5
NHLABA 2014 Iqhubeka ekhasini 2 Iqhubeka ekhasini 2 U Mnyango Wezempilo KwaZulu-Natali usut- shale Abeluleki Kwezokudla abangama-563 kuso sonke isifundazwe ukuze kwehle izinga lokufa okubangwa yindlala. “Ngokuvakashela amakhaya nokuqaphela impilo yezingane emitholampilo, abeluleki kwezokudla bay- obhekelela kuqala imindeni nezingane ezidinga usizo ngokushesha. Ukuthola kusenesikhathi kusho uku- thi kungaphepha iningi kube kubhekenwe nezindaba ezithinta inhlalomnotho yobubha, ukufa komama nez- insana kanye nokulamba kwezingane esifundazweni.” Kusho iNhloko yoMnyango WezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongile Zungu. UMnyango Wezempilo e-KZN wethule iziNhlelo Zokweluleka Ngezokudla eminyakeni emithathu eye- dlule, waqala ngokuqeqesha onompilo kanye nentsha e-UKZN Extended Learning njengabeluleki kwe- zokudla. Lolu hlelo seluthela izithelo ngoba seziziningi izingane esezihlolwa ezikoleni ngamathimba ezempilo emakhaya abandakanya abeluleki kwezokudla. Uku- vakashelwa kwemindeni ezindaweni ezisemakhaya sekuholele ekuhlonzweni ngokushesha kwamakhaya aphethwe yizingane bese kubhekelelwa inhlalo nezidingo zalezo zingane kulawo makhaya. Iqembu eliyi-167 Labeluleki Kwezokudla lithweswe iminyezane ngenyanga edlule kanti seliqalile ngemin- genelelo emitholampilo yase-KZN. Liyabonakala iqhaza labeluleki ngoba sekwehle izibalo zokushona kwezingane zingakabi neminyaka eyisihlanu lapha e-KZN kwaba nge-1 kwezingama-20. Izingane ezilambayo ezineminyaka engaphansi kwemi-5 zin- gaphathwa yizifo zezingane ezinjengesohudo, inkinga yokuphefumula kanye ne-TB imbala – nama-33% abul- awa yindlala. “UHlelo Lwabeluleki Kwezokudla luqhakambise ukubaluleka konompilo lwaletha namathuba om- sebenzi kubantu abasha kuleyo miphakathi enok- wentuleka kwamathuba omsebenzi kanye nend- lala. Ngendlela exubile siyakwazi ukubhekana nezinselelo. Nakuba singeke sihlangabezane nawo wonke amaqophelo abekiwe e-MDG kepha ngeke sihlale singenzi lutho. Kumele senze uguquko bese siqhamuka namasu okuphucula ezempilo esifunda- zweni, uHlelo Lwabeluleki Kwezokudla lungezinye zezindlela esenza ngazo ushintsho olungenazindleko ezinkulu,” kwengeza uDkt Zungu. UNGQONGQOSHE WEZEMPILO kuZwelonke uDkt Aaron Motsoaledi uphothula inqubomgomo yokulan- delela abasebenzi bezempilo baka- hulumeni abasebenza emikhakheni ezimele kodwa bebe beqashwe uhulumeni. Ekhuluma kuBhulethini yezeM- pilo e-KZN, umkhulumeli wezeM- pilo kuZwelonke uJo Maila wathi le nqubomgomo ebuyekeziwe kuh- loswe ngayo ukuqeda ukusetshen- ziswa ngokungeyikho Inqubomgo- mo Yokusebenza Uholelwe Esikhungweni Okungesona Esikahu- lumeni (RWOPS). “Ukusetshenziswa ngokungeyikho kwale nqubomgomo sekukhinyabeza ezempilo kuhulu- meni ngakho-ke sesiyayibuyekeza le nqubomgomo,” kusho uMaila. Le nqubomgomo ebuyekeziwe kulindeleke ukuthi ibhekelele izimo ezibucayi lapho iziguli zithola ukun- ganakekelwa ngoba abasebenzi bezempilo beyosebenza ezikhun- gweni zezempilo ezizimele. Lokhu kubandakanya ukuhlehliswa kokuh- linzwa ngenxa yokungabi bikho kukadokotela ohlinzayo kanye nokungasuphavayzwa kodokotela abancane. Le nqubomgomo izobheka nodaba lwabahlengikazi abaya kosebenza ezibhedlela ezizimele ukuze bathole imali eyengeziwe. Iningi labo libeka engcupheni impi- lo yeziguli kuyo yomibili imikhakha ngokusebenza amahora amade lingaphumuli, okungenza lenze namaphutha amaningi. Ephendula ngale nqubomgo- mo ebuyekeziwe, omunye wo- dokotela olumcasula kakhulu lolu daba wakubeka kwacaca ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo >> IZIKHUNGO ZEZEMPILO ezid- lulele okuqondwe ngazo ukuh- linzeka ngokusekelwa kwezem- fundo ephakeme okudingeka kakhulu kubasebenzi bezempilo basezindaweni zasemakhaya zi- yakhiwa ezindaweni ezimbalwa ezifundeni ezisezindaweni zase- makhaya KwaZulu-Natali, njen- gengxenye yokubambisana pha- kathi kweNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN), iMedical Education Part- nership (MEPI) kanye noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali. Ekhuluma neKZN Health Bul- letin, uMphenyi oMkhulu wakwa- MEPI, uSolwazi Umesh Lalloo, uthe iZikhungo zizokwenza ngco- no amandla okusebenza kanye nokuqeqeshwa ezindaweni lapho kudingeka kakhulu. “Enye yezinhlo- so ze-MEPI ukugcina abasebenzi bezempilo besezindaweni lapho bentuleka khona. IZikhungo zam- aKhono zizofakelwa amaLAN am- akhompyutha, ingqalasizinda yo- buchwepheshe bezokuxhumana kanye nezinsiza zokuxhumana nge- vidiyo ukuze abafundi abafundele ezokwelapha kanye nabasebenzi basesikhungweni bengakwazi uku- thola ukwesekwa kwezemfundo, ukufundisa kanye nokuqeqe- sha. Ngaleyo ndlela kuhlinzekwa ngethuba elikahle lokuthola ulwazi kubafundi bezokwelapha aban- gakaphothuli, abafundela ubuh- lengikazi kanye nabafundela ukuba ngosokhemesi,” kuchaza uLalloo. IZikhungo zizobe sezisebenza ngokugcwele zingakapheli izinyan- ga eziyisithupha ezindaweni zase- makhaya ePholela, eSt Andrews kanye nase Ngwelezana kanti lezo eziseMurchison kanye naseBethes- da zivele seziyasebenza. Ezinye iZik- hungo ziyakhiwa ezibhedlela ezimbili okuyiNorthdale kanye neWentworth. INhloko yeSifundazwe yoMnyan- go wezeMpilo, uDokotela Sibongile Zungu, uncome imizamo ye-MEPI, ethi le phrojekthi ibambe iqhaza >> INQUBOMGOMO YOKULWA NOKUSEBENZA ENGXENYE KWABASEBENZI UKUNIKA UMFUTHO UKUNAKEKELWA KWEZEMPILO EMAKHAYA Leli bhukwana lenziwe ngokuhlanganyela koMnyango WezeMpilo e-KZN nalaba abalandelayo obambisene nabo UMNYANGO NOKUVAKASHELA AMAKHAYA UKUZE KUQASH- ELWE IMPILO YEZINGANE Medical Education Partnership Initiative Enhancing Training, Research Capacity and Expertise in HIV Care USUKU LOKHETHO: 7 KUNHLABA

UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

  • Upload
    others

  • View
    2

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

nhlaba 2014

Iqhubeka ekhasini 2

Iqhubeka ekhasini 2

UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali usut-shale Abeluleki Kwezokudla abangama-563 kuso sonke isifundazwe ukuze kwehle izinga

lokufa okubangwa yindlala.“Ngokuvakashela amakhaya nokuqaphela impilo

yezingane emitholampilo, abeluleki kwezokudla bay-obhekelela kuqala imindeni nezingane ezidinga usizo ngokushesha. Ukuthola kusenesikhathi kusho uku-thi kungaphepha iningi kube kubhekenwe nezindaba ezithinta inhlalomnotho yobubha, ukufa komama nez-insana kanye nokulamba kwezingane esifundazweni.” Kusho iNhloko yoMnyango WezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongile Zungu.

UMnyango Wezempilo e-KZN wethule iziNhlelo Zokweluleka Ngezokudla eminyakeni emithathu eye-dlule, waqala ngokuqeqesha onompilo kanye nentsha e-UKZN Extended Learning njengabeluleki kwe-zokudla. Lolu hlelo seluthela izithelo ngoba seziziningi izingane esezihlolwa ezikoleni ngamathimba ezempilo emakhaya abandakanya abeluleki kwezokudla. Uku-vakashelwa kwemindeni ezindaweni ezisemakhaya sekuholele ekuhlonzweni ngokushesha kwamakhaya aphethwe yizingane bese kubhekelelwa inhlalo

nezidingo zalezo zingane kulawo makhaya. Iqembu eliyi-167 Labeluleki Kwezokudla lithweswe

iminyezane ngenyanga edlule kanti seliqalile ngemin-genelelo emitholampilo yase-KZN.

Liyabonakala iqhaza labeluleki ngoba sekwehle izibalo zokushona kwezingane zingakabi neminyaka eyisihlanu lapha e-KZN kwaba nge-1 kwezingama-20. Izingane ezilambayo ezineminyaka engaphansi kwemi-5 zin-gaphathwa yizifo zezingane ezinjengesohudo, inkinga yokuphefumula kanye ne-TB imbala – nama-33% abul-awa yindlala.

“UHlelo Lwabeluleki Kwezokudla luqhakambise ukubaluleka konompilo lwaletha namathuba om-sebenzi kubantu abasha kuleyo miphakathi enok-wentuleka kwamathuba omsebenzi kanye nend-lala. Ngendlela exubile siyakwazi ukubhekana nezinselelo. Nakuba singeke sihlangabezane nawo wonke amaqophelo abekiwe e-MDG kepha ngeke sihlale singenzi lutho. Kumele senze uguquko bese siqhamuka namasu okuphucula ezempilo esifunda-zweni, uHlelo Lwabeluleki Kwezokudla lungezinye zezindlela esenza ngazo ushintsho olungenazindleko ezinkulu,” kwengeza uDkt Zungu.

UNgqoNgqoshe WezeMpilo kuZwelonke uDkt Aaron Motsoaledi uphothula inqubomgomo yokulan-delela abasebenzi bezempilo baka-hulumeni abasebenza emikhakheni ezimele kodwa bebe beqashwe uhulumeni.

Ekhuluma kuBhulethini yezeM-pilo e-KZN, umkhulumeli wezeM-pilo kuZwelonke uJo Maila wathi le nqubomgomo ebuyekeziwe kuh-loswe ngayo ukuqeda ukusetshen-ziswa ngokungeyikho Inqubomgo-mo Yokusebenza Uholelwe Esikhungweni Okungesona Esikahu-lumeni (RWOPS). “Ukusetshenziswa ngokungeyikho kwale nqubomgomo sekukhinyabeza ezempilo kuhulu-meni ngakho-ke sesiyayibuyekeza le nqubomgomo,” kusho uMaila.

Le nqubomgomo ebuyekeziwe kulindeleke ukuthi ibhekelele izimo ezibucayi lapho iziguli zithola ukun-ganakekelwa ngoba abasebenzi bezempilo beyosebenza ezikhun-gweni zezempilo ezizimele. Lokhu kubandakanya ukuhlehliswa kokuh-linzwa ngenxa yokungabi bikho kukadokotela ohlinzayo kanye nokungasuphavayzwa kodokotela abancane.

Le nqubomgomo izobheka nodaba lwabahlengikazi abaya kosebenza ezibhedlela ezizimele ukuze bathole imali eyengeziwe. Iningi labo libeka engcupheni impi-lo yeziguli kuyo yomibili imikhakha ngokusebenza amahora amade lingaphumuli, okungenza lenze namaphutha amaningi.

Ephendula ngale nqubomgo-mo ebuyekeziwe, omunye wo-dokotela olumcasula kakhulu lolu daba wakubeka kwacaca ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo >>

izikhUNgo zezeMpilo ezid-lulele okuqondwe ngazo ukuh-linzeka ngokusekelwa kwezem- fundo ephakeme okudingeka kakhulu kubasebenzi bezempilo basezindaweni zasemakhaya zi-yakhiwa ezindaweni ezimbalwa ezifundeni ezisezindaweni zase-makhaya KwaZulu-Natali, njen-gengxenye yokubambisana pha-kathi kweNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN), iMedical Education Part-nership (MEPI) kanye noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali.

Ekhuluma neKZN Health Bul-letin, uMphenyi oMkhulu wakwa-MEPI, uSolwazi Umesh Lalloo, uthe iZikhungo zizokwenza ngco-no amandla okusebenza kanye nokuqeqeshwa ezindaweni lapho kudingeka kakhulu. “Enye yezinhlo-so ze-MEPI ukugcina abasebenzi bezempilo besezindaweni lapho bentuleka khona. IZikhungo zam-aKhono zizofakelwa amaLAN am-akhompyutha, ingqalasizinda yo-buchwepheshe bezokuxhumana kanye nezinsiza zokuxhumana nge-vidiyo ukuze abafundi abafundele ezokwelapha kanye nabasebenzi basesikhungweni bengakwazi uku-thola ukwesekwa kwezemfundo, ukufundisa kanye nokuqeqe-sha. Ngaleyo ndlela kuhlinzekwa ngethuba elikahle lokuthola ulwazi kubafundi bezokwelapha aban-gakaphothuli, abafundela ubuh-lengikazi kanye nabafundela ukuba ngosokhemesi,” kuchaza uLalloo.

IZikhungo zizobe sezisebenza ngokugcwele zingakapheli izinyan-ga eziyisithupha ezindaweni zase-makhaya ePholela, eSt Andrews kanye nase Ngwelezana kanti lezo eziseMurchison kanye naseBethes-da zivele seziyasebenza. Ezinye iZik-hungo ziyakhiwa ezibhedlela ezimbili okuyiNorthdale kanye neWentworth.

INhloko yeSifundazwe yoMnyan-go wezeMpilo, uDokotela Sibongile Zungu, uncome imizamo ye-MEPI, ethi le phrojekthi ibambe iqhaza >>

INQUBOMGOMO YOKULWA

NOKUSEBENZA ENGXENYE

KWABASEBENZI

UKUNIKA UMFUTHO

UKUNAKEKELWA KWEZEMPILO EMAKHAYA

Leli bhukwana lenziwe ngokuhlanganyela koMnyango WezeMpilo e-KZN nalaba abalandelayo obambisene nabo

UMNYANGO NOKUVAKASHELA AMAKHAYA UKUZE KUQASH-

ELWE IMPILO YEZINGANE

Medical Education Partnership Initiative

Enhancing Training, Research Capacity and Expertise in HIV Care

USUkU Lokhetho: 7 kUNhLaba

Page 2: UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

2 3

nemizimba yabashonile beyisusa emakhazeni ethu beyisa kwezinye izikhungo. Enye yezinkontileka ezazisebenzela esibhedlela yele-kelela ngokuza nenjini ukuze kusi-zakale abasebenzi ababeqiqinga iziguli phezu kwezihlahla ezaziwile ngesikhathi sezithuthwa. Kwaba nokukhulu ukubambisana kubase-benzi. Basenze saziqhenya ngomn-yango wethu onakekelayo,” kusho uDkt uZungu.

Sesivuliwe isibhedlela kepha ithiyetha isavaliweNakuba sesibuye savulwa isibhedle-la neziguli sezibuyele emawodini azo kepha kusenezingxenye zesibhedle-la ezingakavulwa ngenxa yobukhulu bomonakalo owadaleka, okubalwa nethiyetha kanye nendawo yome-thiloni. “Ithiyetha yethu yalimala kakhulu ngesiphepho, abasebenzi baye baphekezele iziguli bezisa esiB-hedlela saseMnambithi uma kumele

ziyohlinzwa. Omethiloni basahleli eboardroom yesibhedlela njengoba kusalungiswa indawo yabo. Lo mo-nakalo uzolungiseka ngezigidi ezin-tathu kanti kuzothatha izinsuku ez-ingama-86 ukulungisa umonakalo. Wawuzoba mkhulu umonakalo ukuba abasebenzi abagudluzanga imishini emikhulu, bonga imali yomn-yango eyizigidi zamarandi. Siphe-phise impilo, yikona okubaluleke kakhulu,” kwengeza uDkt Zungu.

NgoNdasa walo nyaka, uSiphamandla Mkhwanazi ongugqayinyanga esiB-

hedlela sase-Emmaus uqale um-sebenzi wakhe ngokwejwayelekile, kwavele kwaguquka isimo sezulu. “Kwakuyisiphepho esingajwayele-kile kwengake ngazibona empil-weni yami. Ngabona inkanyamba iza iqonde ngqo ngasesibhedlela. Ngesikhathi ngigijima ngisuka ngasesangweni ngabona isiguli esidala sowesilisa sihamba ngezin-duku. Sasihamba kanzima siphe-shulwa umoya. Ngaphuthuma ngasitholela isihlalo esinamasondo. Ngasiphuthumisa lapho kwamuke-lwa khona iziguli. Ngokuphazima kweso kwabe sekuwa isihlahla esikhulu endaweni lapho kade kuhamba khona isiguli. Sethuka kakhulu sobabili. Ukube ngephuza ukumsiza, ngabe kwakhulunywa okunye,” kusho uSiphamandla ekhumbula isigameko.

akulimalanga muntuKwaphoqeleka ukuba isibhedlela sivalwe emva kokuba isiphepho siphephule uphahla lwezindawo eziningi okubalwa nesiKhungo Sokuhlolelwa igciwane lesandule-la ngculazi. Ngesikhathi iNhloko yoMnyango WezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongile Zungu iyohlola umonakalo, yafike yancoma abase-benzi abakhombise ubuqhawe ngokuphephisa impilo yeziguli na-kuba lokho kwakubeka eyabo impi-lo engozini ngesikhathi sesiphepho. “Ngiyaziqhenya ngokuhle okwen-ziwe abasebenzi basesibhedlela. Ngithintwa kakhulu udaba luka-nogada owaphuthuma wayolanda isihlalo esinamasondo ukuze aphe-phise impilo yesiguli. Kwafanela ukuba iziguli zisuswe esibhedlela zisiwe ezikhungweni zezempilo eziseduzane, abasebenzi bethu baqinisekisa ukuthi babeka impilo yeziguli phambili. Baze bathwala

Isuka eKhasini 1

Isuka eKhasini 1

UKWELEKELELWA KWEZEMPILO EMAKHAYA

ABASEBENZI BEZEMPILO ABABUYE BASEBENZE KWEZINYE IZINdAWO

elikhulu ekwenzeni ngcono izinga labasebenzi bezempilo ikakhuluka-zi ezingeni labasezindaweni zase-makhaya. “Ngenxa yokubambisana ne-MEPI, odokotela, abahlengikazi kanye nababelethisi abasebenza ezindaweni ezisemakhaya bahl-inzekwa ngokuqeqeshwa kwam-akhono okuthe thuthu emikhakheni ebucayi njengokuphathwa kwe-zimo eziphuthumayo zokubele-thisa. Lokhu kubalulekile ukuze siqise imizamo yethu ekuhlengeni izimpilo zomama kanye nezinsana. Ukubambisana kwethu kanye nababambe iqhaza njenge-MEPI kumqoka uma sizoqinisa uhlelo lokunakekelwa kwezeMpilo yoM-phakathi lwaseNingizimu Afrika,” kusho uZungu.

Lokhu kubambisana sebuziveze njengendlela enempumelelo eku-zuzeni inqubekelaphambili endle-leni kahulumeni yokunakekelwa kwezempilo eyisisekelo. Ngok-wakha izinhlaka zokusekela, uku-qeqeshwa kanye nolwazi lwezem-pilo yomphakathi, i-phrojekthi yakwa-MEPI ikwazile ukugcina

kanye nokuheha isibalo esilokhu sikhula sabasebenzi bezempilo ezindaweni ezihlwempu nakuba kunezingqinamba ukusebenza lapho.

Khona maduze nje, ongoti bezokunakekelwa kwezempilo abangama-25 baphothule izifundo zeminyaka emibili zohlelo lwe-HIV Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda em-inyakeni emibili ezayo. “Inhloso yethu ukwenza ngcono ucwaningo olufanele oluphathelene nesifunda, olwenziwa lapha eNingizimu Af-rika. Ukuze sikwazi ukuzuza lokhu, uhlelo lwethu lugxile ekwenzeni ngcono imfundo yabafundi bezok-welapha, abahlengikazi nabafun-dela ukuba ngosokhemesi, kanjalo nomkhakha wemitholampilo, eku-phathweni kwesandulela ngculazi nengculazi, ekwenzeni ngcono ukuqashwa kanye nokugcinwa komkhakha kanye nokugqugqu-zela abaphothule ezikoleni zongoti bezokunakekelwa kwezempilo

ukuthi bakhethe izindawo ezise-makhaya abayosebenzela kuzona. Konke kuyingxenye yokubeka isisekelo sohlelo loMshuwalense Kazwelonke Wezempilo,” kwengeza uLalloo.

Iphrojekhthi yakwa-MEPI ip-hinde yathola ukutuswa nangenye impumelelo kwezempilo esifunda-zweni, okuhlanganisa:

Ukuqeqeshwa kwabangama 53 ngohlelo lokusekela lwe PhD lwe Research Meth-odology (REMETH) okuh-langanisa nochwepheshe bezokwelapha, ososayensi, abahlengikazi, osokhemisi kanye nabasebenzi boMnyan-go wezeMpilo KwaZulu-Natali

Abahlengikazi abangama-509 abaqeqeshelwe i-Nurse Initi-ated Management of Antiretro-viral Treatment (NiMART)

Ukuxhasa ngezimali kwe-ME-PI ukwakha inkambiso elungile yokwenza ucwaningo e-UKZN

Ukusebenza namaDisciplines eFamily Medicine and Rural Health Medicine ukwakha uh-

lelo lokufunda lwe-Integrated Primary Care (IPC) lwamasonto ayisi-6 lomjikelezo ezindaweni ezisemakhaya kwabafundi be-zokwelapha abenza unyaka wokugcina.

Ukusebenza ngokubambisana noMnyango wezeMpilo Kwa-Zulu-Natali ukuletha uhlelo lweNational Essential Steps of Managing Obsterric Emergen-cies (ESMOE) esifundazweni.

Ukuqeqeshwa kwabasebenzi abalinganiselwa ema-250 ngezindlela zokubelethisa ezi-phuthumayo kusukela kowe-zi-2011 kusetshenziswa i-cen-tral master trainer workshop

Uhlelo lokusekela izifundo zobudokotela oluhlinzeka ngamakhono ezezimali kanye nocwaningo kwabafunde-la ezempilo abangama-53 ngokuhlinzeka ngomfundaze wokuthuthukiswa we-protocol development, ukuqeqeshwa ku-epidemiology, i-biosta-tistics kanye nokusebenza okusekelwe ebufakazini.

Umyalezo ovela ku-MEC

Wezempilo e-KZN, uDkt.

Dhlomo

Njengoba izwe lethu liqeda iminyaka engama-20 lathola inkululeko,

yithuba elibalulekile lokuba sibuke ibanga esesilihambile kwezempilo kulesi sifundazwe.

Kusukela ngonyaka wezi-2009 njengomnyango sesisebenze ngokuzikhandla ukwenza umehlu-ko ekuphuculeni impilo yabantu baKwaZulu-Natali. Sasazi ukuthi siyophumelela naphezu kwezinse-lelo ezikhona.

Kumele sikujabulele sonke lapha eNingizimu Afrika ukuthi ekug-cineni lesi sifundazwe sethu sesenze uguquko olukhulu kwezempilo.

Okukhulu kunakho konke ukuthi sesikwaze ukuphumelela empini enkulu yokulwa negciwane lesandulela ngculazi nengculazi. Namuhla abantu abasenamahloni okuya emitholampilo beyohlola isimo sabo se-HIV. Sibonga uhlelo lwase-KZN lwemishanguzo yengculazi okungolukhulu em-hlabeni wonke, olwenza ukuthi labo abanegciwane kulesi sikhathi baphile isikhathi eside kunalabo ababenegciwane eminyakeni eyedlule.

Ziseningi izinselelo okusamele sizinqobe ngaphambi kokuba sithi sesenze kahle. Kepha ngeke sin-gakubeki ngembaba ukuthi senza umsebenzi omuhle.

Okunye esikuzuzile kubanda-kanya ukwehla kokwedluliseleka kwegciwane lesandulela ngculazi lisuka kumama liya enganeni lisuka ema-20.5% ngonyaka wezi-2005 liya ema-2.1% ngowezi-2011, ukutheleleka okusha ezinganeni ezingaphansi kwe-15 kusuka ezi-90 000 ngonyaka wezi-2004 kuya ngaphansi kwezi-10 000 ngonyaka wezi-2013 kanye nokusokwa kwen-qwaba yabantu besilisa kungafi noyedwa.

Nakuba singeke sakuziba ukun-ganakekelwa kweziguli ngenxa yabasebenzi ababudedengu kepha futhi kumele sihalalisele labo base-benzi abasebenza ngokuzikhan-dla nakuba kukhona izinselelo. Sibonga ukuzinikela nokunakekela kwenu ekuphephiseni impilo yabantu.

Ngakho konke esesikuzuzile kumele siphokophele phambili ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu kulesi sifundazwe uthola unakekelo lwezempilo olufanayo, olutholwa yiwo wonke umuntu futhi olusebenzayo. Njengoba sibheke okhethweni, uMnyango Wezempilo e-KZN ufisela wonke umuntu ukhetho oluphephile noluyimpumelelo.

INkosi Inibusise!

U-E CIGARETTE NAWO UYINGOZI

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

muntu. Bayisibonelo esibi ngakho konke abakwenzayo. Bayokwenza nababalandelayo benze njengabo. Ngisandakutshela abayisithupha emnyangweni wethu ukuthi ngi-faka isikhalo eMkhandlwini Wa-basebenzi Bezempilo eNingizimu Afrika. Kwathi sekwenziwe lokho ngabe sengizibonela izindawo ezi-yisithupha lapho kusebenzela kho-na ngasese odokotela abaqashwe ngokuphelele uhulumeni. Yizige-bengu lezo. Uma kungaba khona ababoshwayo, iyophela nya in-kohlakalo. Abantu abazicabangela bona bodwa laba,” kusho uCald-well ngokucikeka.

Ukucabangisisa ngale nqubom-gomo i-RWOPS kwagqugqu-zelwa uphenyo olunzulu ol-wenziwe ngonyaka owedlule uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali. Uphenyo lwathola ukuthi bayi-101 odokotela abaqashwe

ngokuphelele uMnyango Wezem-pilo ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya kepha babuye babe nezindawo zokusebenzela zangasese emadolobheni lapho bethola khona imali engaphezu kwezigidi ezingama-22 kwaDis-covery Medical Scheme eyedwa. “Le miphumela ingeyokuqala ku-zwelonke ukuveza okushaqisayo. Amacala adla kakhulu imali yomn-yango abangwa wubudedengu balabo dokotela abanganaki iziguli ezikhungweni zikahulumeni, begxile kulezo zasezikhungweni ezizimele. Lokhu sekufike lapho kungabekezeleleki khona, ngeke sivume ukuba kubekwe impilo yeziguli engozini. Imibiko yophe-nyo seyethulwe kuNgqongqoshe kaZwelonke esesilinde izincomo zendlela eya phambili,” kusho iN-hloko yoMnyango WezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongile Zungu.

“Ukubambisana kwethu kanye nababambe iqhaza njenge-MEPI kumqoka uma sizoqinisa

uhlelo lokunakekelwa kwezeMpilo yoMphakathi lwaseNingizimu Afrika.” – UDkt Sibongile Zungu

Abacwaningi bakwa-AACR baqhathanise amaqoqo amabili amaseli – elinye libekwe la kunomhwamuko we e-cigarette kanti elinye

lilapho kunentuthu kagwayi, kwavela izinguquko ezey-amaniswa nomdlavuza. “Angaba ngaphephile kepha ucwaningo luveza ukuthi bukhona ubungozi.”

Lusadingeka olunye ucwaningo ukuze lucacise ngokuphelele kepha lokhu kufana kungaba yisiboniso sokuthi umhwamuko we-e-cigarette ungenyusa ukuba sengozini komsebenzisi wawo ekutholeni umdlavuza nakuba kwaziwa ukuthi i-e-liquid ayinagwayi futhi ay-idingi umlilo ukuze ihogelwe,” kusho u-Avrum Spira ongumcwaningi womdlavuza wamaphaphu.

Impumelelo yeNingizimu Afrika yokwehlisa ngohhafu isibalo sabantu abadala ababhemayo kule minyaka engama-20 eyedlule inconywa nasemazweni aphe-sheya – Izinga lehle lisuka ema-32% ngonyaka we-1993 laya ku-16.4% ngowezi-2012. Kepha ngokwehla

kokuthengwa kukagwayi kunokwesabela ukuthi u-e-cigatette yiwona ozokwenyusa ubungozi empilweni ngenxa yokungalawulwa kwemakethe yawo.

lusadingeka olunye ucwaningoKusamenyezelwa ukuba kwenziwe olunye ucwaningo ngemboni ye-e-cigarette kanye nomphumela wawo empilweni. Abanye ongoti baze bathi abantu aban-ingi benziwa ukuba bakholwe ukuthi u-e-cigarette uphephile nakuba ucwaningo olwenziwe lungenele. Okunye okuhambisana nalokhu ukuthi nakuba imikhi-qizo eyaziwayo ibekelwe imiqathango yokulawula uku-khiqizwa kwayo kepha imakethe ye-e-cigarette yona ayilawulwa nakuba abanye abakhiqizi besebenzisa izithako eziyingozi ekukhiqizeni kwabo – ezibandakan-ya izinto ezinoshevu futhi ezibanga umdlavuza.

unhlaba

31YIlanGa

lOKUnGaVUMElI UKUbhEMa

Imiphumela yocwaningo olusha olwenziwe inhlangano i-american association for Cancer (aaCR) luthole ukuthi u e-cigarette ungaba nobungozi njengosikilidi ojwayelekile, okuphikisana nokushiwoyo kokuthi wona uphephile.

Ph

OtO

GR

aP

h: K

aR

l lE

RO

Ux

Nge-MEPIImali yokusiza yakwa-MEPI yanikezwa

i-UKZN ngowezi-2000 ngabakwa-

PEPFAR nabakwa-NIH. Ithimba

lomklomelo we multi-principal

investigator liholwa

nGUSOlwazI UMESh G lallOO kanti lihlanganisa nalabo co-principal

investigators abalandelayo:

USOlwazI URazIYa bObatDiscipline of Paediatrics at UKZN

UDKt SanDY PIllaY Co-Director Enhancing, Care Initiative

USOlwazI DOUGlaS waSSEnaaR

Bioethics Research Chair, UKZN

USOlwazI JaCK MOODlEY Women’s Health and HIV Research Group

USOlwazI SCOtt haMMER kanye nOSOlwazI PhIl laRUSSa

Fellow Principal Investigators from MEPI’s United States partner,

Columbia University

OKUTHANdWA ABANTU

Ukucabanga ngokushesha kukanogada wasesibhedlela sase-Emmaus, ewinterton kuphephise isiguli esesisidala esiphephweni esinamandla ebesihlasele nasesibhedlela.

NGENHLA uSiphamandla MkhwanaziKWESOKUDLA Indawo yokungena esibhedlela emuva kwesiphepho

Ukucabanga Ngokushesha Kukanogada Kumenze waba Yiqhawe Esibhedlela

“Basenze saziqhenya ngomnyango wethu onakekelayo.” – UDkt Sibongile Zungu

ezinqala kulabo basebenzi bezem-pilo ababuye batohoze kwezinye izindawo. UDkt Robert Ian Cald-well osebenza esiBhedlela iGreys, wathi kumele baboshwe labo

dokotela abenza ubugebengu. “Kwenzekani ngeziguli abangazi-naki; izinsizakusebenza zikahulu-meni abaganga ngazo, odokotela abancane abangasuphavayzwa

Page 3: UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

4 5

UKUhlElwa KabUSha KOMnYanGOSekuqiniswe kwabuye kwahlan-ganiswa ithimba eliphezulu kw-ezokuphatha emnyangweni kule minyaka emine eyedlule ukuze ku-qinisekiswe ukuthi ubuholi buyaham-bisana nezidingo ezihlonziwe ekuh-linzekeni ngezidingo. Lokhu kuqede ukwehlukana obekukhona kwavalwa nezikhala ebezidalwe ukwesula em-sebenzini, ukusiwa kwezinye izinda-wo kanye nokuyekiswa obekuhlasele umnyango kusukela ngonyaka wezi-2006. Njengamanje izikhala eziningi ezikhundleni eziphezulu sezivaliwe kanti sekukhona ukusebenza ngoku-bambisana kanye nokuzibophez-ela. Sesehle ngokubonakalayo isibalo semibuzo yephalamende ebuzwa ku-zwelonke nasesifundazweni kusukela ngonyaka wezi-2010.

UGUqUKO KwEzEzIMalINgalo nyaka wezi-2014 uMnyan-go ususesimweni esihle kwezezi-mali. Ukuqondiswa kwezigwegwe kwezezimali, ukubhekwa ngelokhozi okuqhubekayo kwemali esetshen-ziswayo kanye nokuqinisa isandla ezintweni ezingavumelekile kwenze umnyango wangeqa kusabelomali. Kunyakamali wezi-2012/2013, uma singenza isibonelo, isabelomali sasi-yizi-R27 290 930 kwathi imali eset-shenzisiwe yaba yizi-R27 393 555!

InKOhlaKalONgaphambilini, isimo sokulawula sangaphakathi esasintekenteke saholela ekungaphelini kwen-kohlakalo. Kusukela ngonyaka wezi-2009 uMnyango usuqinise izinhlelo zangaphakathi zokulawu-la kanti sekunophiko olubhekene nokuphenya amacala enkohlakalo. UMnyango usubhekane nama-cala angama-370 abandakanya abasebenzi abangama-370, kanti sekuxoshwe abasebenzi abanga-ma-98 emva kokuphothulwa kwa-macala abo. Abanye abasebenzi bathathelwe impesheni yabo uku-ze kukhokheke imali abahlomule ngayo ngenkohlakalo bese kuthi izinkampani ezithintekayo zibuy-isele imali yomnyango. Ngalo nya-ka uMnyango usubuyelwe yimali eyizi-R800 000.

UMBIKO WEMINYAKA EMIHLANU WENQUBE-KELAPHAMBILI KUBANTU BASE-KZNUkuguqula uMnyango ngesikhathi sezinselelo ezibucayi – ukuhlinzekwa kwezidingo, izindaba zabasebenzi, inkohlakalo kanye nokungathenjwa ngumphakathi kohlelo lukahulumeni lwezempilo akuyona into elula. Kepha selokhu u-MEC wezeMpilo e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo ekanye neNhloko yomnyango wakhe bathatha izintambo ngonyaka wezi-2009, luningi kakhulu ushintsho oselwenziwe. UDkt Zungu uyakuvuma ukuthi kuningi kakhulu okusamele kwenziwe kepha kubalulekile nokuthi kuqhakanjiswe lokho osekwenziwe. Okunye kwezinto esezizuziwe eminyakeni emihlanu eyedlule:

IzInDaba zabaSEbEnzIUkuheha nokugcina abase-benzi abanamakhono abalulekile kuseyinkinga ebhekene neminyango eminingi kahulumeni. Izinga lezikhala eMnyangweni lalimi ema-23.6% kepha manje seliku-4.57% kusukela ngowezi-2013.

Njengamanje ziyizi-82  446 zezikhala eziyizi-86  864 esezig-cwalisiwe ezifaka:

Abafaki mininingwane abanga-ma-502

Odokotela bamazinyo abayi-10

Abeluleki kwezokudla abasha abangama-400

Abafundiswa imisebenzi abangama-349

Abafundiswa ezempilo abangama-330

Abasebenzi basemabhilidini abasha abayi-1292

Abasizi bodokotela bamazinyo abasha abangama-50

Abenhlanzeko yamazinyo abasha abayisi-8

Ochwepheshe bezokwelapha abasha abangama-31

Onompilo abayizi-9686

INhloko Yomnyango Wezempilo e-KZN uDkt Sibongile Zungu no-MEC uDkt Sibongiseni Dhlomo benoMotlanalo Ndlovana oneminyaka engama-95 owasebenza ngokuzikhandla

engumhlengikazi ePholi Clinic KwaMashu. Isithombe: uThemba Mngomezulu

UKUlwa nEzIfONgonyaka wezi-2000 iNingizimu Afrika yenze kahle eMgomweni Wenhlangano Yezizwe Wentuthuko Yekhulunyaka okubandakanya uk-wehla kwezinga lokufa kwezinsana, ukuthuthukisa impilo yomama kanye nokulwa ne-HIV/AIDS kanye nomalaleveva. Lokhu kuhambisana noHlelo loMnyango Lwamaphuzu Ayishumi lwesu lokuguqula, ukusiza umnyango ukuba ube nenqubeke-laphambili, okubandakanya:

Ukuzuza ama-90% ngoku-gonywa kwezingane – okuy-izingane eziyizi-1 675 094 ezineminyaka engaphansi kwemihlanu – okuhloswe ukuba kube ama-100% uma imingenelelo ekhona ingagcin-wa ibuye yandiswe.

Ukwehla kwesibalo sabantu abasengozini kamalaleveva kumanje okungu-0. 11/1000 kubantu abasengozini abayi-1000

Ukwehla kwegciwane lesan-dulela ngculazi kubantu abane-minyaka eko 15-24 kusuka ema-31% ngowezi-2009 kuya ema-25.5% ngowezi-2011

Ukwehla kwegciwane lesan-dulela ngculazi kubantu besifazane abakhulelwe kusuka ema-39.5% ngowezi-2011kuya ema-37.4% ngowezi-2011

Ukwehla kokudluliseleka kusuka kumama kuya enganeni kusuka ema-19% ngowe-zi-2007 kuya kwama-2.1% ngowezi-2012

Ukwenyuka kancane kwezinga lokwelashwa kwesifo sofuba (TB) – okuyizinga elinge-lesithathu lilandela iWestern Cape kanye neGauteng

Ukwenyuka kwesibalo seziguli ezidla imishanguzo sisuka ezi-225 389 ngowezi-2008 siya ezi-726 338 ngowezi-2013.

InGqalaSIzInDa nEMPahla“Isu lethu lokwenza izinguquko selisenze sakwazi ukuba nemali ey-izigidi ezingama-R385 kanye nezigidi ezingama-R310 ezivela eMnyang-weni Wezezimali ngonyakamali wezi-2012/13 kanye nowezi-2013/2014,’ kusho uZungu, leyo mali isiyenze ukuba uMnyango ukwazi ukwakha ubuye uthenge nempahla enjenge:

Imishini engama-38 emisha ye-GeneXpert eyafakelwa ukukhuphula izinga lokuhlolwa kwe-TB ikakhulu ezigulini ezine-HIV – kukhona eminye imishini engama-35 ezayo ukuze isifun-dazwe sonke sibe nayo

Ama-ambulensi angama-38 ayisipesheli enzelwe ukuham-bisa abesifazane abakhulelwe – awokuqala ngqa ezweni!

Imali eyizigidi ezingama-R62.8 ebekelwe ukuthenga impahla entsha ye-radiology

Impahla entsha yaselondolo ezibhedlela ezingama-42

Ama-ambulensi amasha an-gama-310 athengwe ngowe-zi-2012, bese kuba nangama-38 athutha ezikhungweni

Amabhasi amasha angama-26 okwedlulisela iziguli

IsiKhungo i-Provincial Health Operation Centre –

okungesokuqala ezweni, siyisizinda sezokuxhumana, ulwazi, ukusiza iziguli kanye nokulawulwa kwezinhlekelele

Umtholampilo Wezifo ezithathel-wanayo, Uphiko Lwezingozi Nezimo Eziphuthumayo kanye Nomnyango Wokwamukela iziguli esiBhedlela sase-Eden-dale okulinganiselwa ezigidini eziyi-R136.5 futhi okumele ku-phothulwe ngowezi-2014

Ukulungiswa kwesiBhedlela iKing Dinuzulu (esasaziwa ngeK-ing George V) okufaka phakathi isibhedlela esinemibhede engama-400, eyi-130 yezok-welashwa kwengqondo kanye nendawo ye-TB

Ukulungiswa ngezigidi ezingama-R347.8 kwesiBhedlela iLower Umfolozi War Memorial, esen-zelwe ukusiza omama nezingane

UMnyango omusha wezok-welapha kanye nomtholampilo wokwamukela abagula ngokomqondo okudle izigidi eziyi-12.6 esiBhedlela iNg-welezana

Izigidi ezingama-R228 oku-zolungiswa ngazo isiBhedlela Sezingane saKwaZulu-Natali okuzoqala maduzane

Ukwakhiwa kwesiBhedlela esisha iPixley ka Isaka Seme, okuzoqala ngalo nyakamali.

UMnyango uzibophezele ekuvikeleni impilo yomama nezinsana

Abahlengikazi basesiBhedlela iCharles Johnson Memorial bejabulela ukuvulwa kwekhempasi yabo entsha ngenyanga edlule.

EzOKUPhIla Njengamanje uMnyango ugxile kakhulu ekugwemeni izifo – uku-gqugquzela impilo enhle ukuze kug-wenywe izifo eziyisimbelambela. Uku-ze kuzuzwe lokhu, uMnyango usu:

Amathimba ayi-176 amaThim-ba Empilo Ezikoleni ahlola abafundi ukuze kuhlonzwe izithiyo ekufundeni kwezingane bese efundisa ngezempilo kubafundi kanye nabazali

Izimoto eziyisi-6 zezempilo ezihambisa kubantu unakekelo lwamehlo, lomlomo kanye nolwamazinyo

Amathimba ayi-110 Empilo Emindenini afundisa ngokun-gayeki ukudla imithi onikwa yona kanye nokuhlolelwa ezempilo nonakekelo usakhule-lwe noma usutetile kanye namaqembu okuzivocavoca

Uhlelo lokwelulekwa nokuh-lolelwa igciwane lesandulela ngculazi – kuze kube yimanje bayizi-7 857 586 abantu ase-belulekiwe; bayizi- 6 832 992 asebehlolelwe igciwane lesan-dulela ngculazi kanye nabayi-zi-5 786 365 asebehlolelwe i-TB

Sekusatshalaliswe amakhon-domu abesilisa ayizigidi ezinga-ma-84 kanye nayi- 1 337 485 amakhondomu abesifazane ngonyaka wezi-2012

Abe-Community-based Home Care ukuze bafundise, basize ngokwelashwa kanye nokulan-delela labo abangayidli imithi yabo ye-TB kanye neye-HIV

Sekusokwe abesilisa abay-izi-361 308 (okunconyelwa ukwehlisa ukusabalala kwe-HIV) ngempumelelo kusukela ngowezi-2010-2013

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 4: UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

6 7

UKUQWASHISA UdABA

USIZI LWASEMAKHAYAUkuvikela ingane yakho kuma-yengangane aku-inthanethiUSamantha oneminyaka eyi-15 wayehlala njalo ekumakhalekhukhwini nakukhompyutha echitha isikhathi esiningi exhumana nabathile kumakhalekhukhwini abuye ahlale nakukhompyutha ebusuku. ngonhlolanja owedlule umama wakhe wamthola eseshonile ekameleni lakhe. wayezilengise ngesikhafu eshiye nencwajana phezu kombhede ayeyibhalele umama wakhe. Umama kaSamantha uluchaza ngosizi udaba lokushona kwendodakazi yakhe nokuthi kungani yazibulala ngalobo busuku.

26 unhlaba – 1 unhlan-

gulanaIsonto

LIkazweLonke LokuvIkeLwa kwezIngane

Njengoba luthusa lolu daba lukaSamantha kepha asemaningi amantomba-

zane ahuhwa amadoda amadala ezinkundleni zokuxhumana njen-goba zisetshenziswa kangaka. Ku-sandakutholakala isidleke sokuk-honjiswa kocansi kusetshenziswa izingane, lokhu kutholwe abaseshi baphesheya lapha eNingizimu Af-rika. Sekuboshwe abantu abay-isithupha okufaka phakathi no-thishanhloko wesikole esidumile eMpumalanga, uthishanhloko waseGauteng osethathe umhla-laphansi, uchwepheshe wezam-

akhompyutha, ummeli kanye no-dokotela wesikhumba.

Okwenza lenyuke kangaka izinga lamayengantombazane ezinkundleni zokuxhumana ukuthi iningi lalezi zigangi liyaye lifake izithombe zabantu besilisa abasebasha, kube sengathi yibo. Lokhu kwenza lezi zigebengu zixhumane nez-ingane zingazesabi zize zizethembe kanti ziyazigebenga. Kuze kuvele emva kwesikhathi uma sezizihlukumeza izin-gane ngezindlela ezahlukene.

Yini engenziwa abazali?Ngenxa yesikhathi esiphila kuso es-inezobuchwepheshe obudlondlobele

ngeke kwakusiza ukuba utshele in-gane yakho ukuba ingabe isaxhumana namuntu ezinkundleni zokuxhumana ezinjengo-Facebook noma i-Instagram. Ongoti bathi okwenza izingane zingax-oxi ngezinkinga ezihlangabezana nazo ezinkundleni zokuxhumana yingoba ziye zesabe ukuthi zingase zephucwe ezobuchwepheshe zazo. Ezinye zezi-fundo zezingane sezikhuthaza ukuset-shenziswa kwezinkundla zokuxhumana.

UMike Saunders, obhale ngoku-bambisana nomunye i-guide esi-hloko sithi Raising Digital Citizens – Parenting in a Digital Age, weluleka ngalokhu okulandelayo:

“USamantha wabhala incwadi yokuvalelisa kimina exolisa ngesimo engizobhekana naso, okwenza ukuba ngiye kobheka ama-imeyili akhe kukhompyutha. Ngathola ukuthi ubexhumana nendoda endala kunaye eyithumelela nezithombe zakhe. Okuxakayo ukuthi yona yayingazithumeli izithombe zayo. Yaze yamcela ukuba ayithumelele izithombe zakhe enqunu, wakwenza lokho. Wathola ukuthi le ndoda axhumana nayo ngubaba wakhe uqobo. Incwadi iqhubeka ithi wehluleka ukuqhubeka nempilo ngoba wayengeke esakwazi ukubhekana nobaba wakhe ebe azi nokuthi lokhu okwenziwa ubaba wakhe ukwenza nakwamanye amantombazane kanye nokuthi wayazi ukuthi uma sengizwa lezi zindaba akazi ukuthi ziyongiphatha kanjani. Yingakho ancamela ukuzilengisa,” kuchaza umama kaSamantha.

Nawe yazi kabanzi ngokut-hunyelwa kwemiyalezo kanye nezinkundla zokuxhumana ezisetshenziswa yingane yakho ngoba lokho kokwenza ukuba ukwazi ukuqonda ngezinkundla zokuxhumana kanye nobungozi bazo.

Zibheke izingane ezincane uma zisebenzisa i-inthanethi.

Sebenzisa isoftware ekwazi ukuhlunga lokho okungaba nobungozi enganeni yakho.

Shaya imithetho yokuthi i-inthanethi kumele iset-shenziswe nini, kuphi futhi

isikhathi esingakanani nesikhathi sokuyeka ukuyise-benzisa ebusuku.

Xoxa nabo ngabaxhumana ngakho ezinkundleni zokux-humana bese ubabuza ukuthi yikuphi abakubona kufanele ukubukwa nalokho okunga-fanele bakubuke.

Xoxa ngokuphepha ku-inthanethi nokuthi yini ebenza bacabange ukuthi kuphephile ukugcina imininingwane yak-ho iyimfihlo kanye nokunga-vumeli ukuxhumana nanoma ubani ezinkundleni.

Udokotela osemusha uMiguel Desroches usandaku-lahlwa umthetho eman-

galele uNgqongqoshe Wezempilo Kuzwelonke u-Aaron Moatseloedi kanye NoMkhandlu WaseNingiz-imu Afrika Wabasebenzi Bezem-pilo. UDesroches ubayise enkantolo ngoba ephikisana nokuthi kuyiswe ezindaweni ezisemakhaya odokotela abasandakuthola iziqu zabo zobu-dokotela. UDesroches lokhu uku-biza ‘ngobugqila’ waze wesabisa ngokushiya lapha aye kwelinye izwe njengase-Australia emva kwecala. Lokhu kuqalise kabusha inkulu-mompikiswano mayelana nezempilo ezindaweni ezisemakhaya.

Kuyiqiniso elingephikwe futhi noMnyango wezeMpilo ongali-balekeli. Ukusebenza endaweni yasemakhaya akulula kunoma ngubani ongayejwayele. Ukwen-tuleka kwengqalasizinda efanele noma izisinzakusebenza kunezez-ela emsebenzini wongoti bezem-pilo ngaphansi kwalezi zimo. Kepha ngabe kufanele siyenzele phansi imiphakathi ehlwempu siyincishe ukunakekelwa kwezempilo ngenxa yalokhu? Vele, abafundi bezokwe-lapha bayalwazi udaba. Bayasazi

isidingo sokusebenzela endaweni yasemakhaya ngaphambi kokuthi bavunyelwe ukubhalisa emkhan-dlwini i-Health Professions Council – akukho zungu noma ukungathem-beki. Njengoba omunye udokotela osemncane, uKaren Milford, echaza:

“Abekho odokotela abahlwempu. Abekho odokotela abangeke bak-wazi ukuthengela izingane zabo umfaniswano wesikole, angiyiphathi eyokukwazi ukukhokha imali esiko-leni ‘esikahle’. Kodwa uMnyango wezeMpilo awusho kodokotela uku-thi bashiye impilo yabo baye ehlathini elikude bayogqilazeka ngaphandle kwenkokhelo baze bafe. Babacela ukuthi bathathe ikhefu elincane empilweni yabo yokubusiseka, ba-hambe bayosebenzela umphakathi oludinga kakhulu usizo lwabo”.

Ukuheha odokotela basezindaweni zasema-khaya ngemiklomeloUMnyango wezeMpilo usuqale imihlomulo embalwa ukuheha abanye odokotela ezindaweni zase-makhaya, okuhlanganisa ukufunda mahhala eCuba okubuyiselwa ngokusebenza kwabo ezindaweni lapho bedingeka khona kakhulu.

Kodwa ngaphandle kwalokhu kuse-benza okuphoqelelwe kwabafundi bezokwelapha, akukho okunye ukuphoqwa kodokotela ukuse-benzela ezindaweni zasemakhaya. Akumangazi-ke ukuthi amaphe-senti angamashumi ayisikhombisa nanhlanu odokotela baseNingizimu Afrika bakhetha ukusebenzela um-khakha ozimele ngenkathi minyaka yonke, ngaphansi kwamaphesenti ama-3 odokotela abaphothulayo begcina besebenzela ezindaweni zasemakhaya – nakuba cishe isig-amu sabantu bezwe lethu behlala ezindaweni zasemakhaya.

Njengoba odokotela abaningi baseNingizimu Afrika bekubale-kela ukuyosebenzela emiphakathini yasemakhaya, kunodokotela ban-gaphandle abaningi abazimisele ukuvala leso sikhala. Nangaphandle kwazo zonke izinkinga, iningi labo lithi ngonyaka owodwa wokuse-benza emphakathini wasemakhaya lithole ulwazi kanye nolwazi lomse-benzi olukhulu kunayo yonke imin-yaka yabo yokufunda isihlangan-isiwe! Nakhu udokotela waseBritain, uRuben Dutta, akubhala ngonyaka wakhe esesibhedlela esisemajuku-jukwini KwaZulu-Natali, eMseleni:

UMnyango Wezempilo uthumela abafundi abafanele minyaka yonke eCuba ukuba bayofundela ubudokotela mahhala.

UsUkU lwama-324Uhlelo lwezempilo olunamazinga amabili okuphatha akulona olamazwe asathuthuka kuphela kodwa igeba lezomnotho likwenza kucace nje kakhulu. Ikamuva leNingizimu Afrika lisho ukuthi akulona igeba lezomnotho nje kuphela kodwa negeba lezobuhlanga elikhona. Ngakho kuhlale kumangaza ukubona okwenzekayo uma umuntu omhlophe etheleka esibhedlela sesifunda sasemakhaya.

Kunezinhlobo ezimbili zeziguli ezimhlophe ezingafika; olokuqala ngabavela ngaphandle abavakashile endaweni, asebedinga ukunakekelwa okuthize kwezokwelashwa kodwa bengafuni ukushayela amahora amabili beya endaweni yokunakekelwa ezimele; abanye yilabo abazithola sebethwele kanzima noma Ababezuza Phambilini, Manje Abangasazuzi (PANDAs). Laba bokugcina bafika balinde e-OPD kanye nazo zonke iziguli, kanti laba bokuqala baphoqelela ukuthi babonwe ngokushesha.

AmaPANDA ngokujwayelekile kuba iziguli ezingeke zakwazi ukuba nomshwalense wezokwelashwa futhi ezigcina sezisesimweni eminyakeni engama-20 edlule, ezazingacabangi ukuthi kungenzeka zibe kuso. Ngokusobala sihlose ukuphatha wonke umuntu ngokulingana – okuwukwenyuka kwezinga ezigulini eziningi ezingamaZulu uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule kuwukwehla kwezinga kumaPANDA. Siyakuqonda ukuthi kungabadikibalisa lokhu futhi bangaphelelwa isineke ngesikhathi besendlini yokulindela. Ukuxhwala kuvamile kuleli qembu futhi kujwayelekile ukuthi sibone neziguli ezimhlophe esezihaqwe yisandulela ngculazi; kuyadabukisa ukubona indlela abazama ukuchaza ngayo ukuthi basithole kanjani kube kungephutha labo.

Okuba yinkinga yethu thina bezempilo yiziguli ezisuke zisezindaweni ezisemakhaya bese zifuna ukunikezwa izinto ezitholakala ezindaweni zabadla izambane likapondo. Ukuba mbalwa kwabasebenzi kuchaza ukuthi iziguli zilinda isikhathi imiphumela yokuhlolwa noma ukubonwa udokotela ikakhulu uma sebeshayisile odokotela. Labo abejwayele ukuya ezibhedlela ezizimele abagculiswa uma beqhathaniswa neningi esijwayele ukulibona. Kwesinye isikhathi baye benze nabahlengikazi babone ukuthi akumele kulindiswe abantu abamhlophe.

Kuba nezinto okubonakala sengathi azamukelekile, njengokuhlala komlungu endlini yokulindela egqoke kahle kanye nezingane ezingondlekile kahle kanye neziguli ezinesifo sofuba.

Inkinga yokuphatha bonke abantu ngokulinganayo ukuthi akubona bonke abantu abazibona belingana nabanye. Abanye bazibona bengcono kunabanye kanti abanye bazibona bebancane kunabanye benokuzenyeza.

Esingazikhethela khona ukuthi siphatha bonke abantu njengabantu abangelutho noma ukubaphatha ngokulinganayo ngomusa.

Isifunda uMgungundlovu okuhlolwa kuso ukusebenza kohleloIsifunda sesisonyakeni wesibili wempumelelo njengesifunda okuh-lolwa kuso ukusebenza Komshu-walense Kazwelonke Wezempilo (NHI) kanti sesihlinzeke ngezidingo zezempilo kubantu abangaphezu kwesigidi ezikhungweni zaso. Umx-humanisi wesiFunda uMsawen-kosi Mncwabe ubeke obala okunye okuyimpumelelo kusukela kuqalwa ukuhlola ukusebenza kohlelo:

OkwenzekayoKuningi osekuvele kuqalile ukwen-zeka okunjengokuthola odokotela, ukwethulwa kwamathimba ezem-pilo emindenini kanye namathimba ezempilo ezikoleni. Sekuthunyelwe osokhemisi abengeziwe ukuze bayo-kwelekelela ekukhishweni kwemithi

emitholampilo. Lokhu kwenza ukuba abahlengikazi bagxile ekunakekeleni iziguli okuyisu lokulungisa isimo. Umlando usitshela ukuthi ukuze sikwazi ukunqoba impi yokulwa nezifo kumele sigxile onakekelweni lwezempilo oluyisisekelo. Kunam-athimba asuka kwezempilo ku-zwelonke asethunyelwe esifundeni sethu ukuba azogxila ezintweni ezinjengamaZinga Asemqoka Ka-zwelonke kanye Nokuphucula Izik-hungo. Okuyilona lisu ukuhlola izik-hungo, ukuhlonza izikhala kanye nokusisiza ekwenzeni izinhlelo zokubhekana nalezo zikhala.

Okuyikona okungamazwibela okuzuziwe esifundeni sethu yim-iTholampilo yaseFaye nePha-theni ehlonzwe kuzwelonke njengemitholampilo emele uhlobo lomtholampilo waseNingizimu Af-rika ngesikhathi se-NHI.

amathimba Ezempilo EmindeniniSekuqaliswe amathimba ezempilo emindenini kuso isifunda ukuze kuqinisekiswe ukuthi izidingo zezempilo zisiwa emakhaya kuyo imiphakathi.

Ithimba lezempilo emndenini li-bandakanya uSista oyedwa kanye Namanesi amathathu abhalisiwe. Baphekezelwa uNompilo, leli thimba lihamba nezinto zokuh-lola izifo ezinjengesikashukela, umfutho wegazi, nokunye, libuye libheke nesimo senhlalo emn-denini kanye nesimo sezingane okubandakanya izidingo zesikole kanye nokwelekelela ngo-kutholakala kwemali yesibonelelo lowo mndeni ongakwazi ukusitho-la. Uma kudingekile kwenziwa ukwedluliselwa kweminye imin-yango noma izikhungo.

OKUqhUbEKaYO nGE-nhI

I-NHI IQHUBA NGENdLELA OKUYIYONA!

OKUqhUbEKaYO nGE-nhI Isuka eKhasini 6

“Sibonga uMnyango Wezempilo ngokusinakekela. Kwakungekho konke lokhu ngesikhathi ngisakhu-la. Kwakumele uhambe ama-banga amade ukuze uthole usizo lwezempilo” kusho umama om-dala waseFaye owayevakashelwe yithimba lezempilo emakhaya.

Okunye okuzuziwe ngowezi-2014/2015 kubandakanya:

IziBhedlela ezimbili esiFundeni zithole imishini yezempilo yasen-daweni okwemukelwa kuyo iziguli neminyango yezingane

Izifundo zabaphathi nezo-kuthuthuka

Ukutholakala kwempahla kanye nezokuphatha esiBhedlela iNorthdale

Ukuqaliswa kwemitholampilo emithathu emisha

Ukuqashwa kodokotela abayi-12 abazimele ngokohlelo lwe-NHI

Imitholampilo eyi-12 obekungekamasipala isithole impahla yokusebenza

Ithimba Lochwepheshe BesiFunda liqashwe Nom-hlengikazi Onguchwepheshe Kwezabantwana, uMhlengikazi Onguchwepheshe ku-PHC, uM-belethisi Osezingeni Eliphezulu, uDokotela onguChwepheshe kanye noDokotela Womndeni Onguchwepheshe.

Amathimba Ezempilo Esikoleni angama-23 ukuyokwelekelela izikole ezingu-Quintal 1 kanye no-Quintal 5.

Izimoto ezitholakele futhi ezise-benzayo zamaThimba Ezempilo Esikoleni ayi-14

Izimoto ezi-3 eziyisipesheli ze-NHI Njengengxenye ye-NHI amathimba empilo emindenini avakashela amakhaya. Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

ezisetshenziselwa ukunakekelwa kwamehlo kanye namazinyo.

Izikole eziyi-16 ezamukelwe njengezigqugquzela ezempilo ezikoleni

Izikole eziyisi-7 ezinezinhlelo zokudla kanye nezokuzivocavoca

Amathimba ayi-13 ezempilo emindenini kanye nezimoto ezikhishelwe ukuvakashela imindeni eyizi-25 000 ngekwata.

Okunye nje lokhu osekuphum-elelwe kukho

“Sibonga uMnyango Wezempilo ngokusinakekela. Kwakungekho

konke lokhu ngesikhathi ngisakhula.”

Page 5: UKUNIKA UMNYANGO NOKUVAKASHELA INQUBOMGOMO … · 2015-05-19 · Diploma e-UKZN – oluxhaswe ngezimali ngabe-MEPI, kanti abanye abangama-30 kulindeleke ukuthi baphothule ukufunda

8

Ngabe ungumhlinzeki wezidingo eMnyangweni WezeMpilo?

SISIZE SENZE UMEHLUKO

Faka isandla ekufundiseni ngezempilo ngokuxhasa lo mquluzindaba ukhombise ukunakekela kwakho.

Ukuthola olunye ulwazi, sishayele kule nombolo ethi 031 562 9803 noma i-imeyili ethi [email protected]

SIBONGA BONKE ABAHLENGIKAZIezeMpiLo e-kzN zifisa ukubonga bonke abahlengikazi abasebenze ngokuzikhandla nangokuzinikela ekuphiliseni nasekuvikeleni impilo yabanye. Ukuzibophezela kwenu esibophweni somsebenzi wenu kuyancomeka.

IsIbophezeLo sabahLengIkazI somsebenzI wabongiyazibophezela ekusizeni abantu futhi umsebenzi wami ngiyowenza nginonembeza kanye nesizotha.ngiyoqikelela ukugcina eqophelweni eliphezulu ukuhlonipheka nokubaluleka komsebenzi wami. ngiyohambisa phambili impilo yeziguli zami.ngiyogcina ubumfihlo bezinto enginolwazi ngazo kepha okungamele ngizidalule.ngeke ngivumele inkolo, ubuzwe, ubuhlanga noma ezenhlalo ukuba zigxambukele emsebenzini wami kanye nasesigulini sami.ngiyohlala njalo ngihlonipha impilo yomuntu.ngizenzela mina lezi zethembiso ngingaphoqiwe

Masiqhubeke nokugcina isi-

fungo somsebenzi

wethu kanye nesethembiso ezweni lethu nakubantu

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

IZINOMBOLO EZIBALULEKILE

EMRS 10177EZEMPILO E-KZN

INOMBOLO YAMAHHALA, AMAHORA ANGAMA-24

NGOSUKU 0800 00 51 33

AMAPHOYISA 10111

dISTRIcT HEALTH OFFIcERS

aMajUba ...............034 328 7000

ethekwiNi .............031 240 5300

iLeMbe ....................032 437 3500

SiSoNke..................039 834 8310

UgU .........................039 688 3000

UMgUNgUNdLovU ....033 897 1000

UMkhaNyakUde ...035 572 1327

UMziNyathi ............034 2999100

UthUkeLa ..............036 631 2202

UthUNgULU ............035 787 0631

zULULaNd ..............035 874 2302