6
Inhlangano Yabahumushi YaseNingizimu Afrika IBHULETHINI XVIII / IX (2018) Inkomfa i-Triennial ye-SATI– Sibheke Ikusasa – Bekungeve Kukuhle! Uhlelo belugcwele luchichima izethulo ezisezingeni eliphezulu kakhulu, okuboniswayo, ukuhlangana ngokunethiwekha okusheshayo, ukuhlolwa kwezindlela zokusebenzisa imishini emisha yobuchwepheshe nemibono emisha. Usuku Lokuhumusha Lomhlaba Wonke lwagujwa ngokufundela abezindaba isitatimende ngu-Kevin Quirk, ongumengameli wamanje we-FIT. Lokhu, kanye novuthondaba, Okungumcimbi Wezindondo we-SATI lapho kuklonyeliswa mayelana Nesihumushi Esivelele kanye Nesichazamazwi Esivelele, ungomunye ogqamile obusematheni ezithunywa ebezicobelelana ngawo ngesikhathi senkomfa. Isithunywa ngasinye besinikwa isikhwama sezipho uma sifika esinefolda equkethe okokumaketha i-SATI, uhlelo olulaminethiwe, ibhukwana lamanothi, kanye nencwajana yebhayografi nesithombe sesikhulumi ngasinye kanye nokwethulwa kwemibono yabo. Kwaba khona nesikhathi sokuhlangana kwabangani abadala baphunge ikhofi kanye nokudliwayo okulula ngaphambi kokuqalwa kohlelo losuku lokuqala. U-Eleanor Cornelius evula inkomfa Emuva kuka-Eleanor Cornelius, uSihlalo wethu wemukele izithunywa nabavakashi abakhethekile, u-Henry Liu isikhulumi esiqavile nowayengumengameli wokugcina ukuphuma we-FIT wethulela izihambeli ngesihloko sakhe esithi: AI will level the playing field for Africa - exploring the implications of AI and technology on translation, interpreting and language services in Africa. (i-Al izokwenza kube namahuba alinganayo e-Afrika ukubheka kabanzi imithelela ye-Al nobuchwepheshe ekuhumusheni, ekutolikeni nakumasevisi olimi e-Afrika). Loku bekuwushukumisa umqondo futhi kube negalelo ekuqondeni kangcono! UHenry Liu

Inhlangano Yabahumushi YaseNingizimu Afrika IBHULETHINI fileMaphakathi nohleko nokuphithizela okuhlelekile, abantu bashintshana ngamatafula bazazisa kwabanye, bagcina behambe bexhumene

  • Upload
    others

  • View
    7

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Inhlangano Yabahumushi YaseNingizimu Afrika

IBHULETHINI XVIII / IX (2018)

Inkomfa i-Triennial ye-SATI– Sibheke Ikusasa – Bekungeve Kukuhle! Uhlelo belugcwele luchichima izethulo ezisezingeni eliphezulu kakhulu, okuboniswayo, ukuhlangana ngokunethiwekha okusheshayo, ukuhlolwa kwezindlela zokusebenzisa imishini emisha yobuchwepheshe nemibono emisha. Usuku Lokuhumusha Lomhlaba Wonke lwagujwa ngokufundela abezindaba isitatimende ngu-Kevin Quirk, ongumengameli wamanje we-FIT. Lokhu, kanye novuthondaba, Okungumcimbi Wezindondo we-SATI lapho kuklonyeliswa mayelana Nesihumushi Esivelele kanye Nesichazamazwi Esivelele, ungomunye ogqamile obusematheni ezithunywa ebezicobelelana ngawo ngesikhathi senkomfa. Isithunywa ngasinye besinikwa isikhwama sezipho uma sifika esinefolda equkethe okokumaketha i-SATI, uhlelo olulaminethiwe, ibhukwana lamanothi, kanye nencwajana yebhayografi nesithombe sesikhulumi ngasinye kanye nokwethulwa kwemibono yabo. Kwaba khona nesikhathi sokuhlangana kwabangani abadala baphunge ikhofi kanye nokudliwayo okulula ngaphambi kokuqalwa kohlelo losuku lokuqala.

U-Eleanor Cornelius evula inkomfa Emuva kuka-Eleanor Cornelius, uSihlalo wethu wemukele izithunywa nabavakashi abakhethekile, u-Henry Liu isikhulumi esiqavile nowayengumengameli wokugcina ukuphuma we-FIT wethulela izihambeli ngesihloko sakhe esithi: AI will level the playing field for Africa - exploring the implications of AI and technology on translation, interpreting and language services in Africa. (i-Al izokwenza kube namahuba alinganayo e-Afrika – ukubheka kabanzi imithelela ye-Al nobuchwepheshe ekuhumusheni, ekutolikeni nakumasevisi olimi e-Afrika). Loku bekuwushukumisa umqondo futhi kube negalelo ekuqondeni kangcono!

UHenry Liu

2

Emuva kwekhofi, uhlelo lunikezele ngezindlela ezintathu lapho abethuli benze izethulo ezisezingeni eliphezulu impela. Kwakukhona nethuba lokubukisa ngolwazi lwethu njengoba u-Eileen Pooe enza isethulo ngesiTswana u-Peter Makgwe owuSekela Sihlalo watolika. Sabonisa ukuthi siyakwenza ukutolika ngolimi lwezandla ngesikhathi senkomfa. Izithunywa zafunda kabanzi ngamathuluzi okuhumusha nezinzuzo zawo njengoba womabili lawa mathuluzi okuyi-Wordfast Pro ne-Autshumato kwaboniswa ukusebenza kwawo. U-Kevin Quirk wabuye wethula iphepha lakhe locwaningo: Vikela amalungelo akho kwezokuhumusha! (Stand up for your rights in translation!) Yize noma kuyisihloko esijulile, wakwazi ukuthokozisa abantu ngezinkondlo namahlaya. Usuku lwaphela seli-16:30 ngelinye ikhofi nezidlo ezilula ngesikhathi izithunywa zihlala isikhashana eside zixoxa nabalingani bazo abasuka emazweni ahlukahlukene omhlaba wonke. Ngosuku lwesibili, u-Peter Mekgwe wemukela izithunywa wabuye wethula isikhulumi esiqavile, u-Chris Wendt, njengamanje eyiMenenja Yeqembu eMnyangweni wakwa-Microsoft Machine Translation. Kwakuphakathi kwamabili kuye e-Redmond, Washington ngesikhathi eqala enza isethulo sakhe ngehora lesi-09:00 e-Goli. Ukuxhumana nge-Skype kwasebenza kahle kakhulu ikakhulu ngosizo lwekhamera yelensi esondeza eduze, wayekwazi ukubona labo ababembuza imibuzo. Yamgculisa kakhulu iseshini yemibuzo nezimpendulo kangangoba kwathi sekuphelile waxhumana nehhovisi le-SATI ukudlulisa ukubonga ngokuba ingxenye yenkomfa, kodwa wabuye wengeza ngokuthi ufuna ukuzifikela mathupha kwinkomfa elandelayo. Iseshini yakhe yaba enye yalawo agqamile kunkomfa lapho ayechaza khona indlela ukuhumusha kwabo okwenziwe ngemishini okusetshenziswa ngayo, yibuphi ubuhle nobubi bakho, kanye nobunzima abahlangabezana nabo. Wabuye wenza okwahlaba umxhwele: ngesikhathi ekhuluma, loku ayekusho kwakuvela kuskrini! Loku kwasikhumbuza ngobuchwepheshe obutholakalayo. Iseshini yakhe eyathatha ihora elilo-1 ½ yashiya izethameli nokuningi ezazizoxoxa ngako futhi kwakukuhle ngoba kwakunekhefu lokuphunga ikhofi ukwenzela ukuthi izithunywa zizixoxele ngezikubonayo. Emuva kwekhefu lekhofi kwaba khona iseshini yokunethiwekha okusheshayo lapho izithunywa zahlaliswa zazungeza amatafula anezinombolo futhi bazazisa kwabanye bashintshana nangamakhadi amabhizinisi esikhathinini esingangomzuzu. Maphakathi nohleko nokuphithizela okuhlelekile, abantu bashintshana ngamatafula bazazisa kwabanye, bagcina behambe bexhumene nenqwaba yabantu bethole namathuba ebhizinisi.

3

Okwaqhakambiseka kunkomfa kwaba Umcimbi Wokuklomelisa lapho i-SATI yakhipha khona izindondo mayelana Nokuhumusha Okuvelele Nezichazimazwi.

UMazisi Kunene osadlula emhlabeni wathola umklomelo Ngesihumusho Esivelele Sezemibhalo ngesihumusho i-“Emperor Shaka the Great” esisuselwe esiZulwini “UNodumehlezi KaMenzi”. Le nkondlo yi-ephikhi enamagama angama-80 000 emayelana neNkosi uShaka Zulu yayihunyushwe imbongi uqobo. Kungokokuqala ukuthi ukuhunyushwa kususelwe oLimini Labomdabu kuklonyeliswe ngomklomelo we-SATI Wesihumusho Esivelele Sezemibhalo futhi kwakungokokuqala lomklomelo unikezelwe sekwadlula isikhathi. UNkosikazi wakhe, uNkosikazi Mathabo Kunene wemukela umklomelo egameni lakhe.

F.l.t.r: Peter Mekgwe, Mrs Mathabo Kunene, unkosikazi ka-Prof Kunene Eleanor Cornelius osadlula, Lamakhosi Kunene no-Rre Kunene Umklomelo ovelele we-SATI wokuhumusha I non-fiction waya ku-Bridget Theron-Bushell owahumusha i-Die Dorsland Trek 1874-1881 ngeSingisi njenge The Thristland Trek 1874-1881. Ubude balomqingo bungamakhasi angama-680, ususelwe kucwaningo olunohlonze luka-Nicol Stassen. Kwesokudla: f.l.t.r: Peter Mekgwe, Eleanor Cornelius, Bridget Theron-Bushell

Ukuhumusha okuvelele kwezincwadi zabantwana kwaklonyeliswa u-Kobus Geldenhuys ngokuhumusha kwakhe i-The Twits ka-Roald Dahl kuya kwi-Die Twakke.

Kwesobunxele: f.l.t.r: Peter Mekgwe, Eleanor Cornelius, Kobus Geldenhuys

4

Umklomelo Wesihumusho Esivelele Wesichazimazwi waklonyeliswa iqembu labahleli lika- Albert Venter, Susan Botha, Louis du Plessis no-Mariëtta Alberts NGOKUCHAZWA KWESICHAZAMAZWI SEPOLITIKI kwabo esinezilimi ezimbili esimatemu awumnyombo wesayensi yepolitiki / VERLARENDE POLITIEKE WOORDEBOEK Twee kermerme en – definisies in politieke wetenskap. Kwesokudla: f.l.t.r: Louis du Plessis, Peter Mekgwe, Eleanor Cornelius, Mariette Albert and Albert Venter Kwafundwa i-commendatio emayelana nezizathu zokuthi kungani ukuhumusha ngakunye kufanelwe ukuklonyeliswa nokuthi bonke abaphumelele banikezwe ithuba lokukhuluma nezethameli. U-Peter Mekgwe wanikezwa umsebenzi wokudlulisa ukubonga nokuvalwa komcimbi, wonke umuntu wabe esebona afike ngayo. Sibonga siyanconcoza kuwo wonke umuntu owenze lo mcimbi waba ngokhethekile, osebenze kanzima ukwenza wenzeke futhi wafaka isandla kunqubekela phambili eqhubekayo. Siyohlangana futhi ngo 2021!

Theresa Bender

Kukhunjulwa u-Marion Boers

Izindaba zokudlula emhlabeni kuka-Marion Boers ziyithusile impela imboni yezilimi. Kuzoshiya ngokuqinisekile isikhala esikhulu, hhayi eNingizimi Afrika kuphela, kodwa emhlabeni wonke. Igalelo lakhe njengoMengameli we-International Federation of Translators (FIT) - hhayi kanye kodwa izinkathi ezimbili, kuzohlomulisa kahle yonke imboni esikhathini esizayo.

U-Marion wayenguMelulekile oHloniphekile (Honorary Advisor) futhi wayeke waba ngumengameli we-FIT waphinda waba uMqondisi oPhakeme we-

SATI. Waba owokuqala ukukhethelwa isikhundla soKwengamela i-FIT ngo-Agasti 2008 e- XVIII FIT World Congress eyayibanjelwe e-Shanghai, e-China. Abomkhandlu ayeke wasebenza nabo bachaze ukusebenza no-Marion njengokuhloniphekile, baphinde bancoma nokuzinikela kwakhe kulo mkhakha wokuhumusha nokuzilibala nokuphatha ngokucophelela izindaba ze-FIT.

Igama lakhe lalifana nele-SATI, lapho enza khona umsebenzi oncomekayo njengomqondisi ophakeme phakathi kuka-Agasti 2001 no-Julayi 2018. Usazokhunjulwa naseminyakeni eminingi ezayo. Wathinta abantu abaningi ngokulunga nokuzikhohlwa kwakhe – iningi labo elalingazi ukuthi ulwisana nesifo somdlavuza isikhathi eside kangaka.

Kwi-SATI nakwi-PEG wayezinikele kakhulu, futhi wayehlala elungile nomoya wakhe ophansi kodwa amazwi akhe ayenesigqi. Wayengapheli mandla ngokuba ingcweti, kodwa ngaphezu kwako konke uyohlale ekhunjulwa ngomusa wakhe.

Iqhawe lalo msebenzi wethu futhi nomngani weqiniso kulabo ake ahlangana nabo esaphila.

Alale ngoxolo!

Jansie Matthee

5

Imicimbi ye-SATI ka-2018 Bheka imininingwane yemicimbi ngezansi lapho uMkhandlu we-SATI usebenza noma ehlelwe izahluko ze-SATI ezahlukene. Imininingwane izolandele ngokufingqiwe masonto onke, kodwa okwamanje ungabekisa kudayari yakho.

10 Novemba SATI Free State – Forensic Linguistics colloquium

24 Novemba SATI Western Cape – Introduction to Viva, by Jana Luther

Ezihlabahlosile I-Dubbing EkuHumusheni e-Bollywood e-Yurophu: Ingxoxo ebalulekile Ukusatshalaliswa kwamafilumu ase-Bollywood okuloku kukhula emhlabeni wonke, kanye nase-Yurophu, kwenza kugxilwe emikhubeni yokuhumusha yedubbing ne-subtitling njengento ebalulekile ethinta ukwamukelwa kwezamafilimu phesheya, kanye nendima edlalwa ukusefwa kwemikhuba esuselwa kwelinye isiko kuya kwelinye sekwenze ukuphikisana ngezindlela amasiko ezilimi aboniswa futhi ahumushwe ngayo, loku kudala izinkinga ngokusetshenziswa kwezilimi eziningi nobudididi obenzakayo eNdiya. Manje-ke, ingabe isinema iwulimi lomhlaba wonke yini? Ngokuphambene nalokubambezeleka, kubalulekile ukubuza ukuthi ukuseteshenziswa kwezilimi eziningi embonini yase-Bollywood kukhiqiza isiko lokuqondanisa noma lokungaxhumani nolimi ekususelwe kulo kanye nensakavukela yokungaqondani ngokwamasiko “i-Dubbing Ekuhumusheni e-Bollywood e-Yurophu: Ingxoxo ebalulekile” ingeyokuqala emcimbini we-AHRC efuna ukuhlanganisa izifundiswa nabacwaningi bezemisebenzi bakudala esinema edumulie yama-Hindi. Ufinyelelaphi umthelela wezilimi noma ushintsha izindlela ezijulile ezamukelwa ngazo futhi nokusetshenziswa kwawo embonini yomhlaba eYurophu? Amasiko ethu nezincazelo ezithintekayo ngokuguquka kwezilimi, ukuhumusha nokusetshenziswa kwezilimi ezihlukene enkulumweni eyodwa? Amafilimu aguqulwa kanjani ohlelweni lokuhumusha? Kungahumushwa kanjani ukuphimisa okuwumsuka? Le ngxoxo ebalulekile ingeyokuqala eqondiswe ekucabangeleni ezenhlalo, futhi kabanzi okuqondiswe ngokwezamasiko okuwukuthi i-dubbing ne-subtitling inani ohlelweni lokudluliselwa kwesiko lesinema yase-Bollywood maphakathi nomongo waseYurophu. Futhi, iziphi izindlela zokuziphatha, ngokwezobuchwepheshe, ezezilimi nezinto ezisobala ezizungeze lemikhuba maphakathi namazwe ase-Yurophu? Imibuzo enjengalena yenza kubuyelwe emuva kumibuzo yokusetshenziswa kwezilimi eziningi esinema yodumo yama-Hindi ngokusatshalaliswa kwayo umhlaba wonke, ikakhulukazi ngokugcizelela kwayo emongweni wase-Yurophu. Izihloko eziqukethwe ilezi, kodwa azigcini kuloku kuphela:

• Imilando yezezilimi ezahlukene emafilimini ase-Bollywood

• Ubuchwepheshe nezindlela ze-subtitling e-bollywood

• I-Dubbing e-Bollywood

• Imingcele yezilimi

• “I-Regionalism” ne-Bollywood e-Yurophu

• Umbhalo wokuhumushiwe we-Audio-visual

• Izinkulumo-mpikiswano ne-synchronicity

• I-Synchronicity yamasiko namagama

Umcimbi uzokwenziwa mhla ziyi-13 kuya komhla ziyi-14 Disemba 2018 eNyuvesi yase-De Montfort. Silindele ukuthi sibe nemizuzu eyi-15 kuya kwengama-20 yesethulo kanti uma ufuna ukuhambisa i-abstract (250 wamagama), uyacelwa ukuba uyithumele ku Dr Monia Acciari ku [email protected], ungakadluli umhlaka 10 Novemba 2018. Ama-PhD nabacwaningi bezemisebenzi bangafaka izicelo zemifundaze emincane yohambo (small travel bursary) engafinyelela ku £100, ukukhava izindloko zohambo. Kunemifundaze emi-3 engaklonyeliswa abofakela kuqala (ofike kuqala uyothola kuqala). Lomcimbi owamahhala, futhi uyingxenye ye-projekthi exhaswe i-AHRC “i-Multilingual Euro-Bollywood: an ‘imaginative-language’ Workshop”, kodwa kumele uqinisekise ukuthi uyofika. (https://www.creativeml.ox.ac.uk/blog/exploring-multilingualism/creative-multilingualism-owri-funded-projects) Umcimbi Womhlaba Wokuklomelisa e-Iran Abantu abaningi bahehwa amasiko nemibhalo yase-Iran nokuhumusha kuyindlela enhle yokubaxhumanisa.

6

Imisebenzi ehunyushiwe yomhlaba neyezwe inenhloso yokuxhasa imisebenzi eyokwethulwa phesheya kwezilwandle enye yezindlela esetshenziswa amazwe ukujwayeza umhlaba wonke ngamasiko awo. Kunezinhlelo eziningi zokweseka e-Iran okuhloswe ngazo ukwenyusa inani lemisebenzi ehunyushiwe esuselwe e-Persia yayiswa kwezinye izilimi. I-Translators and Interpreter's Association yase-Tehran (TIAT) nayo ihlose ukuvula indlela ye-International Translation Award. Umcimbi wesi-4 we-National Ceremony of Translators & Interpreters e-Iran uyoba isiqalo esethembisayo kulomzamo. I-International Translation Award Committee yase-Iran, yenziwe ilabo abazinikele abasuka embonini yabahumushi, yakhe ibhange ye-data yemisebenzi ehumushiwe ehlose ukwenza imiklomelo yemibhalo esemisha esuselwe olimini i-Persian yaya esiNgisini eminyakeni emi-5 eyedlule. Kuthenjwa ukuthi lo mklomelo uyonikezwa labo abaphumelele emikhakheni eyahlukene nezilimi eminyakeni ezayo. Kuyohlolwa imisebenzi efanelekile ngokwezinga lokuhumusha, ukukhiqiza, ukusatshalaliswa nombiko owenziwe ilabo oyobe uqondiswe kubo. Umhumushi oyothola amavoti amaningi uyoklonyeliswa. I-Saadi Foundation iyonikela ngomklomelo wekhefu elikhokhelwe ngokugcwele ukuya e-Iran amasonto amabili noma ngaphezulu ukuyofunda ngokuthe xaxa mayelana nezemibhalo yase-Persia. Ukuze uthole olunye ulwazi, uyacelwa ukuba uvakashele www.tiat.ir

Ubulungu Amalungu Amasha: Henrietta Cloete, Rediet Hirpaye, Sibongile Oageng Msimango, Karen Hallez, Norman Neshena, JJ (Julio) Da Silva, Stheis Madera Moubassango, Kefuoe Cricolia Hlapisi. Development fund: Rediet Hirpaye, Sibongile Oageng Msimango, Zola Qogqo, Marion Boers.

Ufushaniso lokubuza e-SATI I-SATI ithole izicelo ezingama-24 zochwepheshe bezilimi ngenyanga ka-Septhemba 2018, mayelana nezinhlobo ezahlukene zamasevisi ezilimi eziyi-14, njengoba kuveziwe kugrafu lapha ngezansi. Izicelo zazivela kosomabhizinisi, amaklayenti aphesheya, izikhungo zezomthetho, izikhungo zokwelapha, abantu nje kanye nesikole.

Ukuhlelwa kwesiNgisi: Christo Snyman Isihumusho sesiZulu: Dudu Mlaba, Yvonne Malindi

Isihumusho sesiXhosa: Buyiswa Njobe-Mini Isihumusho sesiSuthu saseNingizimu:

Isihumusho sesiSuthu saseNyakatho: Vuyelwa Miya, Richard Tshepo Mokoena Inkumusho yesiPedi: Khutso Senyatsi

Isihumusho sesiVenda: Mulalo Takalani

0 2 4 6 8 10 12

IsiZulu

IsiXhosa

IsiVenda

IsiThekhishi

IsiPenishi

IsiSuthu

IsiRashiya

IsiPutukezi

IsiGrikhi

IsiJalimane

IsiFulentshi

Izilimi zaseYurophu

Isi-Bulgarian

IsiBhunu

Ulimi ngalunye - ngoSeptemba 2018