10
ULWEZI • 2014 MAHHALA Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope

UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO

ulwezi • 2014

mahhala

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 2: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

Ungakuvumeli ukuhluku-nyezwa kwabesifazane nezingane nsukuzonke

INkosi Inibusise!

Udlame nezingozi kwengeza

emthwalweni wezifo esibhekana

nazo nsuku zonke. Ngaphandle nje

kwegciwane lengculazi nengculazi,

ukufa komama nezinsana kanye nezifo

ezingathathelwana, udlame nezingozi kuyinkinga

enkulu elimaza ikusasa laleli lizwe.

ngisandakuba yingxenye yethimba

likahulumeni ebelihambele umndeni weqhawe

lebhola uSenzo Meyiwa, ngaba nasemngcwabeni

wakhe. Ngabuzwa eduzane ubuhlungu

abazali bakhe kanye nabantu baseNingizimu

Afrika ababebuzwa. Yinto ebuhlungu kakhulu

le. Okubuhlungu nakakhulu ukuthi ukufa

kukaMeyiwa kwakungagwenywa. Sengathi

angalala ngokuthula.

ulwezi yinyanga Yokuqwashisa Ngesifo

Sikashukela. Ucwaningo luveza ukuthi izigidi

ezintathu nengxenye zabantu baseNingizimu

Afrika baphethwe yisifo sikashukela kanti iningi

alizazi nokuthi linaso yini ngoba alikahlolwa.

Iningi labantu baseNingizimu Afrika linohlobo

lwesi-2 lwesifo sikashukela futhi kwabaningi

siyotholakala sesidale izinkinga. Kuyesabisa

lokhu. Lokhu kungagwenya ngokuzejwayeza

ukuyohlolwa okungenani kanye ngonyaka.

Izimpawu zesifo sikashukela zibandakanya

ukukhathala, ukoma ngokweqile nokuchama

njalo, ukwephuza kokuphola kwesilonda

kanye nezinkinga zesikhumba, ukuba luvindi

emehlweni nokubuya njalo kwamaqhuqhuva.

ngeshwa, alikho ikhambi lokwelapha isifo

sikashukela kepha ngokuqaphela nokuzinakekela,

labo abanesifo sikashukela bangakugwema

ukudlondlobala kwaso bese bephila impilo

enhle nende. Kubalulekile ukulawula isisindo

sakho, amafutha egazini kanye nomfutho

wegazi, ukuzivocavoca nokugwema ukubhema.

Kumele singakukhuthazi ukudla ukudla okuningi

nalokho okugcwele amafutha amaningi,

ushukela nosawoti omningi. Kungadala inkinga

ukunyakazisa kancane umzimba ekhaya, esikoleni

noma emsebenzini.

ngifisa ukuthatha leli thuba ngibonge

abantu abanjengomama wezwe uMaNgema

Zuma owenze kwaba umsebenzi wakhe

ukuqwashisa ngobungozi besifo sikashukela

kanye nezinto okumele abantu bazenze ukuze

bahlale bephephile. Wenza umsebenzi omkhulu

ngeFawundeshini yakhe, sidinga abantu

abazimisele njengaye abazokwenza umehluko

emphakathini.

njengomnyango wezempilo

esiFundazweni saKwaZulu-Natali sizibophezele

ekuphuculeni impilo yabo bonke abantu

baseNingizimu Afrika. Yingakho sihambisa

izidingo zezempilo emarenki amatekisi.

Sibonile ukuthi abashayeli bamatekisi bavuka

ezintathakusa babuye ebusuku kakhulu, kepha

baba naso isikhathi emini erenki besalindile

sokuba bahlolelwe izifo. Lokhu kuwusizo ngoba

kuzokonga imali yabakhokhintela ngoba

kushibhile ukwelapha izifo kusenesikhathi

kunokulinda zize zibe mandla kakhulu.

Sesikwenzile eThekwini naseMgungundlovu,

sesizokusabalalisa.

UKUHLUKUN-YEZWA KWA-BESIFAZANEPHUMELA OBALA

Ngaphansi komthetho waseNingizimu Afrika wodlame lokhu okulandelayo kungubugebengu:

Ukushaya Ukuhlukumeza ngokocansi Ukuhlukumeza emoyeni nasengqondweni

Ukuhlukumeza ngokwemali (Isb. Ukungondli noma ukuphanga umholo womuntu wesifazane)

Ukubhozomela

qeda

Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN,

uDkt Sibongiseni Dhlomo

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 3: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

okuqukethweul

wez

i 201

4

uKwelASHelwA iSiFO SOFuBA Kwenzekani uma ungayiqedi imithi yakho?

iSiFO SiKASHuKelA Iphumela obala inkosikazi kamengameli

iziNDABA zezeMPilO e-KzN Okuqhubekayo kamuva kuvela emnyangweni wezempilo esifundazweni

uKuPHuMelA OBAlA Ukuphumela obala ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nsukuzonke

uMFANeKiSO Ukusukumela ukuhlukunyezwa kwabesifazane

uMAMA OMuSHA? Ubhekana kanjani nokunakekela usana lwakho ekhaya

uKuQwASHiSA NGezeMPilO Izinsuku zempilo ezibalulekile ngale nyanga

uMA uYA OlwANDle NGAle NYANGA? Izeluleko zokugwema ukuminza

izindaba zezempilo e-kzn

ukuphumela obala

Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.

umama omushaisifo

sikashukela

KWENZEKANI UMA UYEKA IMITHI YAKHO YESIFO SOFUBA KUNGAKABI YISIKHATHI?

THEMBEKA, QEDA YONKE IMITHI YAKHO KUNGAZE KONAKALE!

ISIQONDISO SOKWAZI UBUNGOZI...

Uma unesifo sofuba samaphaphu ungas-edlulisa kwabanye. Lokho kusho ukuthi ungalisabalalisa igciwane ngokukhwehlela nangokuthimula. Ngenhlanhla, emva kokudla imithi amavikana nje ambalwa abantu abaningi basuke bengeke besaled-lulisa futhi bazizwa bengcono. Basuke se-bengaqhubeka nempilo yabo eyejwayele-kile. Kepha lokho akusho ukuthi igciwane liphelile. Abantu bamelwe ukudla imithi yesifo sofuba izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuba igciwane liphele nya.

Kubaluleke ngani ukudla imithi yesifo sofuba isikhathi eside?isifo sofuba selapheka ngama-90% uma imithi ithathwa ngendlela futhi iqedwa. kulezo ziguli esezinesifo sofuba esisezingeni elithe thuthu, ukwelapheka kungama-50%.

Lifa kancane igciwane lesifo sofuba. Ng-isho iziguli sezizizwa zingcono kepha igci-wane lisuke lisekhona emzimbeni. Kumele

ziqhubeke nokudla imithi lize liphele nya igciwane, ngaphandle kwalokho zingagula zibuye zilidlulisele kwabanye.

Enye ingozi yokungaqedi imithi eyo-kuthi uzibeka ethubeni lokuba nesifo sofuba esisezingeni elithe thuthu. Lokho kobe sekwenza ukuba udinge imithi eyehlukile kunalena obukade uyithola. Le mithi yesibili yona ithathwa isikhathi eside okungaba yiminyaka emibili kanti miningi imiphumela yayo engemihle emzimbeni wakho.

Konke nge-DOTSOkuyiyona ndlela yokuba uphile eyokuba udle imithi yakho njengokuyalelwa um-sebenzi wezempilo. Uma wehluleka uku-khumbula ukuthatha imithi yakho yesifo sofuba, buza umsebenzi wezempilo ngoK-welashwa Kokuqashelwa Ngqo (DOTS), okwenzeka ngokuthi umsebenzi wezem-pilo akuhlelele umuntu ozobonana nawe nsuku zonke noma ngezikhathi ezithile ngesonto ukuqinisekisa ukuthi uyayidla imithi yakho. Kujwayelekile ukusebenzisa u-DOTS njengendlela ephuma phambili ekuqinisekiseni ukuthi uyayidla uze uy-iqede imithi yakho.

Uma unesifo sofuba umelwe ukudla izinhlobo ezahlukene zemithi. Lokhu kudalwa ukuthi maningi amagciwane okusuke kumele abulawe. Ukudla imithi eminingi kusiza ekugwemeni igciwane ukuba lingabe lisazwela nasemithini bese kuba nzima ukwelashwa. Uma isifo sakho sofuba singasazweli ekwelashweni siqhubekela phambili.

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUTHEMBA MNGOMEZULUsARA AULDDR GUGU MAZIBUKO

Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI

Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.

Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 4: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

IQINISO isifo sikashukela sibulala minyaka

yonke abantu abaningi kunengculazi kanye nomdlavuza webele

kuhlanganisiwe, kepha singavikeleka.

USUKU LOMHLABA LWESIFO SIKASHUKELA14

ulwezi

ezempilo kungani kumele sigxile esifweni sikashukela?NKK ZUMA Sesiyiyona nkinga enkulu ezweni lethu ngoba abantu abangaphezu kwesigidi esi-1.5 baseNingizimu Afrika banaso bese kuthi abayizigidi ezi-4 basengcupheni. Akwamukelekile lokhu ngoba siyagwemeka, kumele sigxile kakhulu kuso.

ezempilo ngabe siqwashisa ngokwanele ngalesi sifo?NKK ZUMA Cha, ziningi izinselelo esibhekene nazo, naso singenye yazo. Sidinga ukufundiswa kabanzi ngokuthi singagwenywa kanjani isifo sikashukela ngemingenelelo yabazali, othisha, amabandla kanye nezinhlangano zabantu abasha – kumele sonke sibambe iqhaza ukuze sinqande lolu bhubhane.

ezempilo Wayesilawula kanjani isifo sikashukela umama wakho?NKK ZUMA Wayephila impilo eyejwayelekile, kepha wayesikhulisa ngendlela yakudala yokudla ukudla okunempilo. Wayetshale isipinashi, iklabishi kanye nezaqathi emuva kwendlu, sasiyithanda imifino. Wayekuqaphela akudlayo, nathi wasikhulisa kanjalo. Ngenxa yalokho akuzange kudingeke ukuba aze asebenzise umjovo kepha wayephuza iphilisi.

ezempilo singenzani ukuze sigweme isifo sikashukela?NKK ZUMA Konke kusempilweni enhle nokudla okufanele. Angikhulumi ngokudla okubizayo. Imifino etshaliwe ingayiphephisa impilo yakho. Njengoba iningi labantu lisuka ezindaweni ezisemakhaya liya emadolobheni, liba nengcindezi ngoba lidla izibiliboco ezingenamsoco. Ezikoleni kumele kubuyiswe lezo zifundo ezikhuluma ngempilo – kudingeka imingenelelo.

ezempilo noma singakwenza kepha zithandwa kakhulu izibilibocoNKK ZUMA Ngicabanga ukuthi kumele uhulumeni alawule ukukhangiswa kwezibiliboco. Kuvaliwe ukukhangiswa kukagwayi, kwalawulwa nosawoti osemathinini, kepha sivumela izitolo ezidayisa izibiliboco ukuba zikhululeke nokukhuthaza ukudla okungenampilo izwe lethu libe lingelinye lalawo mazwe anabantu abakhuluphele ngokweqile. Lokhu kudinga ukulawulwa.

ezempilo Yikuphi ofisa ukukusho kubantu ngosuku lomhlaba lesifo sikashukela?NKK ZUMA Gwema usawoti, sebenzisa amafutha amancane, gijima noma uhambe imizuzu engama-30 kathathu ngesonto bese ubheka okudlayo. Akekho okumele abulawe yisifo sikashukela ngoba engaqwashiswanga – masiphumele obala!

Okuthile ngesifo sikashukela, kusho uBongi Ngema-Zuma

“Umama wami uphile nesifo

sikashukela iminyaka engaphezu

kwengama-20 ngaphambi kokuthi

ashone. Ngikwenze kwaba umsebenzi

wami ukusebenzisa ithuba enginalo

ukuphephisa abanye esifweni

sikashukela” – Bongi Ngema-Zuma

unkosikazi kamengameli Wezwe uzuma unothando lokuqwashisa ngesifo sikashukela ngenhlangano yakhe i-bongi ngema-zuma foundation. exoxa nabe-EZEMpILO wathi kumele kuvalwe izikhangiso zezibiliboco wabe esekhuluma ngokuthi singagwenywa kanjani isifo sikashukela.

akusona yini isikhathi sokuthi Wena uziphathele impilo yakho?

abantu aba-2 kwaba-3 abanesifo sikashukela babulawa yisifo senhliziyo noma isifo sohlangothi, ungavumeli ukuthi kube nguWe loWo!

KUNGANI abantu beqhubeka nokubulawa yisifo sikashukela minyaka yonke sibe singakwazi ukukuvikela lokhu?

KUNGANI abantu abahola kancane nabahola ngokusendimeni beqhubeka nokuba namazinga aphezulu esifo sikashukela?

SEKUYISIKHATHI SOKUTHI UME. UcABANGE. UZIpHATHELE IMpILO YAKHO.

Kungani kufanele ube nendaba?Isifo sikashukela singaphatha noma ngubani noma yinini. Kanti izingane eziningi ziba nesifo sikashukela zisencane ngenxa yempilo engenhle. Ukudla okuthengwa sekuphek-iwe, ukungavocavoci umzimba, impilo esheshayo konke kusho ukuthi sinebhomu lesifo si-kashukela elingaqhuma noma yinini emphakathini.

Isifo sikashukela sibangwa ukudla okungaphezu kwalokho okudingwa yimizimba yethu – ikakhulukazi uhlobo olukh-uphula amazinga kashukela emizimbeni yethu okuholela ekukhuluphaleni ngokweqile kanye nesifo sikashukela. Njen-

Amaqiniso asheshayo ngesifo sikashukela

Alikho ikhambi kodwa uma sesibonakele, ungakwazi ukusilawula futhi uvimbele izinkinga ezibangwa yiso uma uphila impilo enhle.

Abantu abanesifo sikashukela basengozini yokuphathwa yisifo senhliziyo, isifo sohlangothi kanye nezinkinga zamehlo, yingakho kubalulekile ukuthi uhlolwe njalo emtholampilo ushukela wakho kanye namanye amazinga empilo.

Uhlobo lwesifo sikashukela olungolwesi-2 yilona hlobo olujwayeleke kakhulu – phakathi kwamaphesenti angama-80 kuya kwangama-90 abo bonke abantu abanesifo sikashukela banohlobo olungolwesi-2. Lokhu kuchaza ukuthi banenkinga yokulawula amazinga kashukela emizimbeni yabo. Iningi labantu abanohlobo lwesi-2 bangaphezu kweminyaka angama-40, kujwayelekile ukuthi bakhuluphale futhi abazivocavoci.

Sivikelwa Kanjani Isifo Sikashukela?Kalula. Yidla ukudla okun-empilo, ulawule isisin- do sakho, uvocavoce umzim- ba, wehlise ukhwantala- la nokuthi ungabhemi, yizona zindlela ezibalulekile on-gavimbela ngazo ukungen- wa yilesi sifo. Qala khona namh-lanje. Uzobukeka futhi uziz- we ungcono

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

goba iningi lethu lisuka ezindaweni zasemakhaya lizohlala emadolobheni kanye nokuphila impilo enokhwanta-lala sisebenza usuku lonke, ukudla okuthengwa seku-phekiwe kanye nokudla oku-thengwa sekulungisiwe seku-phenduke indlela yokuphila. Lena yimbangela enkulu yesifo sikashukela.

Izimpawu Zesifo Si-kashukela

Ukoma ngokweqile Ukuya njalo endllini yangas-

ese uyochama Ukwehla emzimbeni okun-

gajwayelekile Ukukhathala ngokwedlulele

noma ukuphelelwa nga-mandla

Ukubona luvindi Ukuntsontsotha kanye

nokungabi namizwa ezan-dleni noma ezinyaweni.

Ukungenwa yizifo njalo noma kuphindelela

Ukusikeka kanye nemihu-zuko ethatha isikhathi uku-phola, amathumba kanye nesikhumba esilumayo

Abantu abaningi abanohlobo lwesifo sikashukela esing-esesi-2 kungenzeka bangak-hombisi zimpawu!

ASISAKWAZI UKUKUZIBA LOKHU. ISIFO SIKASHUKELA SIKHONA. SISEMPILWENI YETHU FUTHI NGEKE SIYE NDAWO NGAPHANDLE UMA SONKE KUKHONA ESIKWENZAYO NGASO.

Page 5: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

ukuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo sekwethuse isifundazwe sonke kwaze kwenza uNgqongqoshe Wezem-pilo uDhlomo kanye neNhloko yoMnyango uDkt Zungu ukuba banxuse umphakathi ukuba uvikele abezimo eziphuthumayo okumsebenzi wabo ukuphe-phisa impilo.

Isigameko sakamuva senzeke ekuqaleni kwale nyanga lapho umsebenzi wezezimo eziphuthu-mayo oneminyaka engama-35, uVincent Buthelezi adutshulwa wabulawa abantu abangaziwa eShowe. UButhelezi uqale ukuse-benza ngonyaka wezi-2007 kanti wayengekho emsebenzini ngen-kathi ehlaselwa.

NgoMfumfu kwaphucwa abasebenzi ababili i-ambulensi ngesikhathi behambisa iziguli esibhedlela zisuka eMtholampilo waKwaMakhutha.

Endleleni kwaqhamuka abe-silisa ababili abazenza sengathi badinga usizo ngoba omunye wabo egula. Umshayeli we-am-bulensi wama, waphuma ethi uy-osiza wabe esekhonjwa ngesib-hamu kwathiwa abaphume bay-ongena ngemuva. Kuleso sidididi omunye wabezimo eziphuthu-mayo wabaleka wayocasha endaweni ethile isikhashana. Izigebengu zahamba nge-ambu-

lensi zabheka ngaKwaMakhutha ngaphambi kokuthi ziyishiye kanjalo zibaleke.

Ngenhlanhla akukho muntu owalimala kuleso sigameko. Owalimala kancane yilo owa-baleka. UNgqongqoshe uDhlo-mo uyazigxeka lezi zenzo, aze abalule nokuthi kwenza umse-benzi wabo njengoMnyango

uphazamiseke bangakwazi ukwenza abagunyazwe khona kokuphephisa impilo. Ucela ukuba umphakathi ubavikele abezimo eziphuthumayo wenze baphephe ukuze basebenze ngokukhululeka.

“Isikhathi samaholidi sing-esinzima kakhulu kubasebenzi bezimo eziphuthumayo. Njen-

gamanje siphothula izinhlelo zethu ze-Alpha Operation ezi-bandakanya ukubeka abezimo eziphuthumayo ezindaweni ezi-vame ukuba nezingozi kakhulu. Ukwenyuka kwezinga lokuhlasel-wa kwabezimo eziphuthumayo kuzokhinyabeza imizamo yethu yokuhlinzeka ngosizo ngokushe-sha,” kusho uDhlomo.

kuhanjiswa imitholampilo eminingi engomahambanendl-wana emarenki amatekisi kuso sonke isifundazwe, kusho uN-gqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo.

Ekhuluma kuvulwa ngokusemthethweni umtholampilo ong-umahambanendlwana eFreedom Square, eMgungundlovu, uN-gqongqoshe uDhlomo uthe le mitholampilo izohlinzeka ngon-akekelo lwezempilo oluyisisekelo kanye nokuhlolelwa ukusokwa.

“Iningi labantu abasembonini yamatekisi abasitholi isikhathi sokuya emitholampilo ngoba bahlala besemigwaqeni, kuthi uma beshayisa kutholakale ukuthi imitholampilo isivaliwe. Ngokubale-

thela imitholampilo emarenki, abashayeli ngeke babe nebhaxa lokungahlolwa nokwelashwa ngesikhathi. Kuyohlolwa khona ema-renki okuyokonga imali yabakhokhintela ngoba ukugula kuyo-tholakala kusenesikhathi bese kwelashwa,” kuchaza uDhlomo.

Abaninimatekisi, abashayeli kanye nabagibeli bayanxuswa ukuba basebenzise le mitholampilo engomahambanendlwana uma ben-gakwazi ukuya emitholampilo ngesikhathi isavuliwe.

“Iphupho lethu elokuthi akumele kufe muntu embonini yamateki-so ngoba sehluleke ukusiza njengoMnyango Wezempilo” kwengeza uDhlomo.

KUHANJISWA EZEMPILO EMARENKI AMATEKISI

Vikela abezimo eziphuthumayo

ungqongqoshe elendelela

inkohlakalosekubuyiswe imali en-gaphezu kwezigidi ezimbili ithathwa kubasebenzi bezem-pilo kuhulumeni abaqashwe ngokuphelele, abatholakale besebenza nasemkhakheni ozimele.

Lesi simemezelo senziwa uNgqongqoshe uDhlomo eKo-midini lePhothifoliyo Yezem-pilo eSishayamthetho sase-KZN ngasekuqaleni kwale nyanga, kulandela ukucubungula kom-nyango wezempilo ngonyaka

odlule. “Uphenyo lwethu lu-veze ukuthi abasebenzi bethu abayi-157 bahlomule eminyan-gweni kahulumeni kusukela ngowezi-2012 kuze kube yiman-je. Isiyonke imali abahlomule ngayo iyizigidi ezingama-R82.1. Imali umnyango olahlekelwe yiyo ngenxa yezenzo zalaba ingaphansana kwezigidi ezi-3 okuyimali esiyifuna kubo laba basebenzi iningi labo elingodo-kotela. UMnyango usuwenza iz-inhlelo zokukhokhwa kwale mali kulabo abatholwa benecala, okubandakanya nalabo abavele basula emsebenzini emva kokubanjwa,” kuchaza uDhlomo.

Udaba lokusebenza ngas-ese kodokotela lunemiphu-mela engemihle ekwelashweni kweziguli okwenza kugcine kuno-budedengu. “Ngesikhathi senza uphenyo sithole ukuthi labo dokotela ababuye basebenze ngasese bashiya iziguli ngaphansi kwesandla sodokotela abasen-gamathwasa abasadinga nabo ukubhekwa, okwenza kwenyuke izibalo zabantu abafuna imali kuhulumeni ngenxa yobudeden-gu. Sitshele labo dokotela ukuba bakhokhe ama-30% engenisoma-li abayizuze ngenkathi besebenza ngasese ezibhedlela nasemithol-ampilo,” kusho uDhlomo.

Page 6: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

UKUTHOLA OLUNYE USIZO SHAYELA INOMBOLO KAZWELONKE YAMAHHALA YOKUQEDA UKUHLUKUNYEZWA

KWABESIFAZANE ETHI: 0800 150 150

QEDA UKUHLUKUNYEZWA, PHUMELA OBALA!

USUKU LOMHLABA LOKUQEDA UKUHLU-KUNYEZWA KWABE-SIFAZANE

25ulwezi

Nsuku zonke abesifazane bashaywa ngem-pama, bakhahlelwe, bashaywe, basatshiswe, badlwengulwe futhi baze babulawe ngaba-lingani babo. Kepha akuvamile ukuthi sizwe ngalokhu kuze kube ngemuva kwendaba. Lokhu kwenzeka ngoba abesifazane abahl-ukunyezwayo bavamise ukuthi bazizwe benamahloni, bephoxekile, kungathi babod-wa kulokhu futhi besabe ukukhuluma ngak-ho. Ngale kokunqoba kwethu sithola umbuso wentando yeningi futhi siba ngelinye lalawo mazwe anabesifazane abaningi kuhulumeni, baningi kakhulu abesifazane abaqhubeka nokuhlukunyezwa ngamadoda abawathem-bayo – njengo Pumi. Le yindaba yakhe…

“Ekuqaleni wayeyindoda ekahle kimi. Wayenza konke

ukuze ngithokoze. Wayengikhonzile, engikhipha,

engithengela izipho ezinhle, ehlonipha ngisho nomndeni

wami nabangani bami. Kepha izinto zashintsha ngemuva

kokuthi eye kubazali bami eyolobola. Waqala waphuza

futhi wangishayela umthetho, engitshela ukuthi yini

engingayenza nengingeke ngiyenze. Sahlala ngokuxabana

sibanga imali. Waqala ukungishaya ngempama uma

edakiwe. Ngathuka kepha ngamxolela ngoba wathi

ngeke kuphinde kwenzeke. Kodwa kwaphinda

kwenzeka. Waqala ukungishaya ebusweni ngezibhakela.

Ngamtshela ukuthi lokhu akwenzayo akulungile, kodwa

akangangilalela. Waya kubazali bami wafuna babuyise

ilobolo lakhe. Izinto zaba zimbi kangangoba ngaze ngaya

endaweni ephephile lapho abangisiza khona ngathola

incwadi yokungivikela ukuze angakwazi ukusondela

kimi. Inkantolo yanquma ukuthi ngeke alithole ilobolo

lakhe ngoba wangihlukumeza. Kwangithatha isikhathi

eside ukuthi ngibuye ngibe nokuzethemba, kepha

ngangizimisele ukuthi ngakhe ikusasa lami. Ngifuna

ukuthi kwabanye besifazane, phuma ebudlelwaneni

obunokuhlukumezeka ngaphambi kokuthi kuze konakale.

UPumi ungomunye owaba nenhlanhla – uyaphila ukuthi axoxe indaba yakhe. Abanye ababanga nayo inhlanhla enje. Izigidi zabesifazane baseNingizimu Afrika baphila ngokuhlukumezeka okuthile nsuku zonke, okuhlanganisa:

Emzimbeni – ukushaywa okubandakanya ukushaywa ngempama, ukukhahlelwa, njalo njalo

Emoyeni/ngomlomo- ukwenza owesifazane azizwe engelutho futhi uqede ukuzethemba kwakhe

Ngokocansi – ukudlwengula, ukwenziswa izinto ezehlisa isithunzi

Ngokomnotho – ukugodla imali edingekayo ukuze kondliwe umndeni

Ukulinyazwa kwempahla lapho indoda ilimaza impahla yowesifazane, nakho kuyindlela yokuhlukumeza.

Kungani abesifazane behlala nabalingani ababahlukumezayoUma sizwa ngowesifazane ohlukunyezwayo lo ngumbuzo wokuqala esiwubuzayo – uhlaleleni? Ziningi izizathu, ezihlanganisa nalokhu:

UvALO KANYE NOKUSATSHISwA: Umhlu-kumezi uvamise ukumsabisa ngokumbulala yena, umama wakhe noma izingane uma engahamba. Lo wesifazane uye abone ukuthi uvikela bonke laba uma ehlala.UKUNGABI NEMALI, UKUNGABI NENDA-wO: Lesi yisizathu esikhulu ikakhulukazi uma indoda kuyiyo kuphela esebenzayo. Owesifazane angazibona sengathi akanayo indlela yokuzodla yena nezingane zakhe uma ehamba.AMAHLONI KANYE NEZINKOLELO ZA-MASIKO: Abesifazane abaningi abahlukunyez-wayo babona (okuyiphutha nokho) ukuthi lolu dlame, ngandlela thize, lungenxa yephutha lakhe, nokuthi kungumsebenzi wakhe ukuhlala nomy-eni noma kunjani.

ukuthola isibindi sokushiya umlingani ohlukumezayoAkukufanele ukuthi udlwengulwe noma ushay-we. . Ukwesa-ba okukanoma ngubani, futhi iningi labesifazane elihlukumezekile liba nokwesaba futhi liphelelwe ukuzethemba. Yimpilo yakho, kanti futhi usizo lukhona la ngaphandle. Qala ngokuthi uyeke uku-thula – xoxela umngani, isihlobo noma umeluleki wasesontweni, noma ngubani omethembayo. Kukhona abantu abaqeqeshiwe abangakusiza – bavumele.

uhlelo lwezoKuphephaUkushiya umlingani ohlukumezayo kudinga ukuhlelelwa ngoba kufanele ube namandla okubheka ikusasa elingenaye. lokhu okulandelayo kuzokusiza kukukhombise odinga ukwenze:

THINTA ISITESHI SAMApHOYISA ESISEDUZANE NOMA UMTHOLAMpILO

Bazokwedlulisela kusonhlalakahle, inhlangano noma umuzi ophephile oseduze nawe osiza abesifazane abahlukunyeziwe. Bazokusiza futhi ukuthi uthole incwadi yenkantolo yokukuvikela.

Lokhu kusho incwadi yenkantolo evimbela umhlukumezi ukuthi angenzi isenzo sodlame lwasekhaya kuwe noma ukuthi angangeni ekhaya lakho noma lapho usebenza khona. Uma engakuthobeli lokhu, uzoboshwa.

Le ncwadi yokukuvikela iphinde inike amaphoyisa imvume yokutha-tha izibhamu zomhlukumezi noma yiziphi ezinye izikhali eziyingozi.

HLALA UZILUNGISELELE Gcina enye imali kanye nezingubo

endaweni efihlekile engaziwa ngumlingani wakho.

Cabangisisa kahle Zama ukugwema ukukhulelwa

uma uhlukunyezwa ngoba lokhu kungenza kube nzima ukushiya

AKUBE KHONA OKWENZAYO Thola umsebenzi noma uthole

buthule ikhono elizokusiza ukwazi ukuzondla uma usushiya.

Gcina amakhophi emibiko yempilo yakho kanye neyezingane, omazisi kanye nawo wonke amaphepha ongawadinga.

ilungelo laKho lasemthethweniUdlame lwasemakhaya lungena ngaphansi koMthetho Wodlame lwaseMakhaya we-1998 kanti futhi ungafaka isicelo sencwadi yokukuvikela eNkantolo kaMantshi noma eNkantolo Ephakeme eseduze kwalapho wena noma umhlukumezi ehlala noma esebenza khona.

Inkantolo izokuchazela ngamalungelo akho futhi bakusize ukugcwalisa ifomu. Isicelo sakho sisiwa kuMantshi, ozokhipha isexwayiso asise kumhlukumezi, simazisa ngencwadi yokukuvikela futhi simlayela ukuthi avele enkantolo ngosuku olubekiwe.

Incwadi yokukuvikela ima njalo aze lowo ohlukunyezwayo ayishintshe noma ayisule, noma ize isulwe yiNkantolo Yokudlulisa Amacala.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 7: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

YENZA USHINTSHO.UNGAvUMELI UKUHLUKUNYEZwA

KwABESIfAZANE NEZINGANE.

ASIpHUMELE OBALA NGOKUHI. UKUNYEZWA.kusezendleni zethu!

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 8: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

EMVA KOKUBA INGANE ISIFIKE EKHAYA…..Asikho isikole somama. Ufunda ukwethemba kanye nokulalela lokho okuzwa ngaphakathi. Kubalulekile ukugcina ukukhula kwengane yakho ukuze wazi uma sekukhona okungasahambi kahle. Gcina lezi ziqondiso ezilandelayo uze ube umama ongenaluvalo osemusha.

1 isimo esejwayelekile Qaphela isimo esijwayelekile sengane: umbala noma isikhumba sengane/izinzipho. Ngabe ingane ifudumele? Jwayela ukubona ukunyakaza komzimba namalunga – ukuzwa ukunyakaza kwemisipha

Umumo ngesikhathi iphumule noma ilele

Isimo esijwayelekile sesikhumba Ukunyakaza kwesifuba ngesikhathi

ingane ilele – umsindo kanye noku-phefumula ngamandla

Lalela ukukhala kwengane – uyo-sheshe uzwe izinhlobo ezahlukene – uma ikhaliswa yinabukeni, ilambile, izwa ubuhlungu noma ifuna ukugonwa.

Qaphela ukudla kwayo.

4 ukugcina ingane ifudumele

Akubalulekile kangako ukugeza ingane uma iqeda kubelethwa nga-phandle uma ikakile. Kubalulekile ukugcina ingane ifudumele. Uma ungeke ukwazi ukufudumeza indlu, sondeza ingane kuwe ukuze ithole imfudumalo yomzimba wakho. Lokhu kuzokwenyusa ukufudumala enganeni kukwenze ukwazi ukuy-inakekela. Kwenyusa nezinga loku-sondelana kwakho nengane kanye nelokuyincelisa.

5 ukunakekela inongwanaNgesikhathi ingane izalwa in-ongwana iboshwa ngephekisi lenongwana bese isikwa. Inong-wana nephekisi lakhona kubekwa ngaphandle kwenabukeni bese kuhlanzwa kabili ngosuku kuset-shenziswa uvolo kanye nesibu-lalimagciwane. Sula uhlangothi olulodwa bese uwulahla lowo volo. Olunye uhlangothi uyolusula ngo-munye uvolo. Lokho kuyokwenza inongwana yome kahle futhi inga-vundi.

3 ukuya emtholampilo emva kokubelethaKubalulekile ukuya emtholampilo ezinsukwini ezi-3-6 emva kokudedelwa.

Kunganikwa ukwelulekwa ngokuncelisa ibele kanti nabahlengikazi bangakweluleka ngokuncelisa nokunakekela ingane.

Ungafisa nokuqedela ukwelashwa okuthile okungaba okwezifo zocansi.

Kungaqashelwa nemishanguzo enikwa ingane yegciwane lengculazi.

Kungaxoxwa nangokuhlela umndeni njengoba usuke usubuyela empilweni yakho yezocansi ungafisi ukuthola enye ingane ngokushesha.

2 ukupha ingane ukudla

Ubisi lwebele luhamba phambili ekupheni usana.

Usana lulala isikhathi eside, kepha uma seluvuka ludinga ukuncela, okungaba kasi-8 ngosuku.

Zama ukuhlala kahle uma uncelisa ukuze ingane yakho izoncela kahle, ngaphandle kwalokho ingane iyoncisheka ubisi.

Ncelisa ingane ize izinqabele yona. Kuzoqala ngokuba buhlungu kepha

ngokuqhubeka kwengane incela ubuhlungu buyokwehla bese wejwayela ukuncelisa.

6 ukuhlanza izandla nokuhlanzeka kwakho:

Kubalulekile ukuhlanza izandla ikakhulu uma ubuya endlini yangasese, ushintsha inabukeni nangaphambi kokulungisa ukudla.

Izandla kumele zihlanzwe emanzini ahambayo.

Zigcine kanye nengane yakho nihlanzekile ukuze nivikeleke ezifweni.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 9: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

ulwezi

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

inyanga yeribhini elibomvu

Umkhankaso weRibhini Elibomvu owokuhlanganisa ndawonye

abantu ekulweni nezidakamizwa futhi usetshenziselwa ukubuyisa

ithemba nokukhuthaza ikakhulu intsha. Leli yithuba lethu ngabanye

nanjengemiphakathi ukuba sikhumbuze abantu abasha ukuthi

bangaphila ngaphandle kwezidakamizwa futhi bangaluthwa

nangabangani. Kuhle ukungazidli izidakamizwa futhi kuyinto okumele

uyenzele ikusasa LAKHO.

usuku lukazwelonke lwezingane

Usuku Lwezingane lugujwa minyaka yonke

emhlabeni jikelele ukukhumbula ukuthi

izingane ziyalingana futhi zinamalungelo.

Nakuba kunjalo kepha izingane zisaqhubeka

nokuhlukunyezwa ngokushaywa

nangokocansi ngabantu ezibathembayo.

Kumele sigqugquzele izingane ukuba

ziphumele obala ngokuhlukunyezwa

kwazo. Njengomphakathi simelwe

ukuzivikela, sizihloniphe bese sizinika

imfundo nothando ukuze zibe nesiqalo

esihle sempilo.

usuku lwe-SADC lukamalaleveva

Ngokwenhlangano Yomhlaba Yezempilo, abantu abathi ababe ngamaphesenti an-

gama-63 e-Afrika eseNingizimu bahlala ezindaweni ezinobungcuphe bukamalaleveva

okuhaqa kakhulu abesifazane abakhulelwe kanye nezingane ezineminyaka engaphansi

kwemihlanu. Umalaleveva ubulala kakhulu esifundeni – nakuba eNingizimu Afrika

usucishe waqedwa nya. Leli sonto ligxile emizamweni yokwehlisa amazinga okubulawa

ngumalaleveva ezinganeni ngokuthathu kokune kuze kube ngowezi-2015.

usuku lomhlaba lisifo sikashukelaKulindeleke ukuba isibalo sabantu abanesifo sikashukela

siphindeke kathathu eminyakeni eyi-15 ezayo –

sesihlasela kakhulu izingane ngenxa yempilo ephilwa namuhla.

Bangaphezu kwezigidi ezine abantu baseNingizimu Afrika

abanesifo sikashukela, okwenziwa yindlela yokudla neyempilo.

Yisikhathi sokuqeda isifo sikashukela. Zifundise ngalesi sifo esilawulekayo. Ukudla ngendlela

nokuzivocavoca yiwona khiye – usengaqala manje

Silwe kanzima njengezwe ukuze sizuze intando yeningi,

kepha abesifazane nezingane basaqhubeka nokuhluku-

nyezwa ngabantu ababathembile. Njengoba sikhuluma

ngokuhlukunyezwa masingakuvumeli ukuhlukunyezwa

kwabesifazane unyaka wonke. Masisize sibuye sigqugqu-

zele abasifazane nezingane ukuba baphumele obala

ngokuhlukunyezwa – yiyona ndlela esingakuqeda ngayo.

Bika emaphoyiseni ukuhlukunyezwa bese izingane zibika

kubaphathi ezikoleni ukuhlukunyezwa ngontanga. Ama-

doda kanye nabafana bayagqugquzelwa ukuba bakhulume

ngokuhlukumeza bese bekugxeka.

Shayela inombolo yosizo lwamahhala

Lokuqeda Ukuhlukunyezwa Ngokobulili

ethi: 0800 150 150 uma udinga usizo

ngokuhlukunyezwa.

usuku lomhlaba lokuqeda ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuze kube

3ulwezi

5-9ulwezi

14ulwezi

25ulwezi

ziYi-10 KuziBANDlelA

iziNSuKu eziYi-16

UKUTHULA EKHAYA

NOKUTHULA EMHLABENI

inyanga yekhwalithi

Ngale nyanga kugxilwe onakekelweni

oluyikhwalithi, uNgqongqoshe Wezempilo

e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo uhlala njalo

efuna ukuba zonke izikhungo zezempilo zibe

nonakekelo nenhlanzeko okuseqophelweni

eliphezulu kanti uyazivakashela izibhedlela

nemitholampilo esifundazweni ukuze abone

ukuthi baluthuthukisa kanjani unakekelo

njengengxenye yomkhankaso wakhe othi

‘ngenze ngibukeke njengesibhedlela’. Sekuqaliswe

iHhovisi Lamazinga Nokakekelo ukuqinisekisa

ukuthi zonke izikhungo zethu zezempilo

ziphokophelela enhlanzekweni, ukuphepha kanye

nokuhlinzekwa kwezidingo okulindelekile.

IMA

GE

Meu

nier

d/S

hutte

rsto

ck

Page 10: UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO - Department of Health · UKWENZA EZEMPILO EZINAKEKELAYO ulwezi • 2014 mahhala Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba. nkuuei ukuuku-ne kbesine

Sesiseduze isikhathi samaholide...uya olwandle?PHePHA eMANziNiIningi lethu liya olwandle ngamaholidi kaZibandlela. Kulula ukukhohlwa ukuphepha uma sekujatshulwe ngokweqile. Uma uzoya olwandle ngala maholidi xoxisanani emndenini ngokuphepha emanzini. Funda lesi siqondiso esingezansi:

iseXWaYiso!ukuminza kuhamba phambili ezingozini ezibulala izingane eningizimu afrika

Ngingakugwema kanjani ukuminza? Funda ukubhukuda – Usengafunda namanje!

Wonke umuntu uyakudinga ukwazi ukubhukuda. Thola emkhandlwini wangakini izifundo zamahhala zokubhukuda.

Bhukuda nomngani – Bhukuda nomuntu okwaziyo ukubhukuda.

Ungabhukudi ekujuleni ngaphandle uma ukwazi ukubhukuda.

Bhukuda lapho kunabaphephisimpilo basemanzini uma kwenzeka okuthile.

Bhukuda kuphela uma uphilile, ungalokothi uma wozela noma usebenzise imithi noma utshwala.

Zazi izindawo obhukuda kuzo – Bhukuda ezindaweni ozijwayele. Isibonelo nje, kunemifula, amadamu, nokunye okuke kube namandla kwenze amanzi ajule.

Ungatshuzeli emanzini ongawazi noma amafushane – Ungalimala ekhanda nasemgogodleni.

Ungahuhwa abanye – Kwesinye isikhathi abangani bangakwenzisa into oyazi kahle ukuthi iyingozi. Ungenzi lutho emanzini olukwenza ungakhululeki. Khumbula ukuthi ukuphepha kwakho kubalulekile.

Ubabheke abangani bakho – Uma ukwazi ukubhukuda kepha bona bengakwazi qinisekisa ukuthi bayazi ukuthi babhukuda bagcinephi, bese ubabheka.

Ungaphuzi bese ubhukuda – Ukuphuza utshwala (noma izidakamizwa) kwenyusa amathuba obungozi – ikakhulu uma utshuza.

Ukubhukuda ngokuphepha olwandle Bhukuda ezindaweni ezifanele eziqashwe

ngabaphephisimpilo basemanzini. Uma abaphephisimpilo basemanzini bekunika imiyalelo

ethile, yithobele. Bheka izexwayiso kanye namafulegi:– Ifulegi elibomvu lisho ukuthi kuyingozi ukubhukuda.– Ifulegi elibomvu neliphuzi lisho ukuthi

kunabaphephisimpilo basemanzini ngakho kumele ubhukude phakathi namafulegi.

Gwema ukubhukuda kade udla kakhulu ngoba ungahle ube namajaqamba.

Ungatshuzi emanzini anephansi eliseduzane, baningi abakhubazwa yilokho.

Ungabhukudi emingenelweni yomfula, emanzini angcolile noma lapho kunamabhodlela aluhlaza.

Uma kuza igagasi elikhulu ungasenaso isikhathi sokulibalekela, zama ukubhukuda ngaphansi kwalo. shona phansi lize ledlule lelo gagasi.

Ungayishiyi ingane encane eduze kwamanzi futhi ungayishiyi nenye ingane; fundisa izingane ukuba zicele uma ziya emanzini.

Uma ingane ingasabonakali, qala ngokuyibheka emanzini. Umzuzu usho okuthile ekugwemeni ukufa noma ukukhubazeka.

Qaphela izilwanyana nezimila zasolwandle.

PHEPHA. JABULA. THOLA ULWAZI!

Khumbula! aman i angaba yingozi ngish

o ukwejwayele ukubhukuda.