngokuma emgqeni. Nkosi, kwangathikungebe yize. Kwangathi kungaba, Nkosi ukuthi bedlulalapha, ngamunye uzokwedlula nje sengathi bebedlula phansikukaKristu, ngokuba siyazi ukuthi Ulapha. Futhi sikhulekelaukuthi bazokwemukela ukuphiliswa kwabo. Ngiqinisekileukuthi ngisho nasemavikini namaviki ezayo, lababantu bazobebeya kubelusi babo, abesifazane abakade benenkathazoyabesifazane, inkathazo yesisu, owesilisa onokugogeka, zonkeizinhlobo zezinkathazo, bazosindiswa, bethi, “Uyazi, into iveleyasuka kimi,” ngokuba baseBukhoneni baKho. Kwangathibangeza bedlule manje futhi—futhi badonse lokhu Okufeleyo.BayiNzalo ka Abrahama, futhi Ubanqobele. Kwangathi bangezafuthi bamukele lokho Obaphe khona.185 Futhi, Sathane, udalulwe kakhulu kuleliviki, ngangokuthiuyazi ukuthi uyisidalwa esihluliwe. UJesu Kristu wakwehlulaeKalvari. Wavuka ngosuku lwesithathu, enzela ukulungisiswakwethu, futhi Umi phakathi kwethu manje. Nokukholwakwethu kubheka kuYe, futhi kudede kuwe kumbe noma yini intooyenzile. Bayeke lababantu eGameni likaJesuKristu.186 Kulungile, qalani umugqa. [UMfowethu Branhamnabefundisi babeka izandla phezu kwabagulayo futhibakhulekela ngamunye emgqeni womkhuleko. Akuqoshwangaeteyipini—Umhl.]187 Senze njengoba nje iNkosi yasiyala ukuba senze. Bangakikini abedlule kolowomugqa, nakholwa ukuthi nizosinda,phakamisani isandla senu. Ngijoyina esami nani.188 Ebesikwenza lapho, ekugcineni, njengeqembu labefundisilapho; abaningi babo bebegula, bengikwazi, kodwa bazamaukuveza umzamo wabo ukuba bafake ibandla labo, noma ngabe

Page 26: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

bayakuthola noma qha. Lowo ngabelusi bezimvu bangokoqobo.NoMoya oNgcwele uthe kimi, “Babangele ukuba bajoyinaneizandla zabo.” Sibopha izinhliziyo zethu ngentambo namanethandawonye, nemikhuleko yethu, ndawonye.189 UJesu, uyabasindisa, futhi. Futhi ubenza babengabelusibezimvu abanamandla, abanamandla eZwini leNkosi.190 Kwangathi uNkulunkulu, bazalwane bami, kwangathiAnganinika zonke izifiso zenhliziyo yenu. KwangathiningaMkhonza zonke izinsuku, futhi nibe namandlakaNkulunkulu ezimpilweni zenu, ukuba nikhonzise lesisigejaneesihle sabantu. Kwangathi uJesu Kristu, Obenathi, futhi unaningaso sonke isikhathi, kwangathi Angazenza Yena uqoboagqame kakhulu kini kunomaEkewenza ngaphambili.191 Nina bantu, abanye benu abebekhubazekile, ningahleningaboni mehluko okwesikhashana, ningahle ningabonimehluko. Bukani ukuthi u Abrahama wenzani. Akwenzimehluko ukuthi ini; lokho akusikho okubukayo. Awubukiizimpawu zakho zesifo. Buka lokho Akusho. Uma uthi,“Ngisalokhu ngibuzwa ubuhlungu,” lokho akuhlangenenakho. Wenze lokho uNkulunkulu athi kwenze. Uyabo,ungabuki lokho. Buka lokho Akusho. UNkulunkulu wathikwakunjalo! Ngiyakukholwa. Anikukholwa na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Ngayo yonke inhliziyo yami, ngiyakukholwa.192 INkosi uNkulunkulu inibusise ngize ngibuye nginibone.Imikhuleko yami ungowenu; ubusuku abubi mnyama kakhulu,imvula ayini kanzima kakhulu. Ngizobe nginikhulekela.Ningikhulekele. Size sibonane futhi, uNkulunkulu anibusise.Manje umfowethu olusayo, niyabo.

Page 27: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

UKUNQOBA ISANGO LESITHA EMVA KOKUVIVINYWA ZUL64-0322(Possessing The Gate Of The Enemy After Trial)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto ntambama, ngoMashi 22, 1964, eDenham SpringsHigh School eDenham Springs, eLouisiana, eU.S.A., uthathelwe ekuqophenikweteyipu enozibuthe futhi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhuukuhunyushwa ngesiZulu kwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of GodRecordings.

ZULU

©2014 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 28: ZUL64-0322 UkuNqoba ISango LeSitha Emva Kokuvivinywa VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL64-0322 Possessing The Gate Of The... · UKUNQOBAISANGOLESITHAEMVAKOKUVIVINYWA 3 Ingelosi yeNKOSI

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org